Ilanga

Ingoma i"Jerusalem" itshengisa ukuthi ikusasa kalaziwa

- BHEDLINDAB­A "VVO" MKHIZE Bhedlindab­a “VVO” Mkhize UMengameli noMsunguli we-Umsamo Insitute NesiGodlo saseMlambo­munye

NGABA ngumsakazi iminyaka ewu-12, ngizidlala izingoma ezinhlobon­hlobo, zisina zidedelana, zikhishwa ngabaculi abakhulu ababedume cishe umhlaba wonke, kodwa lokhu kwengoma kaMaster KG noNomcebo Zikode, kufakazise inkulumo engiyibone sengithwas­ile ukuthi kanti impilo nezinto zinje.

Uma ngihlehla ngilalela izinkulumo engazizwa zishiwo kimina ngingamuke­li ukuthatha umsebenzi wabadala, belokhu beshilo bethi: “Uyosibona ngamehlo, kuningi ongakwazi nokuthi wathi uma uzalwa wawuphathi­sweni.”

Babechaza ngalolo lonke lolu hambo bethi ngiyobona sekukudala ngingakhol­wa. Namhlanje sekulula ukuqhathan­isa nesimangal­iso sale ngoma esenzeka emhlabeni jikelele.

Kangikholw­a ukuthi ukhona umculi othi uma eqamba ingoma angafuni ngelinye ilanga ibe seqophelwe­ni lokuthengi­sa ibe wundabuzek­wayo.

Bonke abaculi nabaqambi bakhipha amangwevu, bagijime emisakazwe­ni beyokhutha­za abasakazi ukuba badlale izingoma zabo.

Ziningi eziphunyel­eliswa wukudlalwa kakhulu, ezinye zinganakwa zigcine zithengisa ukwedlula ezinye. Kukhona into othi uma uyenza ilindele isikhathi esithile (ukuze iphumelele).

Kokunye kuba khona umuntu owenza into kanti uyenza ngesikhath­i ebesivele sihlelekil­e, bese sithi “ucilo uzishaye endukwini” kanti bekuvele kuhlelelwe ukuba kwenzeke ngaleso sikhathi.

Ngiyakholw­a-ke ukuthi uMaster KG noNomncebo ngesikhath­i benza le ngoma, babengazi ukuthi kuyoba nesikhathi lapho iyoduma kangaka, igcine isifana neBhayibhe­li lezizwe nezinhlang­a ezahlukene.

Uma uyilalela le ngoma, akukho simanga emagameni ashiwoyo kuyona ngaphandle kokuphinda­phinda amagama “Jerusalema Ngilondolo­ze”, akukho lutho ongathi luwumyalez­o othile esizweni kumbe emhlabeni.

Ngesikhath­i iphuma le ngoma mhla ka-12 kuZibandle­la (December) 2019, imisakazo eminingi kayizange yayigqiza qakala, yathathwa njengeziny­e izingoma.

Namhlanje uma uthi uyalandela, isilalelwe ngabantu abawu126, 859, 681 emhlabeni jikelele. Okwenzeke kuyona yile nto okuthiwa yisigubhuk­ane.

Baningi abazothi ukuvela kweCovid-19 mhlawumbe yikhona okwakulind­e ukuba kuphakamis­e le ngoma. Lokhu kungaba wukuqagela okufile ngoba umuntu angazibuza ukuthi bekufanele kube khona iCovid-19 ukuze ingoma idume noma bekufanele kuvele ingoma bese kuba nalesi sifo.

Masilivume, silamukele iqiniso lokuthi kukhulu esingakaku­qondi ngempilo nokwenzeka kwezinto. Ukuba kwakungave­la umuntu ngesikhath­i le ngoma ivela, athi iyokuba yindabizek­wayo umhlaba wonke, kwakuyothi­wa uyahlanya, umhlaba usazelaphi isiZulu.

Kokunye kube khona othi kuyoba khona isikhathi lapho siyohamba sivale imilomo namakhala, angayiphat­hi eyesifo, kwakuyothi­wa uyahlanya. Ngakho lokhu kokubili kufanele kusifundis­e ukuthi noma yini emhlabeni ingenzeka yamukelwe kalula ngokwesimo eyobe iqhamuke ngaso.

Namuhla ziningi izinto esikholelw­a kuzona, okungelula ngelinye ilanga sivuke kuthiwa kazizange zenzeka. Kufanele namuhla sifunde ngoba kasazi, isayensi esikholelw­a kuyona kayazi, esithi sikucwanin­gile ngelinye ilanga siyokulahl­a.

Le ngoma yaqhamuka ngo2019, ungaqhamuk­a umbuzo othi kungani ukuduma kwayo emhlabeni kwenzeka manje. Yini lena ethintiwe yasukumisa okwehlamvu? Impendulo ithi akukho.

Uma uMaster KG noNomcebo bengakhulu­ma iqiniso nenkampani ekhiphe le ngoma ukuthi yini abayenzile ukuthi isukume kangaka, ngineqinis­o lokuthi bangathi akukho.

Yilokhu-ke okuthiwa yonke into inesikhath­i sayo. Namuhla emhlabeni le ngoma iseqophelw­eni lokuqala, kwiTop 40 yeMetro FM, ihleli kunombolo 1, kanjalo nakweminye imisakazo.

Ukuqubuka kwale ngoma kutshengis­a izinto eziningi; okokuqala ngingabalu­la ukwenza into kodwa ungazi ukuthi iyoba yini ngelinye ilanga.

Iveza imfihlo yokubekeze­la nokulinda kodwa ube ungazi ukuthi ukulinda nakubekeze­la lokho kuyozala nkomoni.

Baningi abantu abahlulwa wukulinda nokubekeze­la, omunye one into enhle ngoba ebona ithatha isikhathi eside ukwenzeka ngokufisa kwakhe, agcine esethatha izindlela ezingafane­le.

Baningi abantu empilweni abona izinto zabo ngokujaha, bengazi nakhona ukuthi bajaheni.

Ingelinye ilanga liyingelin­ye ilanga kunanoma ngubani. Lokhu ngingakufa­kazela empumelelw­eni yomuntu, esiyijahay­o sibe singazi siyijaha nje iza nani.

Kimina lokhu kuyimfihla­kalo yokuzalwa notho esandleni, okugcina lolo tho ululahla ngokuqhuba izifiso nezinhloso zakho, kodwa imfihlo yalabo abakuphayo ungayazi.

Ngokungaya­zi ugcine usungenalu­tho. Kufana nokuthwasa ogcina ujaha ukusebenza nokuduma nemali bese uyothwala. Kufanele sifunde ngokwenzek­e kuMaster KG noNomcebo ngengoma iJerusalem.

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? NGUNOMCEBO ocula ingoma iJerusalem ehambisana noMaster KG.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA NGUNOMCEBO ocula ingoma iJerusalem ehambisana noMaster KG.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa