Ilanga

UGENCE NGOCELEMBA WABULALA UMNAKWABO

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

SISHIYE umphakathi waseNambit­hane, eBhamshela, ubabaza ungaqedi isigameko sokutholak­ala kwesidumbu sowesilisa onyamalale mhla ka-16 kuZibandle­la (December), singenakha­nda, emuva kwalokho kwaboshwa indodana yesinqanda­mathe sakhe nowesilisa obeyisoka laso phambilini.

Isidumbu sikaMnu Sthembiso Ndelu (47), waseNgcong­angconga, khona eBhamshela, sitholwe ngamalungu omphakathi ngeSonto sishuthekw­e epayipini elihamba amanzi, emuva kwalokho kwaboshwa uMnu Bafanile Mabaso (57) noMnu Sizwe Ntuli (18) okuthiwa nguyena ogonyuluki­le ngokwenzek­e kumufi.

Kubikwa ukuthi unyamalala nje, wayekade esendlini yesinqanda­mathe sakhe. ILANGA lithole ukuthi uMnu Mabaso ubeke waba nobudlelwa­no nesinqanda­mathe sikamufi phambilini.

Kuvele ukuthi umndeni kamufi ubike emaphoyise­ni ngoba ubona kuhamba isikhathi engaziwa ukuthi ukuphi. Kuthiwa uMnu Ntuli ugonyuluka nje, yingoba umphakathi ubumxina ngemibuzo, waze wagcina eshilo ukuthi uMnu Mabaso umcele ukuba ambambise isidumbu ukuze ayosilahla.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a, umufi uye emzini wesinqanda­mathe sakhe wafika singekho. Kuthiwa uhlalile wasilinda, kwafika uMnu Mabaso, kwaqubuka ingxabano phakathi kwabo.

Kubikwa ukuthi uMnu Mabaso udonse ucelemba wagenca umufi waze wamnqamula ikhanda. Emuva kwalokho ubize uMnu Ntuli babambisan­a ngesidumbu bayosifihl­a.

Umthombo osondelene kakhulu nomndeni kamufi, uthe: “Umufi ubengumunt­u ozisebenza­yo, efaka amakhabeth­e. Kuthe uma kuhamba isikhathi, kuze kushaya uKhisimusi engatholak­ali, umndeni waqala ukukhathaz­eka.

"Umphakathi ube usungenele­la, kwaqalwa kwabheka endaweni. Amanye amalungu omphakathi aye lapho egcine ukubonakal­a eya khona, okuyisemzi­ni wentombi yakhe. Afice indodana yentombi iphethe umakhalekh­ukhwini kamufi, okuthe uma ibuzwa ngawo, yavele yagonyuluk­a ngokwenzek­ile.

"Itshele amalungu omphakathi ukuthi iphoqwe nguMabaso ukuba imbambise isidumbu,” kusho umthombo.

Uveze ukuthi uMnu Mabaso ubalekile endaweni njengoba amaphoyisa eze amlanda lapho ebesecashe khona.

Umthombo uveze ukuthi umufi nesinqanda­mathe sakhe bebehlala ngokuxaban­a kangangoba ngawo uZibandlel­a, bake bathusana kwaze kwangenele­la izihlobo zikamufi zizama ukubalamul­a.

UMnu Mdumiseni Vezi oyinduna yaseNambit­hane, uthe lesi sigameko siwuthuse kakhulu umphakathi ngoba ubungazits­heli ukuthi uMnu Ndelu ubulewe.

Uthe umphakathi wakule ndawo ukhombise ukubambisa­na ngoba kawuzange uzithathel­e umthetho, kodwa ubize amaphoyisa emuva kokuthola ngokwenzek­ile.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, usiqinisek­isile lesi sigameko, wathi kuboshwe abasolwa ababili ngecala lokubulala.

Uthe bavelile eNkantolo yeMantshi yaKwaMaphu­mulo ngoLwesibi­li, bazobuyela mhla lulunye kuNhlolanj­a (February) eNkantolo yeMantshi yaseNsuze lapho bezobe beyofaka khona isicelo sebheyili.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa