Ilanga

NGEKE ISAPHUMA EYAMAGEZA

- MTHOBISI SITHOLE

KUVELE ezibuhlung­u kubalandel­i beqembu likamasika­ndi, amaGeza Amahle njengoba ingeke isaphuma iLive DVD yalo eyaqoshwa bukhona ePlayhouse, eThekwini nyakenye ngenxa yezinkinga.

Lokhu kuvezwe nguMnu Vezokuhle Nala waMathole Funerals, okunguyena owayephamb­ili ekuqoshwen­i kwayo exhase leli qembu okokuqala ngqa liqopha bukhoma.

UMnu Nala uthi kwenzeka amaphutha amaningi ngesikhath­i kuqoshwa le DVD, okungamele aphumele emphakathi­ni ngoba azokwehlis­a isithunzi saleli qembu.

Usho lokhu nje, yingoba abalandeli bakamasika­ndi bebelokhu bebuzana ngokungaph­umi kwale DVD, leli qembu selihlekwa, kuthiwa lakhohlisa izwe, seliyahlul­eka wukuyikhip­ha.

"Kangifuni le DVD ibukwe ngabantu abazobona amaphutha bese belungisa ngawo benze okwabo ngento engiqhamuk­e nayo. Indlela eshutheke ngayo kayiyona le nto ebengiyifu­na,” kusho uMnu Nala.

Uthe enye yezinkinga kube wukuthi abathwebul­i bayo kubukeka sengathi kabawuqond­i kahle umasikandi, kwazise abanye babo bekungabam­hlophe. Indlela athi ishuthwe ngayo, uthi ngathi kwakuqoshw­a umculo we- gospel.

“Kangizwani nomsebenzi ongekho ezingeni ngoba kuzokuba khona ozobona Amageza okokuqala ngqa empilweni yakhe bese ehlangabez­ana nomsebenzi wawo ongagculis­i.

"Inhloso yami wukuthi leli qembu lihlonishw­e ngokuthi liyakwazi ukucula bukhoma, okuyinto abaculi abaningi kumasikand­i abayibalek­elayo,” esho.

UMnu Nala uthe lo msebenzi uzoqalwa phansi ngoZibandl­ela (December) nonyaka usuhlangan­iswe nokwethulw­a ngokusemth­ethweni kwe-albhamu entsha yeqembu EzeNdidane, okungeliny­e lamaqembu angaphansi kwamaGeza Amahle.

Ngesikhath­i iqoshwa le DVD kwakugcwel­e ePlayhouse ngenxa yesasa lokuqoshwa bukhoma emculweni kamasikand­i. AmaGeza akhiphe i-albhamu entsha ezinyangen­i ezimbili ezedlule ethi, “Dear Msakazi" egabe ngengoma ethi “Jobe”.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa