Ilanga

Iphinde yaxegiswa imithetho yeCorona

- INTATHELI YELANGA

UMEMEZELE izinguquko ezizojabul­isa izakhamizi eziningi uMengameli Cyril Ramaphosa ( osesithomb­eni) izolo ngoLwesith­athu ngesikhath­i ethula inkulumo ngokuxegis­wa kwemigomo yokuvalwa kwezwe ngenxa ye-Coronaviru­s, njengoba kubhekwe esigabeni sokuqala sokuvalwa kwalo, esiqala phakathi kwamabili ngeSonto.

Uthe ukuya nokubuya kwamanye amazwe kuzovunyel­wa ngaphansi kwemibande­la eqinile yezempilo, okubalwa ukuthi umuntu akhombise umbiko oveza ukuthi akanazo izimpawu ze-Coronaviru­s, okhishwe emahoreni awu-72 lowo muntu esuke edolobheni abelivakas­hele.

Namazwe okuvumelek­e ukuya kuwona azokhethwa, kuzobhekwa ukuthi isimo segciwane sinjani kulelo lizwe. Uthe uhlu lwamazwe okungayiwa kuwona, luzokwethu­lwa emphakathi­ni. Esigabeni sokuqala abantu uthi sebengahla­ngana babe wu-50% wesakhiwo okusuke kuhlangane­lwe kusona; ezindaweni ezifana nezokujima nezokubuke­la amafilimu.

“Emuva kokuxhuman­a nezinhlaka ezifanele, sibone ukuthi sixegise imigomo yokuvalwa kwezwe sehlele esigabeni sokuqala. Ezindaweni zokuhlanga­nela ngaphakath­i abantu sebengaba wu-250, kanti ngaphandle bangaba wu-500.

"Emingcwabe­ni sisuke esibalwe-ni sabawu-50 kube ngabawu-100 (abangayokh­alisa),” esho.

Umengameli uthe kukho konke lokhu kuyomele ingalitsha­lwa imigomo yokuzivike­la egciwaneni okubalwa ukusebenzi­sa izibulalim­agciwane, wukufaka izifonyo nebanga lokuqhelel­ana. Imilindelo kayikavuny­elwa.

Umemezele nokuthi inhlangano yezokhetho, i-Independen­t Electoral Commission (IEC) - okulindele­ke ukuba ibe nezinketho zokuchibiy­ela phakathi kukaLwezi (November) noZibandle­la (December) - isingakwaz­i ukuvakashe­la izindawo okubalwa izikhungo zokuhlunye­leliswa kwezimilo nezindawo zabadala, iyokwenza umsebenzi wayo.

“Izindawo ezidayisa utshwala sezingavul­a kusukela ngoMsombul­uko kuya ngoLwesihl­anu phakathi kuka-09h00 no-17h00,” esho. UMnu Ramaphosa ubevule inkulumo yakhe ngokuthi leli lizwe lilahlekel­we yimiphefum­ulo engaphezu kuka-15 000 ngenxa yeCovid-19, wathi ngenxa yokwehla kwezinga lokuthelel­eka kwabantu, babone kubaluleki­le ukuthi badlulele kwesinye isigaba sempilo. Uzwakalise ukuthi kuyobalule­ka ukuba izwe ligweme ifu lesibili leCoronavi­rus, kwazise emazweni asebhekane nalo, likhombise ukuba yingozi enkulu kunelokuqa­la.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa