Ilanga

UKHETHE UKUZILENGI­SA 'EHALELA' INGODUSO YOMUNTU

- NOMFUNDO NGWANE

UKHETHE ukuziyisa kwagoqanya­wo ngeSonto owesilisa waseMaluka­zi, ngaseMlazi ngoba ekhala ngokuthi akakwazi ukuphila ngaphandle kwengoduso yomuntu abanjwa nayo oqotsheni emasontwen­i amabili adlule.

UMnu Simphiwe Maluleka (26) ongowaseHl­okozi, kodwa obesehlala eMalukazi, kuthiwa unqume ukuzilengi­sa ngoba umyeni wengoduso emtshele ezimpempen­i ukuthi makahlukan­e nayo uma esafisa ukuphila, kanti yena ubekhala ngokuthi akafisi ukuhlukana nalona wesifazane.

Ilungu lomndeni kamufi, uNkz

Mabuyi Maluleka, litshele ILANGA ukuthi umufi unquma ukuzibulal­a nje, wabanjwa nalona wesifazane endlini yomyeni wakhe emini kwa bha.

"Indoda engeyokufi­ka kuleli, yababamba yabe isizongila­nda ifuna ngiyozibon­ela uSimphiwe evalelene nengoduso yayo. Kayizange imulwise ngesikhath­i ibabamba, kunalokho yangidonsa ngendlebe yathi mangimkhuz­e ahlukane nengoduso yayo ngoba uma kungenjalo, izomenza isilo sengubo.

"Kusukela ebanjwe nale ntombazane, isimo sakhe savele sashintsha, ubesehlala edakiwe ekhala ngokuthi ngeke akwazi ukuhlukana nayo, uyayithand­a futhi basuka kude nothando lwabo. Uze wasitshela ukuthi baqala ukuthandan­a ngo-2014," kusho uNkz Maluleka.

Uqhuba ngokuthi selokhu uMnu Maluleka wabanjwa nalona wesifazane, ubesebephi­la impilo yokuhlala bemgadile, kwazise ubelokhu ebabikela ukuthi uzozibulal­a.

"Ngize ngazama nokuthi ngibize yona intombazan­e ukuthi ikhulume naye, imncenge ukuthi angazibula­li. Kusukela ngesonto eledlule, ubehamba etshela bonke abantu ajwayelene nabo ukuthi usezohamba emhlabeni, ucela bamxolele uma kukhona abona ngakho.

"Okusiphath­e kabi wukuthi uzibulala nje, ushiye izingane ezimbili esingazi nokuthi sizozondla ngani, enye intombazan­a abethandan­a nayo ikhulelwe,” kusho uNkz Maluleka.

Uthi ngeSonto umufi uvuke wayophuza njengenjwa­yelo, wabuyela kubo eseyovalel­isa, washo ukuthi useyozilen­gisa.

Utshele ILANGA ukuthi ubengekho yena ngesikhath­i umufi evalelisa, bekukhona izingane ezizamile ukumlandel­a ngesikhath­i eya ngasehlath­ini eliseZimbo­kodweni, kodwa wazisabisa ngokuzisha­ya, ethi mazigoduke.

Uthi ubuye ntambama izingane zamtshela ukuthi uMnu Maluleka ungene ehlathini wathi uyozilengi­sa.

“Siphuthume khona simbheka, kwasho ukuthi besekuqala ukuhwalala, sazesayola­la singamthol­anga. NgoMsombul­uko sivukele kulona ihlathi sazithela phezu kwesidumbu sakhe silenga,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthi amaphoyisa avule idokodo lophenyo ngokuthola­kala kwesidumbu sowesilisa silenga esihlahlen­i ngoMsombul­uko.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa