Ilanga

KUMINCIWE NGOMJAHO OHLELWA NGUBONGUMU­SA MTHEMBU

- MZWAMANDLA ZONDI

UBAMBE umoya ngeTrainin­g Run yakhe uBongumusa Mthembu ongomunye wabagijimi abahlonish­wayo eNingizimu Afrika.

Lo mjaho kaMthembu ugijinywa minyaka yonke ngoZibandl­ela (December) phakathi kweMpendle neBulwer. Imijaho eminingi iphazamise­kile nonyaka emuva kokubheduk­a kweCovid-19 esibulale inqwaba yabantu emhlabeni.

UMthembu utshele ILANGA ukuthi sebeke bahlangana nethimba elihlela lo mjaho oyibanga lika60km kodwa kabazange baphume nesinqumo ngawo. Lo mjaho usiza abasubathi ukuzilungi­selela ukuqala konyaka omusha.

“Yize sihlangani­le ngeledlule kodwa kakukho esiphume nakho ngenxa yokuthi ezokugijim­a zisamisiwe kuleli. Sinethemba lokuthi kuzoshaya uZibandlel­a sekuvulwe yonke into. Okuhle ngalo mjaho wukuthi kakukho okuningi okudinga ukwenziwa ukuwuhlela kwazise abasubathi basuke bezoziqeqe­sha. Uma sekuvulwe yonke into sizophuma nento ebambekayo. Okungijabu­lisayo wukuthi baningi abasubathi abanentshi­sekelo yokuzoziqe­qesha kule ndawo,” kusho uMthembu.

UMthembu ubuye wazwakalis­a ukukhathaz­eka ngokuhlase­lwa kukaNick Bester ongomunye wabasubath­i abahlonish­wayo emhlabeni kwazise sewake waba yingqwele yeComrades Marathon. UMthembu uthi kubashayis­a ngovalo ukuhlaselw­a kukaBester eziqeqesha.

UMthembu kuzokuthi namuhla ngoLwesine abe yingxenye yomqhudelw­ano iBrightRoc­k Battle of the Sports lapho kuzokube kukhona iqembu labagijimi, elabebhola lezinyawo, elabekhili­kithi nelabebhol­a lombhoxo.

Lo mqhudelwan­o uzokuba seNorthern Cape kanti uhlelwe yiGrinSpor­t ngenhloso yokulekele­la uhulumeni ukuba ukwazi ukuthenga izinsiza zeCovid-19. Iqembu ngalinye lizokwenza ibanga lika200km.

Inhloso yale nkampani wukuqoqa imali elinganise­lwa ku-R1 million kanti kushone usuku lwayizolo sebenze imali ecela ku-R20 000. Abezokugij­ima bamelwe nguMthembu, uBruce Fordyce, uDavid Gatebe noBester okuthiwa isikhala sakhe kungenzeka sithathwe nguJenna Challenor waKwaZuluN­atal ongene unombolo 5 nyakenye kwiComrade­s Marathon.

Kwelikanob­hutshuzway­o kukhona uSiyabonga Nomvethe, uMathew Booth, uNeil Tovey noTeko Modise. Kwelekhili­kithi kukhona uJonty Rhodes, uMakhaya Ntini, uMonde Zondeki noLance Klusener. Kwelebhola lombhoxo kukhona uButch James, uHanyani Shimange, uSchalk Brits noJohn Smit.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa