I-DA ISIFUNA KUMISWE "OFISHI ABAKHULU" KOLWEMISUBELO
SELUNGENELWE ngelinye lamaqembu aphikisayo udaba lokumiswa kwezikhulu ezintathu zoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, ngezinsolo zokubhubhudlwa kuka-R109 million kuthengwa imisubelo, eminye yayo eyagcina isiduve nasemahhovisi othishanhloko ezikoleni.
Kwavela ukuthi eminye yayinikwa ngisho abafundi bakwaGrade R.
UDkt Imraan Keeka, okhulumela iDA kwezemfundo, uthi lezi zikhulu ezamiswa - okubalwa kuzona isekela lomqondisijikelele wakwa- institutional development, ngumqondisi oyinhloko kwa- social enrichment programmes nomqondisi wakwaspecial needs education - ziphendulwe izimvu zomhlatshelo njengoba bengamisiwe "ofishi abakhulu", okuyibona abasayinela ukungena nokuphuma kwemali emnyangweni.
“Siyi-DA kuyasixaka ukuthi kungani uDkt Enock Nzama engamisiwe ekubeni kunguyena onezwi lokugcina ekuthathweni kwezinqumo. Kungani umqondisi wezemali, uLal Rambaran - okunguye owayekhokhela abanikazi bethenda - engamisiwe?
"UNgqongqoshe Kwazi Mshengu sengimcele ngaze ngakhathala ukuba asinike umbiko wocwaningo ngalolu daba ukuze siwubone, akafuni ukuwukhipha. Ukunqaba kwakhe nawo kukhombisa ngokusobala ukuthi kukhona akufihlayo.
"Into esesinqume ukuyenza, wukubhalela uMvikeli woMphakathi (Adv Busisiwe Mkhwebane) ngalolu daba ukuze sikwazi ukuthola umbiko ngoba yimali yabakhokhi bentela eyamuka nolwandle kuthengwa le misubelo. Ngisho ungqongqoshe uqobo, bekufanele athathelwe izinyathelo ngalolu daba," kusho uDkt Keeka.
Ophenyweni lweLANGA kuvelile ukuthi lolu daba bekufanele luphenywe ngabaphenyi abaqhamuka kuzwelonke, kodwa isifundazwe sagcina sesiziqokela sona abaphenyi, kwasetshenziswa umbiko wabo.
ILANGA likhuluma nesinye salezi zikhulu ezimisiwe - yize sithe kasifuni ukukhuluma ngalolu daba hleze sizidalele amazinyo abushelelezi - sikuvezile ukuthi kabeneme ngomphumela wophenyo.
“Imali okwathengwa ngayo imisubelo njengoba simisiwe nje, kasiyazi nokuthi yavela kuphi. Thina satshelwa ngabaphathi ukuthi imali seyikhona, uhlelo luzoqhubeka, nempela kwaba njalo.
"Kasikaze sicele ukuthi makuhanjiselwe izingane ezikoleni imisubelo, kodwa yinto esayitshelwa ngabakhulu ukuthi kumele yenzeke, sasilandela umyalelo wabo.
"Okusiphatha kabi wukuthi nasodabeni lwezimpahla zokuzivikela (kwi-Coronavirus) kumiswe abantu abaphansi ekubeni abathatha izinqumo ngenkampani ezothola ithenda nokukhokhelwa kwayo, kungabantu abaphezulu,” kusho esinye salezi zisebenzi.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe ngeke ayiphendule indaba kaDkt Keeka ngoba lolu daba useludlulisele ehhovisi likandunankulu, uMnu Sihle Zikalala.
“Thintani ihhovisi likandunankulu ngoba usethinte lona ukuba lisiphenye. Kasikwazi ukuphawula ngento ethinta thina,” kusho uMnu Mahlambi.
UMnu Lennox Mabaso okhulumela undunankulu, akatholakalanga ocingweni lwakhe mayelana nalolu daba.