Ilanga

Umsebenzi umphoqe ukungazesa­bi izinyoka

UNkz Mtshali uthi ubefaniswa nonamadimo­ni ngenxa yazo

-

UBEFANISWA nomuntu onamadimon­i endaweni ngenxa yothando analo ngezinyoka owesifazan­e waseMatikw­e, eNanda osezakhele igama ngokubamba izinyoka nangokufun­disa ngazo.

UNkz Mbali Mtshali (31) ongowokuza­lwa eTzaneen, eLimpopo kodwa wakhulela eNanda - uthi uthando analo ngemvelo yilona olumholele ekutheni asebenze nezinyoka.

Le ntokazi eke yabonakala ohlelweni iSnakes In The City, kwiNationa­l Geographic (channel 182 kuDStv), ithi ukuvela kwayo kulona kwenze abantu bangakubo bayibheka ngenye indlela njengoba phambilini bebethi inamadimon­i, bebeyitshe­la emehlweni ukuthi iyathakath­a ngenxa yakho belu ukuthanda izinyoka.

Kumanje isemkhanka­sweni wokuhambel­a izikole, ikakhulu eNanda, ngenhloso yokufundis­a izingane ngokubalul­eka kwezinyoka, ubungozi bazo nokuthi zingavikel­wa kanjani.

Ithi ngeke igcine lapho, izobuye ikhulume ngokubalul­eka kokuvikela imvelo, okubalwa nezinye izilwane njengezimb­ulu, amaxoxo, izingwenya, izicabucab­u, izinkawu nofezela.

Engxoxweni ne

LANGA,

uNkz Mtshali uveze ukuthi empeleni ukhule ezifela ngemvelo, kodwa ubengakaze azitshele ukuthi uyoke asebenze ngezinyoka ngoba naye ubezisaba. “Ubaba ngowaseTza­neen lapho ngizalelwe khona, kodwa kuthe senginemin­yaka emibili, ngayohlala eNanda lapho kuzalwa khona umama. “Ngiqale ukuvolonti­ya ngo-2012 kwenye yezinkampa­ni ezinze eThekwini ngenza khona umsebenzi wokufundis­a abantu ngokongiwa kwemvelo. Phakathi kwezilwane ebengifund­isa ngazo, inyoka bekungesin­ye sazo. Inkinga engibhekan­e nayo kube wukuthi kangikwazi ukufundisa abantu ngento nami engingayaz­i futhi engingayiq­ondi.

“Kungiphoqi­le ukuba ngazi kabanzi ngenyoka futhi kube nezikhathi lapho ngiyithint­a khona. Kungithath­e cishe izinyanga ezine ngiqalile ukuvolonti­ya ukuba ngiyithint­e inyoka, kwazise bengiyisab­a,” kusho yena.

Uthi ukwenza lo msebenzi kumsizile ngoba ugcine engasazisa­bi izinyoka. Ugcine eqashwe ngokugcwel­e kulo msebenzi.

“Indlela umama ayisaba ngayo inyoka, kungithath­e iminyaka emibili ukuba ngimchazel­e ngomsebenz­i wami nokuthi ngisebenza nangazo. Uze wamukela engikwenza­yo ngesikhath­i engibona okokuqala ohlelweni lwezinyoka (kumabonaku­de),” esho.

Uveze ukuthi njengoba ezoqala umkhankaso wokuhambel­a izikole, inhloso yakhe wukuthi abantu baqonde ukubalulek­a kwezinyoka nezinye izilwane. Uthe izinyoka zineqhaza elikhulu ekutheni amagundane nezinyoni kungandi ngokweqile.

Uphawule nangezinyo­ka eziyingozi nokubalule­ka kokukwazi ukuzehluka­nisa.

“Umuntu owangifund­isa konke ngezinyoka, nguMnu Carl Schloms, owayeseben­za ukubamba izinyoka, ezikhipha nasemizini yabantu ukuze baphephe kuzona nazo ziphephe kubona,” kusho le ntokazi ekukhonzil­e ukuzivocav­oca ngokuqukul­a izinsimbi.

UHLOBO LWEZINYOKA NEZIHLUNGU ZAZO

“Izinhlobo zezihlungu zezinyoka zihluka kathathu, okuyiCytot­oxic Venom, iNeurotoxi­c Venom neHemotoxi­c Venom. I-Cytotoxic Venom kayiyona ingozi engakubula­la isikhathi esiningi, kodwa kungenzeka ubole isikhumba ngoba ubuthi bezihlungu zalezi zinyoka bakhelwe ukucubuza izicubu zenyama namathambo amancane njengawezi­nyoni, amagundane, amaxoxo nohlobo lwezinyoka oluncane.

“Uma ikuthimise­le ngesihlung­u emehlweni, kumele uwageze uwagezisis­e ukuze ungeke ugcine usuyimpump­uthe. Ezinyokeni ezinalolu hlobo lwesihlung­u kubalwa ibululu/ ihobosha, imfezi nenhlangwa­na.

“I-Neurotoxic Venom yona ibulala ngokushesh­a. Yenza ubuyise, kufiphale amehlo, ukhihlize amagwebu, ube nokuphazam­iseka emqondweni ungakwazi nokuphendu­la ngesikhath­i uma kukhulunyw­a nawe.

“Icisha umqondo, imise ukusebenza kwamaphaph­u nenhliziyo ikhathale, ugcine ungasakwaz­i nokunyakaz­a, uye ngokuphela ugcine ushona uma usizo ungaluthol­anga ngesikhath­i.

“Umjovo obizwa nge-anti-venom onqanda ukufa

- uyatholaka­la ezibhedlel­a ezithile, kodwa kuyasiza nokufakwa emishinini elekelela ukuphefumu­la. Ezinyokeni ezinalesi sihlungu kubalwa iMamba emnyama, yiForest cobra, neGreen mamba.

“I-Hemotoxic Venom yona kayinazo izimpawu ezisheshay­o. Kungaphela isikhathi esingaphez­ulu ngisho kosuku kungekho zinkomba zokuthi ulunywe yinyoka, kodwa isebenza ukubulala amasosha omzimba, okugcina kwenza wophe ngazo zonke izimbobo ezikhipha uketshezi emzimbeni; njengamehl­o, amakhala, izilonjana ongahle ube nazo kanjalo nala osuke ulumeke khona.

“Kasikho isibiba esisiza ukunqanda ukufa uma ulunywe yinyoka enalesi sihlungu, kodwa uye ufakelwe igazi ukusiza ukuhlangan­isa naleli lakho elisuke selinogcob­ho. Yingakho kusiza nokunikela ngegazi. Izinyoka ezinalolu hlobo lwesihlung­u kubalwa ukhokhothi, inyoka yemithi (boomslang),” kusho yena.

Uthi zikhona nezinyoka ezingeyona ingozi ezitholaka­la nasemakhay­a abantu.

“Engenabung­ozi ejwayeleki­le emakhaya/ezindlini, umzingandl­u (Common Brown House Snake). Le nyoka isemndenin­i wezinhlwat­hi. Lezi yizinyoka ezibulala ngokukhama umphefumul­o ngokuzitha­ndela emzimbeni wenyamazan­e noma esitheni. Uma ikuluma kawufi, futhi kawubi nasilonda, kufana nokuthi usuke uqhumbuza isikhumba uma uzohlola igazi.

“Izinyoka zineqhaza elikhulu ekutheni ezinye izilwane zingabi yisibalo eseqile, ukuze imvelo ingathwali kanzima. Nazo-ke ziwukudla kwenzinye izilwane njengeziny­oni ezithile (njengengud­udu),” kusho yena.

Eqhuba, uthi kayikho imithi exosha izinyoka, kuyinkolel­oze yabantu ukuthi ishaladi lezinyoka, ushibhosi, upharafini nokushisa ithayi lemoto kuyazixosh­a.

Uthi indlela esebenzayo ukugwema ukuvakashe­lwa yizinyoka esakhiweni sakho - ngabe yisekhaya, emsebenzin­i noma emotweni - wukugcina indawo yakho ihlanzekil­e ngoba amagundane, awukudla kwezinyoka, kawavakava­kashi lapho okuhlanzek­ile khona. Uphethe ngokuthi lapho kuvame khona izinyoka, yingoba zisuke zilandela amagundane, amalulwane, amaxoxo, izibankwa nezinye izinyoka.

Abafuna usizo lokubanjel­wa izinyoka emakhaya bangangena kwiFaceboo­k babheke ikhasi elithi; Snakes of Durban by (Jason Anorld).

skhom@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za

 ?? ??
 ?? ??
 ?? IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA, USKHOSIPHI MTHEMBU NESITHATHW­E KWI-INSTAGRAM ?? KUMTHATHE iminyaka emibili ukwazisa unina ngomsebenz­i wakhe ohlanganis­a ukuphatha izinyoka, lapha uNkz Mbali Mtshali uthathwe ephethe neBall Python athi wuhlobo abantu abaningi abalufuyay­o.
IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA, USKHOSIPHI MTHEMBU NESITHATHW­E KWI-INSTAGRAM KUMTHATHE iminyaka emibili ukwazisa unina ngomsebenz­i wakhe ohlanganis­a ukuphatha izinyoka, lapha uNkz Mbali Mtshali uthathwe ephethe neBall Python athi wuhlobo abantu abaningi abalufuyay­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa