UBELOKHU ESIKHIHLE NJALO ENKANTOLO OBEKWE AWOKUBULALA ABAKWABO
AMAPHOYISA aphenya amacala amathathu okubulala abhekene nowesifazane wakwaP, eMlazi amayelana nokubulala izihlobo zakhe ezintathu, phakathi kwazo okukhona nodadewabo alamana naye emhlane.
UNkk Nonhlanhla Mbhele, uMaXolo (41), ubevele eNkantolo yeMantshi yaseMlazi ngoLwesibili. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuthi uyathinteka emacaleni amathathu okubulala.
Icala lakhe lihlehlele ukuba ayofaka isicelo sebheyili. ILANGA lithole ukuthi uNkk Mbhele ulahlwe ngelakubo ngesikhathi “inkabi” abejwayele ukusebenza nayo imjikela esiswini njengotshwala, ibhoboza ithumba ngomsebenzi wayo nomqashi wayo.
Ngokuthola kwaleli phephandaba ngoNkz Nonkululeko Hadebe (37), okuvela ukuthi bese kuhlelwe ukuba abe yimvu yomhlatshelo yena nodadewabo uNkz Sthembile Hadebe - abasinde emlonyeni wengwenya ngoLwesihlanu - inkabi ihlanze konke emuva kokuba ifike ngoLwesine izozidlisa satshanyana, ihamba nowesilisa okuthiwa ubesebenzisana noNkk Mbhele. Engxoxweni ekhethekile
elibenayo noNkz Hadebe osathuka ubala uma kukhulunywa naye ngento okuthiwa ibihleliwe ngaye nodadewabo, uthe: “Ekhaya singamantombazane amawu-5, akekho osebenzayo.
“Sidonsa kanzima, siziphilisa ngemali yesibonelelo sezingane zethu. Umedemu (okuyigama abambiza ngalo uNkk Mbhele), ngijwayelene kakhulu nomndeni wakhe wonke, sewufana nomndeni wethu. NgoLwesine emini sihleli ekhaya nodadewethu, kufike abesilisa ababili engingabazi, abebefake izifonyo nezigqoko bazofuna umuzi esingawazi endaweni.
“Sigcine sesixoxa, sincokola nabo, bahamba bengawutholanga umuzi abebewufuna. Kuthe sebehamba, omunye wabo wangitshela ukuthi uyamthanda udadewethu uNonkululeko, ucela ngimkhulumele naye ukuze bathandane.
“NgoLwesihlanu ngithuke ngacishe ngashayeka phansi sekubuya lo obethe uthanda udadewethu, esehamba yedwa, wangitshela ukuthi uyinkabi, usebenzisana noNkk Mbhele ukuthi babulale abantu uma sekuvuthwe ipholisi asuke ebakhave ngayo.
“Ungitshele ukuthi nathi singabanye babantu abakhavile, ngakho usuphumile umyalelo wokuba sibulawe. Bekuhlelwe ukuthi sibulawe ngalo uLwesihlanu, kwaphika uMdali. Ngikhuluma nje, ngabe kukhanyiswe amakhandlela ekhaya,” kusho uNkz Hadebe.
Uthi “inkabi” imcele ukuthi bayolubika emaphoyiseni udaba ngoba uNkk Mbhele “uyingozi, ubafuna befile.” Ngesikhathi ekhuluma naleli phephandaba, ubelokhu eqalaza. Uthi akalalanga ngoLwesihlanu ecabanga ukuthi ngabe uselele emakhazeni washiya izingane zakhe ezincane.