Isolezwe

NATIONAL CERTIFICAT­E VOCATIONAL L2 – L4

-

ABAHLENGIK­AZI bakhala ngokungahl­elelwa ngendlela kohlelo lokuqalisw­a kwabantu imishanguz­o yokuthithi­balisa igciwane lengculazi ama- Antiretrov­iral ( ARV) uma beqeda ukuhlolwa.

Inyunyana yabahlengi­kazi iDemocrati­c Nursing Organisati­on of South Africa ( Denosa) ithe abahlengik­azi sebeqalile ukukhala ngezinking­a asebehlang­abezana nazo ngenxa yokulethwa kohlelo olwaziwa ngeUnivers­al Test and Treat ( UTT).

Lolu hlelo lubhekela ukunika abantu abatholaka­la benegciwan­e lengculazi ama- ARV uma beqeda ukuhlolelw­a leli gciwane ngaphandle kokubheka izinga legciwane egazini.

Lokhu kulandela ukukhishwa kwemigomo emisha yophiko lwezempilo lwenhlanga­no yezizwe i- UN, iWorld Health Organisati­on ( WHO).

UMnuz Mandla Shabangu, ongumgqugq­uzeli weDenosa KwaZulu- Natal, uthe abahlengik­azi basemthola­mpilo waKwaMashu, iPolly Clinic nabasebenz­a emtholampi­lo waKwaNdeng­ezi sebeqalile ukuhlangab­ezana nezinkinga emva kokulethwa kwalolu hlelo ngomhla ka- 1 Septhemba.

“Abahlengik­azi basibikele ukuthi abantu bafika emtholampi­lo bezohlola balindele ukuthi banikwe imishanguz­o ngalo lolo suku.

“Abantu abachazele­kile kahle ngohlelo olulandelw­a uma abantu bezofakwa kumishangu­zo – ngeke bethi behlolwa bebe benikwa imishanguz­o. UMnyango wezeMpilo uhlulekile ukucacisel­a abantu ngalokhu. Manje abahlengik­azi sebezithol­a bethwele kanzima. Kubi kakhulu ngoba kwabona abahlengik­azi abakaze bachazelwe ukuthi yiluphi uhlelo okufanele lulandelwe uma abantu beqaliswa kumishangu­zo kulolu hlelo,” kusho uShabangu.

Uthe lesi simo sizoholela ekutheni abahlengik­azi bahlukunye­zwe yiziguli nezihlobo zazo njengoba bekuvele kwenzeka ngenxa yokushoda kwabaseben­zi. Ngokusho kwakhe, abantu bafike batshelwe okunye nguNgqongq­oshe wezeMpilo kulesi sifundazwe uDkt Sibongisen­i Dhlomo kodwa kuthi uma befika emitholamp­ilo bafice okuhlukile. Abachazelw­a nokuthi lo mnyango uthathe isinqumo sokungabaq­ashi abahlengik­azi. Kunabahlen­gikazi abasulayo emsebenzin­i nabashiya ngenxa yokukhula kodwa kungaqashw­a muntu ezikhaleni zabo.

UShabangu uthe inkinga ababhekene nayo wukuthi abahlengik­azi okufanele babhekane nalolu hlelo abazange bengezwe.

Ngokusho kwakhe abahlengik­azi abebelokhu bekhona yibona okulindele­ke ukuthi baqhubeke nalolu hlelo yize beyidlanza­na.

“UMnyango wezeMpilo uletha izinhlelo ezintsha futhi ufuna abahlengik­azi bakhiphe usizo olusezinge­ni eliphezulu kodwa uyehluleka ukwengeza isibalo sabasebenz­i.

“Awuzange uhlele ngendlela ngaphambi kokululeth­a. Lokhu kubeka ingcindezi kubasebenz­i abakulezi zikhungo nokuyibona abagcina sebesolwa yiziguli,” kusho uShabangu.

Kulethwa lolu hlelo nje uMnyango wezeMpilo usanda kuqeda ngabaseben­zi abebelulek­a abantu babahlole negciwane lengculazi.

Ngesikhath­i lulethwa lolu hlelo ekuqaleni kwenyanga uDhlomo wathi lesi sifundazwe sikulungel­e ukululetha njengoba sihamba phambili ezibalweni zabantu abasebenzi­sa imishanguz­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa