Uhulumeni uthatha le ngcosana yomcebo uyifuhlela kubelungu
UMA kukhulunywa ngabantu abanesibindi esifaswe ngebhawoti, kushiwo uhulumeni osiphethe.
Sekucace bha kuhle kwensila yomlungu ukuthi ngesikhathi lezi zimambana eziphethe uhulumeni zisekudingisweni, zazifunda amaqhinga okuthi zizosenza kanjani omandukulu, ukuze zikwazi ukuntshontsha sibhekile.
Le ndaba kahulumeni yokuhlela ukugixabeza ikilabhu yaseEngland, iTottenham Hotspur ngo-R1 billion - sikhohliswa kuthiwa kwenzelwa ukuthuthukisa ezokuvakasha - ngenye yezinto osikhombisa ngayo ukuthi singolamthuthu bawo.
Ngiyezwa kuthiwa kunensizwa yakwaKhumalo eqashwe wuMnyango wezokuVakasha okuthiwa ingumfundisi onebandla "elavusa" umuntu kwabafileyo ngo-2019 - okuyiyona ehamba phambili kulolu daba.
Sihlale sikhala sithi abelungu bantshontsha umhlaba nomcebo wethu, gwiqiqi, sekuyithi esithatha kwawona lowo mcetshana ongekho, siwufuhlela kubona abelungu.
Khona-ke ngubani ozovakasha ngoba nakhu kufike iSpurs eMany Cannibals Africa?
Okuvele kungidide kungikhiphe amakhovula, kuhle kwe-analytical geometry, wukuthi kunabantu abayivumayo le ntimbothi.
Ungathi sinenkinga kagesi oquleka nsuku zaphuma, kukhalwe ngokuthi imali kayikho, kodwa uhulumeni wethu unesigaxa sesibindi esingangeseBasking shark, sokuthi kunikwe abelungu base-England imali engaka? Kwaqala ngefulegi lika-R22 million, manje sekuwu-R1 billion.
Khona-ke sekuthiwa siheha abelungu ukuba bavakashe eMany Cannibals Africa, let’s use common sense. Ukhona umuntu ongavakasha ezweni azi kahle ukuthi kulona uzobanga amabhishi nendle? Ukhona umuntu ongavakasha ezweni lapho kuvele kubulawe abantu sengathi kusefilimini kaDanny Trejo?
Phela leli lizwe seliphethwe yimigulukudu, umuntu ovakasha kulo kumele ahlale azi ukuthi usebizwa wukufa. Nakhu nje eClermont naKwaMashu kuqothwe abantu, kodwa uzwa kuthiwa sisaphenya.
Kuphenywa kuphenywani bakithi, kutadishwa iBhayibheli yini? Ngivele ngijabhe uma sengizwa abantu bethi: “Sisazowuvotela lo hulumeni ngoba wasilethela inkululeko.”
Ngisho ngenhliziyo ngithi: “We bhatata, abanye abantu abamnyama kuleli baloywa nguPW Botha, wangcwatshwa nezikhwama zakhe. Ingqondo yabo yasala ku-1993.” Ungathi yinkululeko le mfeketho?
Ikhona inkululeko uma singenamanzi, singenagesi, sibhuqwa yizigebengu, abantu bengasebenzi? Abanye ubezwe bethi ngabelungu abanyomfa uhulumeni ukuze ubukeke njengezahluleki.
Hheyi we bantu, vukani ekhwanini njengofukwe, lo hulumeni kawubukeki njengezahluleki, uyizona, futhi uyilezi zokuqala zokugcina.
Mina nje ibhola ngaqala ukulilandela ngineminyaka eyisihlanu ubudala ngo-1985, ngisaphotha iWits University, kodwa uma ungangibuza abadlali beSpurs le esigixabezwa ngemali yethu, ngeke badlule empameni.
Nakhona futhi kungaphela 5 minutes ngizama ukubakhumbula. Uma ngithe Harry Kane, Son, Ivan Perisic, Richarlson, Eric Dier kuyobe sekulandela u-etc.
Manje-ke umbuzo wami uthi, kanti asaphela yini amasayilomu eMany Cannibals Africa ukuze sihambise khona lo muntu onqume ukuba kugixabezwe iSpurs ngale mali yethu noma mhlawumbe vele kuseyiqhinga lalezi zigebengu zasekudingisweni - ezizibiza ngabaholi - lokudla imali?
Phela thina esingathandi amaqembu ethu ezepolitiki size sisangane - njengomuntu obheme weqisa kwintshokovane - kasivumi yonke i-nonsense esiyitshelwa yilaba bantu abazibiza ngabaholi.
Yingakho lingekho kwalona iqembu lezepolitiki engililalendayo, kangizwani nemfeketho. Khona-ke bekuthiwe kabekho yini abantu abangenza izinto ezingaheha izivakashi kuleli?
Kunabantu abasezindaweni zasemakhaya abangenza into yamehlo ekuheheni izivakashi, kodwa ngoba phela ngabakwantuthu, bathathwa kancane njengalo powder ohogelwa yizigebengu emafilimini.
Inkinga yalo hulumeni wukuthi uphila isilungu, wazi ukuthi yonke into i-right uma yenziwa ngesilungu.
Ngisho zona izimambana lezi ezihlale zithi zingamaPan Africanist - ezisemabhentshini amaqembu aphikisayo - ngamaPan Africanist ngomlomo, zibathanda kabi abelungu.
Angisho ukuthi abelungu mabazondwe ngoba nami nje uma ngingathola intombi yakhona, kungathi kuphela unyaka sibe samukela isipho esivela kuNkulunkulu, uWelani Jurgen MchunuSchmidt.
Uma ningashintshi ukwenza badingiswa, siyoyicel’ ivuthiwe, nawu u-2024 emnyango.