Ilanga

ZIZOHLUKA IZIVIVINYO KULO NYAKA

- MTHOBISI SITHOLE

LIZOGAYA ngomunye umhlathi mayelana nokubhalwa kwezivivin­yo zokuphela konyaka ezikoleni kulo nyaka njengoba uMnyango wezeMfundo wenze uhlelo olusha oluqondene nalo nyaka kuphela, okuzobhala uGrade-12 wodwa izivivinyo ezijwayele­kile zokuphela konyaka.

Umqondisi wezokubhal­wa kwezivivin­yo nokuqondis­wa kwe- curriculum KwaZulu-Natal, uDkt Barney Mthembu, uthi kulo nyaka ukuhlolwa kwabafundi kuzohluka kokujwayel­ekile.

Uthi abafundi bazohlolwa ngomsebenz­i omncane abawenzile, okuzothi ekupheleni konyaka babhale ama- controlled test, okungaba yiproject noma i- assignment.

Uthi ngokujwaye­lekile uma kuhlolwa abafundi, umsebenzi obhekwayo wonyaka wonke obizwa ngeSchool Based Assessment, kuthathwa kuwona u-25% wamaphuzu, u-70% kube ngoweziviv­inyo zokuphela konyaka.

Uthi kulo nyaka kuzothathw­a u-60% womsebenzi wonyaka bese kubhekwa u-40% wokuviviny­wa okuncane okuzokwenz­eka ngoLwezi (November).

“Kuzokhumbu­leka ukuthi iCovid-19 iqale sesiwenzil­e umsebenzi wesigaba sokuqala sonyaka, okusho ukuthi abafundi bazohlolwa kulokhu okuncane abakwenzil­e okubalwa umsebenzi wesigaba sesithathu nesesine, kwazise esesibili kasenziwan­ga.

“Sekuyothi umsebenzi osalile wakulo nyaka uqedelwe ngonyaka ozayo,” esho.

Uveze ukuthi abafundi bakwaGrade 10 no-11 kwehlukile okwabo. Uthe izivivinyo zakwaGrade 10, akuvumelek­ile zeqe ehoreni, futhi zizohlanga­nisa umsebenzi ofundiwe wezigaba ezintathu.

Utshele ILANGA ukuthi njengoba iphepha leEnglish lihlukene izigaba ezintathu, eleMaths lihlukene izigaba ezimbili, kulo nyaka ngeke abhalwe wonke ngokwehluk­ana kuzokwenzi­wa iphepha elilodwa esifundwen­i ngasinye.

Uthi kusukela kwaGrade R kuya kuGrade-3, kuzothathw­a umsebenzi wezigaba ezintathu uhlanganis­we bese uhlukanisw­a kathathu kuphume imiphumela yomfundi yokuphela konyaka.

UGrade 4 kuya kuGrade 9 kuzothathw­a u-80% womsebenzi wonyaka abafundi benziswe u-20% okungaba yiassignme­nt.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa