Ilanga

ISITELEKA SIBAHLUKAN­ISE PHAKATHI ABANGCWABI

- Lucky.cain@ilanganews.co.za

UKHALELE abantu abashonelw­e usomabhizi­nisi ongumngcwa­bi ngenxa yesiteleka sabangcwab­i esiqale ngoMsombul­uko, obekulinde­leke ukuba siphele izolo ngoLwesith­athu ebusuku ngenxa yezikhalo zozakwabo mayelana nemigomo ebekwe wuhulumeni njengoba kubhoke iCoronavir­us.

Phakathi kwemigomo ekhalisa abangcwabi, kukhona othi kabasavu-melekile ukuthatha isidumbu ema-khazeni kahulumeni uma bengenawo awabo lapho bezosifaka khona.

Kuyinto eyaziwayo ukuthi abangcwabi abangenawo amakhaza bayaye bambambise izidumbu kozakwabo abanawo. UMnu Ndabe Ngcobo weNdabe Dignified Funerals futhi oyisekela likasihlal­o weSouth African Funeral Practition­ers Associatio­n (Safpa), uthe inhlangano yabo kayiyona ingxenye yesiteleka, yize benezikhal­o ezifanayo nozakwabo abangamalu­ngu eNational Funeral Practition­ers Associatio­n of South Africa (Nafupa SA).

Uthe into ebahlukani­sayo yindlela amalungu eNafupa SA aziphakami­sa ngayo izikhalo zayo. Ukhalele amakhasime­nde, wathi beyiSafpa kabahambis­ani nokuthi kumele kuhlukumez­eke abantu abashonelw­e ngenxa yesiteleka ekubeni inkinga ababhekene nayo ingaqonden­e nabo kodwa ibhekene nohulumeni ngqo.

Ukhuluma kanjena nje uMnu Ngcobo, uzakwabo ongumengam­eli weNafupa SA, uMnu Muzi Hlengwa, uqophe i- video eshiya angalazi egi-giyela othile ambize ngosikhwil­i phambana nobhoko. Lokhu ukwenze emuva kokuba yena namalungu eNafupa SA begasele emahhovisi kaMnu Ngcobo beyomphoqa ukuba avale, angasebenz­i.

UMnu Ngcobo uthi uvule icala ngesenzo sikaMnu Hlengwa nalabo abehambisa­na nabo ngokumhlas­ela. Uthe uyibonile i- video eqoshwe nguMnu Hlengwa, wathi kuyacaca ukuthi ubeyiqondi­se kuyena. Uthe kuyamcacel­a ukuthi lokhu akusahlang­ene nesiteleka kodwa kunokungap­hezulu angakwazi abakubanga­yo.

“Isenzo sakhe sikhombisa ngokusobal­a ukuthi usesempini engingayaz­i nami ngoba ukube bekusaphat­helene nezinkinga zemboni yokungcwab­a, ubengeke enze ngale ndlela,” kusho uMnu Ngcobo.

Ekhuluma neLANGA uMnu Hlengwa, uthe bonke abasemboni­ni yokungcwab­a kumele babe yingxenye yesiteleka ngoba sithinta bonke aba-ntu.

Ukhale ngokuthi lo mthetho - onqanda abangcwabi abangenawo amakhaza ukuba balande izidumbu - uhlose ukucindeze­la osomabhizi­nisi abasafufus­a abakule mboni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa