UGENCE NGOCELEMBA WABULALA UMNAKWABO
SISHIYE umphakathi waseNambithane, eBhamshela, ubabaza ungaqedi isigameko sokutholakala kwesidumbu sowesilisa onyamalale mhla ka-16 kuZibandlela (December), singenakhanda, emuva kwalokho kwaboshwa indodana yesinqandamathe sakhe nowesilisa obeyisoka laso phambilini.
Isidumbu sikaMnu Sthembiso Ndelu (47), waseNgcongangconga, khona eBhamshela, sitholwe ngamalungu omphakathi ngeSonto sishuthekwe epayipini elihamba amanzi, emuva kwalokho kwaboshwa uMnu Bafanile Mabaso (57) noMnu Sizwe Ntuli (18) okuthiwa nguyena ogonyulukile ngokwenzeke kumufi.
Kubikwa ukuthi unyamalala nje, wayekade esendlini yesinqandamathe sakhe. ILANGA lithole ukuthi uMnu Mabaso ubeke waba nobudlelwano nesinqandamathe sikamufi phambilini.
Kuvele ukuthi umndeni kamufi ubike emaphoyiseni ngoba ubona kuhamba isikhathi engaziwa ukuthi ukuphi. Kuthiwa uMnu Ntuli ugonyuluka nje, yingoba umphakathi ubumxina ngemibuzo, waze wagcina eshilo ukuthi uMnu Mabaso umcele ukuba ambambise isidumbu ukuze ayosilahla.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, umufi uye emzini wesinqandamathe sakhe wafika singekho. Kuthiwa uhlalile wasilinda, kwafika uMnu Mabaso, kwaqubuka ingxabano phakathi kwabo.
Kubikwa ukuthi uMnu Mabaso udonse ucelemba wagenca umufi waze wamnqamula ikhanda. Emuva kwalokho ubize uMnu Ntuli babambisana ngesidumbu bayosifihla.
Umthombo osondelene kakhulu nomndeni kamufi, uthe: “Umufi ubengumuntu ozisebenzayo, efaka amakhabethe. Kuthe uma kuhamba isikhathi, kuze kushaya uKhisimusi engatholakali, umndeni waqala ukukhathazeka.
"Umphakathi ube usungenelela, kwaqalwa kwabheka endaweni. Amanye amalungu omphakathi aye lapho egcine ukubonakala eya khona, okuyisemzini wentombi yakhe. Afice indodana yentombi iphethe umakhalekhukhwini kamufi, okuthe uma ibuzwa ngawo, yavele yagonyuluka ngokwenzekile.
"Itshele amalungu omphakathi ukuthi iphoqwe nguMabaso ukuba imbambise isidumbu,” kusho umthombo.
Uveze ukuthi uMnu Mabaso ubalekile endaweni njengoba amaphoyisa eze amlanda lapho ebesecashe khona.
Umthombo uveze ukuthi umufi nesinqandamathe sakhe bebehlala ngokuxabana kangangoba ngawo uZibandlela, bake bathusana kwaze kwangenelela izihlobo zikamufi zizama ukubalamula.
UMnu Mdumiseni Vezi oyinduna yaseNambithane, uthe lesi sigameko siwuthuse kakhulu umphakathi ngoba ubungazitsheli ukuthi uMnu Ndelu ubulewe.
Uthe umphakathi wakule ndawo ukhombise ukubambisana ngoba kawuzange uzithathele umthetho, kodwa ubize amaphoyisa emuva kokuthola ngokwenzekile.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi kuboshwe abasolwa ababili ngecala lokubulala.
Uthe bavelile eNkantolo yeMantshi yaKwaMaphumulo ngoLwesibili, bazobuyela mhla lulunye kuNhlolanja (February) eNkantolo yeMantshi yaseNsuze lapho bezobe beyofaka khona isicelo sebheyili.