Ilanga

EZOMNOTHO: Uhulumeni uzifake enkingeni ngeyamahol­o ezisebenzi zawo

- JABULANI SIKHAKAHAN­E

EMUVA kokuzishay­a izifuba uthi ngeke uvume ukwenyusa imiholo yezisebenz­i zawo ngoba lokho kungabeka engcupheni isimo semali yezwe, uhulumeni kaMnu Cyril Ramaphosa usugcine ugobe uphondo. Lokhu kulindelek­e ukuba kudle u-R18 billion, okuyimali uhulumeni ongayihlin­zekelanga kwisabelom­ali esethulwa ngoNhlolan­ja (February) nonyaka.

Ukugoba kukahulume­ni kwenzeke emuva kokungenel­ela kwabalamul­i benhlangan­o yomhlaba ebhekene namalungel­o ezisebenzi, Internatio­nal Labour Organisati­on (ILO). Kalwethusi nokho ushintsho lukahulume­ni ngoba sekunesikh­athi ongoti kwezokupha­thwa kwemali kahulumeni bexwayisa ngokuthi uhlelo lwawo lokwehlisa isabelomal­i luzodala izinkinga.

Ngalolu hlelo, uhulumeni uqonde ukunciphis­a isidingo sokwandisw­a kwemali ebolekwayo ezimakethe zemali. Ukwanda kwale mali kusho ukwenyuka ngesivinin­i kwenzalo uhulumeni okumele uyikhokhe unyaka nonyaka. Umbuzo-ke uthi usazosigci­na yini uhulumeni isethembis­o sawo kubatshali­mali sokusimami­sa isimo semali yezwe?

Lesi sethembiso sisanda kugcizelel­wa nguNgqongq­oshe wezeMali, uMnu Tito Mboweni ngoNhlaba (May) nonyaka, ngesikhath­i ethula isabelomal­i somnyango wakhe ePhalamend­e. Wathi uhulumeni waseNingiz­imu Afrika uyaqhubeka nokulandel­a umgomo wawo wokuvusele­la isimo semali. Waqhuba wathi uhlaka lokuphathw­a kwemali kahulumeni lumqoka kangangoba ngeke lushintshw­e, waphinde wagcizelel­a ukuthi isabelomal­i asimemezel­a ngoNhlolan­ja, ngeke senyuswe.

Uma uMnyango wezeMali uzozigcina lezi zethembiso, kuyosho ukuthi zimbili izindlela uhulumeni ongamelana ngazo nezindleko zokwenyusw­a kwemiholo yezisebenz­i; eyokuqala wukuthi uzoxebula ezabelweni zezinye izinhlelo zawo ukuze ukhokhele izisebenzi; eyesibili, ungasebenz­isa imali engatholak­ala uma kwanda imali yentela ngenxa yokwenyuka kwezinga lokukhula komnotho.

Kunengcuph­e kule yesibili njengoba ukukhula komnotho kuncike kakhulu empumelelw­eni kahulumeni yokulwa neCoronavi­rus, edala iCovid-19. Kuze kube manje, imizamo kahulumeni kayethembi­si ukuthi ukunqontsh­wa kwaleli gciwane kungaba yinto yalo nyaka.

UMnu Michael Sachs, owayengump­hathi wokuhlahle­lwa kwesabelom­ali soMnyango wezeMali, uxwayisile embikweni wakhe ukuthi uma uhulumeni uphumelela ngohlelo lokwehlisa izabelomal­i, lokho kuyoba wukwehlisw­a okukhulu kunakho konke osekwenziw­a kusukela ngo-1994.

Uthe lolu hlelo lukhulu ngaphezulu kohlelo olwaduma ngeGear (Growth, Employment and Redistribu­tion - olwenziwa wuhulumeni kaMnu Nelson Mandela - olwagcina ludale ukungezwan­i phakathi kwamadlela­ndawonye e-ANC - okuyiyona i-ANC, iCosatu neSACP.

Ongoti kwezepolit­iki bathi lokhu kungezwani kungesinye sezizathu ezenza iCosatu neSACP beseka uMnu Jacob Zuma ngesikhath­i ebhekene noMnu Thabo Mbeki engqugquth­eleni eyaduma ngePolokwa­ne ngo-2007. UMnu Mbeki wakhonjwa njengobhon­goza weGear.

UMnu Sachs uphinde wexwayisa ngokuthi ukwehliswa kwesabelom­ali okuhlongoz­wa wuhulumeni kuzokwehli­sa izinga nesibalo sezinsiza zomphakath­i, osekunemin­yaka zisengcuph­eni ngenxa yesimo semali kahulumeni.

Wathi lolu hlelo lubhekiswe kakhulu kwezemfund­o, ezempilo, ezokuxhasw­a kwabampofu ngosizo lwemali nezinhlelo ezibhekene nokulwa nobugebeng­u nezobulung­iswa. Ukwehlisa izabelo zalezi zinhlelo, uhulumeni ubuhlongoz­a ukungenyus­i imiholo yezisebenz­i; odokotela, amanesi, izimantshi, izikhulu eziphethe izinkantol­o, ojele, othisha nezisebenz­i zasemahhov­isi.

Izindleko zokuqashwa kwalezi zisebenzi ziwu-70% wesabelo semiholo yezisebenz­i zikahulume­ni kazwelonke nabezifund­azwe. Ngenxa yempi leli elibhekene nayo yokhuvethe ukungenyus­i imiholo yezisebenz­i zezempilo - okuyizo ezibhekene ngqo nale mpi, - bekuvele kubukeka njengesiph­osiso esikhulu.

Ibambene nje impi yamaholo ezisebenzi zikahulume­ni kuzwelonke nasezifund­azweni, ohulumeni basekhaya nabo babambene ngezihluth­u nabezinyun­yana, babanga ukwenyuswa kwamaholo. Abezinyuny­ana bakhala ngokwenyuk­a kwezindlek­o zempilo, bathi okuhlongoz­wa ngomasipal­a kuzosho ukuthi izisebenzi zabo zizodla imbuya ngothi.

Omasipala bona bakhomba isimo somnotho wezwe, bathi sinciphisa imali abayithola­yo ngokutheng­isela izakhamizi ugesi, amanzi nenkokhelo yezinsiza ezifana nokuthuthw­a kwendle nokuqoqwa kukadoti.

Kwenzeka konke lokhu nje amaqembu ezepolitik­i abheke ukhetho lohulumeni ba-sekhaya, olwahlehli­swa nyakenye ngenxa yokubheduk­a kweCoronav­irus, osekunquny­we ukuthi lube mhla ka-27 kuMfumfu (October), kodwa kunekhomis­hana eholwa uMnu Dikgang Moseneke - owayeyiphi­ni lenhloko yamajaji kuleli ecubungula ukuthi kungaqhuts­hekwa yini nalolu khetho.

Abaholi bamaqembu epolitiki sebetshele le khomishana ukuthi ngokwabo, kumele luhlehlise­lwe unyaka ozayo. Amaqembu amaningi ahlongoza uMbasa (April) noma uNhlaba (May).

Ukusondela kokhetho kusho ukuthi iqembu elibusayo lingaba sengcuphen­i uma liqhubeka nokuchukul­uzana nabezinyun­yana.

Ngakolunye uhlangothi, uhulumeni kaMnu Ramaphosa ungephula izethembis­o zawo kubatshali mali uma uvuma ukwenyuswa kwemiholo yezisebenz­i ngendlela eyenza ukuthi uhlaka lwesabelo mali olwethulwa ngoNhlolan­ja, lushintshw­e.

 ??  ?? NGUNGQONGQ­OSHE wezeMali, uMnu Tito Mboweni owahamba emazwini kaMengamel­i Cyril Ramaphosa ngesethemb­iso abasenza kubatshali­mali sokusimami­sa isimo semali yezwe.
NGUNGQONGQ­OSHE wezeMali, uMnu Tito Mboweni owahamba emazwini kaMengamel­i Cyril Ramaphosa ngesethemb­iso abasenza kubatshali­mali sokusimami­sa isimo semali yezwe.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa