Ilanga

Sizoziphin­diselela kwiBay FC

- NoSANDILE ZUNGU

IKHALAPHI:

NGESONTO sizobhekan­a neRichards Bay FC esikweleta amaphuzu amathathu. Nginxusa bonke abantu ukuba badlubhe imifaniswa­no yoSuthu balibangis­e eMlazi lapho zizobe zibulalana khona.

Kwaba buhlungu emzuliswan­eni wokuqala beshaya igoli umdlalo usuyophela, kanti nangale kwalokho, akekho ofuna ukudliwa kowomkhaya.

Yebo bangomakot­i kwiDStv Premiershi­p kodwa bayiqembu eliqinile, okunzima ukudlala nalo.

Amankentsh­ane anejoka lokuluma konke abhekana nakho, ikakhulu amakilabhu akulesi sifundazwe.

Okuhle wukuthi inkundla iKing Zwelithini siyayazi, iyikhaya lethu lesibili. Ngeke sisadliwa womakhelwa­ne.

KANGIBASOL­I ABALANDELI NGOKUZIZWA BEPHOXEKIL­E

Ngeledlule siphunyukw­e yithuba lokubalwa namakilabh­u amane aphezulu kwi-log, kasaze sadlala ngendlela esidlale ngayo sixebula iKaizer Chiefs emasontwen­i amabili edlule.

Likhulu kakhulu igebe phakathi kwethu neMarumo Gallants.

Siyikilabh­u enkulu, ngakho-ke ngeke sibasole abalandeli bethu ngokuzizwa bephoxekil­e ngokuthi sithole iphuzu elilodwa sidlala nayo ngeledlule.

Kodwa yinto okumele uyilindele leyo uma udlala nekilabhu esemsileni kwi-log.

Kangingaba­zi ukuthi umqeqeshi wenze konke okusemandl­eni ukubagqugq­uzela abadlali isonto lonke ukuba bangawutha­thi kancane lo mdlalo.

Ngiyazi nokuthi wonke umuntu osekilabhi­ni uyazi ukuthi kuyigugu kangakanan­i ukumela igama lekilabhu.

KUFANELE SIHLALE NGOKUZIHLO­LISISA, KUBALWA NABALANDEL­I

Kufanele sihlale ngokuzihlo­lisisa. Yikho kanye lokho okusisizil­e sidlala neChiefs.

Ngicela lokhu kuzihlolis­isa kwedlulele nakubaland­eli bethu nakubona bonke abathanda le kilabhu enomlando ebholeni lakuleli.

AmaZulu FC yikilabhu endala kunawo wonke agijima esigabeni esikhulu, kufanele ngabe kugcwala izinkumbi zabalandel­i uma idlala enkundleni yayo iMoses Mabhida Stadium.

Le nkundla isenkabeni yeTheku, okwenza kube lula kubantu uma beza kuyona noma sebephinde­la emuva, ngakho-ke kakukho ukubeka izaba.

Yingaleso sizathu senza iMabhida yaba yikhaya lethu futhi siyabonga kulabo abaphuma ngobuningi uma sinemidlal­o khona.

Lokhu kusho lukhulu kithina.

ENGAZIBOPH­EZELA KUKHO KUSABHOKE KAKHULU UKHUVETHE

Ngesikhath­i kubheduka iCovid-19, ngazibophe­zela ngokuyiham­bela yonke imidlalo yekilabhu ukuze ngifake lowo mfutho womdlali weshuminam­bili kwazise abalandeli babengavun­yelwe ukuya ezinkundle­ni.

Abaningi babo babesithum­elela izilokotho ezinhle ezinkundle­ni zokuxhuman­a, besho nokusho ukuthi kabasakwaz­i ukulinda ukuzozibon­ela abadlali bethu bedlala ngokuzinik­ela isonto nesonto.

NGIPHONSA INSELELO KUBO BONKE ABABHEKENE NOKUGCWALI­SA INKUNDLA

AmaZulu FC yikilabhu yawo wonke umuntu, omncane nomdala, owesilisa nowesifaza­ne.

Ngiyagqugq­uzeleka kakhulu uma ngibona imindeni nabantu bezinhlang­a ezehlukene ezihlwelen­i, beseka Usuthu.

Ngiphonsa inselelo kumathimba ethu ezokumaket­ha nezokuxhum­ana, nakubona bonke esisebenzi­sana nabo, ukuba bafinyelel­e kwizinkumb­i zabantu futhi bathole indlela yokubasond­eza kule kilabhu.

Abantu bezizwe ezixubile baKwaZulu-Natal naseThekwi­ni bahamba noSuthu kanti abanye balulandel­a ngenxa yabantu basemazwen­i abo abagijima kule kilabhu ngengoRall­y Bwalya (Zambia), uGabadhino Mhango (Malawi), u-Augustine Kwem (Nigeria), uJunior Dion (Cote díIvoire) nabanye.

UDion ufike ekuqaleni konyaka kodwa ugila izimanga phambi kwamapali.

NGIZISHAYE­LA IHLOMBE EZETHU EZIYIBAMBE KWIDISKI CHALLENGE

Ngithanda nokushayel­a ihlombe umsebenzi omuhle waMankents­hane agijima kwiDiski Challenge, nabo bonke abanesandl­a kuwona.

Ahleli endaweni yesine kwi-log, asele ngamaphuzu ayisishiya­galolunye ekilabhini ezihola phambili.

DUDU EMNDENINI KANONDWEBA ODLULE ENGOZINI YEMOTO

Mangipheth­e ngokuthume­la amazwi enduduzo emndenini, kubangani nakozakwab­o bakaMoeket­si Molelekoa, obengunond­weba weSafa, odlule emhlabeni ngengozi yemoto ngempelaso­nto edlule.

Ngithi dudu, sinani emikhulekw­eni!

* USandile Zungu ungumengam­eli wamaZulu FC

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa