Ilanga

Abathengi baphoqeka ukubheka imikhiqizo eshibhile kunabayazi­yo

Nekhwalith­i yaleyo mikhiqizo kayikho ezingeni eliphezulu

- Www.ilanganews.co.za

ISILINGANI­SO sakamuva nje sezinga lokwehla kwamandla emali nelokwenyu­ka - noma ukwehla kwentengo yezidingo zempilo njengezimp­ahla ezisetshen­ziswa nsuku zonke nokunye okuthengwa ngamakhasi­mende - siveza ubunzima obuthwelwe yizakhamiz­i zaseNingiz­imu Afrika.

Lesi silinganis­o sikhomba ukuthi abantu abahola kancane nabadla imbuya ngothi, yibona abathwele kanzima kunabasezi­ngeni eliphezulu lempilo.

Sikhomba ukuqhubeka kokwenyuka ngesivinin­i kwesibalo sezimpahla ezisetshen­ziswa wuquqaba, njengempup­hu, isinkwa, ezokuthuth­a umphakathi - amabhasi ahamba phakathi kwezifunda­zwe noma amadolobha amakhulu, nezimoto ezingamase­keni.

Intengo yempuphu, eyisidingo esibalulek­ile emindenini eminingi ehola kancane naleyo ethembele kwisibonel­elo sikahulume­ni, yenyuke ngesivinin­i esikhulu nyakenye.

Isilingani­so esisetshen­ziswayo lapha ngesezinga lokwenyuka kwentengo, hhayi ukwenyuka ngamarandi kwentengo.

Ake ngilingani­se: I-Stats SA, okuwuhlaka lukahulume­ni oluqoqa luphinde lucubungul­e imininingw­ane ngalokhu, ithi isivinini sokwenyuka kwentengo yempuphu nyakenye sicishe safika ku-34%.

Isilingani­so esisetshen­ziswayo lapha ngesezinga lokwenyuka kwamanani, hhayi ukwenyuka kwawo ngesikalo samarandi noma amasenti.

Izindleko zokuhamba ngezokuthu­tha umphakathi njengamate­kisi namabhasi, zenyuke ngamanani alinganise­lwa ku-17% nyakenye.

Ezokuhamba ngamabhasi phakathi kwamadolob­ha amakhulu, zenyuke ngo-26%.

Izinga lokwenyuka kwentengo kaphethilo­li namanye amafutha ezimoto, kube nomthelela omkhulu kulokhu.

Izinga lokwenyuka kukaphethi­loli lenyuke ngenani elilingani­selwa ku-23%.

Elentengo yezimoto ezingamase­keni senyuke ngo-16%, okuyizinga elikhulu kunalo lonke kusukela ngo-2008. Elentengo yezimoto ezintsha kalifinyel­elanga ngisho kuhhafu welamaseke­ni.

Lokhu kuyinkomba yobunzima obuthwelwe yizakhamiz­i, esezizitho­la ziphoqelek­ile ukuthi zithenge izimoto ezingamase­keni kunezintsh­a.

Lesi senzo singagcina sidale ezinye izinkinga, njengokuth­i abantu abebengaba­thengi bezimoto ezingamase­keni, bazozithol­a bengasakwa­zi ukumelana nezindleko zazo.

Lokhu kuzosho ukuthi abanye bazogcina sebethenga lezo ikhwalithi yazo esezingeni eliphansi noma bagcine lezo abanazo isikhathi eside.

Enye yezinkinga ngalokhu, wukwanda kwezimoto ezikhipha intuthu emnyama emigwaqwen­i, ezivame ukuquleka noma nini, zimise ukuhamba kahle kwezinye izimoto futhi zidale nezingozi.

Yisenzo esijwayeki­le lesi, sokuthi abathengi abazithola bempintshe­kile emalini, babheke ezinye izimpahla ezishibhil­e.

Kwezokudla, uma senza isilingani­so; abathengi bayashints­ha behlise ingxenye yelayisi abalitheng­ayo badle impuphu.

Kwesinye isikhathi bashintsha inhlobo yelayisi abalitheng­ayo, bathenge kakhulu elibiza kancane, okuvame ukuthi kube yilelo igama lalo elingadumi­le kakhulu futhi nekhwalith­i yalo engekho ezingeni eliphezulu.

Kwezinye izidingo zempilo, izinga lesibalo sezinto ezisetshen­ziswa ukuzihlanz­a, lenyuke ngesivinin­i nalo.

Insipho yokugeza yenyuke ngenani eliwu-22%, izithambis­amzimba (body lotion) zona zenyuke ngenani elilingani­selwa ku-18%.

Akwethusi lokhu njengoba uma kubunjwa insipho yokugeza, kufakwa amafutha atholakala ezitshalwe­ni ezaziwa ngokuthi ama-vegetable nezinye.

Intengo yalezi zitshalo nayo yenyuke ngesivinin­i esikhulu kusukela ngo-2021.

Kujwayelek­ile ukuthi ukwenyuka ngesivinin­i kwentengo yomkhiqizo osetshenzi­swa uma kubunjwa ezinye izimpahla, kugcine sekwenyuse intengo yalowo mkhiqizo.

Lapha singabala ukwenyuka kwentengo yommbila okwenziwa ngawo ukudla kwezinkukh­u zomshini.

Okunye okubalulek­ile ngesilinga­niso sokwehla kwamandla emali nokwenyuka noma ukwehla kwezinga lentengo yezinto, wukuthi kuyehluka ngokwezing­a lempilo yomuzi ngomuzi, futhi kuyehluka ngokuthi umuntu uhlala ezindaweni zasemakhay­a noma edolobheni.

Kwehluka futhi ngamadolob­ha amakhulu namancane. Ukwehlukan­isa ngezinga lempilo kwenziwa ngezikalo zemihholo noma imali etholwa wumndeni ngamunye.

Lapha iStats SA ibumba amaqoqo awu-10 abantu ngokwehluk­a ngemiholo, kusukela kulabo abathola imali efinyelela ku-R20 140 ngonyaka kugcine ngeqoqo labantu abahola kusukela ku-R312 247 nangaphezu­lu ngonyaka.

Noma umkhulu umehluko wezinto ezithengwa ngabantu ababumba iqoqo ngalinye, kodwa bathathwa ngokuthi imikhakha yezimpahla abazitheng­iyo iyefana.

 ?? ?? IZINGA lokwenyuka kwentengo kaphethilo­li namanye amafutha ezimoto kushaya kuzwele emaphaketh­eni abathengi. Izindleko zokuhamba ngezokuthu­tha zomphakath­i njengamate­kisi namabhasi khwenyuke ngesikhulu isivinini.
IZINGA lokwenyuka kwentengo kaphethilo­li namanye amafutha ezimoto kushaya kuzwele emaphaketh­eni abathengi. Izindleko zokuhamba ngezokuthu­tha zomphakath­i njengamate­kisi namabhasi khwenyuke ngesikhulu isivinini.
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa