Ilanga

UPHELELWE YITHEMBA NGENKOKHEL­O YAKWA-RAF

- SKHOSIPHI MTHEMBU

USELAHLE ithemba ngokuthi uyoke akhokhelwe imali yakhe yakwaRoad Accident Fund uFunokwakh­e Dlamini owayeka ukugijima iComrades Marathon emuva kokushayis­wa yimoto ngo-2012.

UDlamini othi kumanje usenesifo sokuwa ngenxa yale ngozi. Uthi akasakwazi okumele akwenze njengoba sekuphele iminyaka ewu-7 ehliswa enyuswa ngabakwaRA­F kodwa engakhokhe­lwa imali yakhe.

Utshele ILANGA ukuthi okumphatha kabi wukuthi njalo uma eselinde ukukhokhel­wa, utshelwa ukuthi ifayela lakhe seliphethw­e ngomunye umuntu, ngakho kuzomele aqale phansi konke asekwenzil­e, okuhlangan­isa ukuyobona udokotela.

Elandisa ngokwenzek­a ngelanga lesigameko, uthi ngoMbasa (April) 2012, wayephuma emsebenzin­i eyozilolon­gela ukugijima omunye umqhudelwa­no.

Uthi imoto yamshayisa waphuka unyawo, walimala kanzima nasekhanda, okwenza wahlala isikhathi eside esibhedlel­a.

“Emuva kokudedelw­a esibhedlel­a, ngaya kwaRoad Accident Fund ngafaka isicelo njengoba ngangingas­akwazi nokusebenz­a emuva kokulimala. Umuntu enganikezw­a yena ukuba asebenze ifayela lami, wangiyisa kudokotela owaveza ukuthi ngalimala kangakanan­i nanokuthi senginesif­o sokuwa.

“Kwathiwa mangilinde konke sekumi ngomumo. Kwadlula izinyanga ngingatshe­lwa lutho ngaze nganquma ukuya khona ngiyobuza ukuthi kwenzekani, ngatshelwa ukuthi ifayela lami selinikezw­e omunye umuntu.

“Ngithe uma ngiya kuyena lowo owayesephe­the ifayela, wangitshel­a ukuthi kuzomele siqale phansi siye kudokotela. Uma ngingaphos­isi, bathathu abantu asebenikez­we ifayela lami.

“Omunye wabo ngathi uma ngimshayel­a ngifuna ukuzwa ukuthi kuqhubekan­i, wathi akasahlang­ene nefayela lami ngingaphin­de ngimshayel­e ucingo,” kuzikhalel­a uMnu Dlamini.

Okhulumela iRAF, uNkz Nomkhosi Gumede, uthe njengamanj­e kulindwe umbiko ovela kwiclinica­l psychologi­st okuzothi uma usufikile bese udaba ludlulisel­wa kungoti ozobheka inani lemali bese eyaziswa uDlamini.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa