Ingoma i"Jerusalem" itshengisa ukuthi ikusasa kalaziwa
NGABA ngumsakazi iminyaka ewu-12, ngizidlala izingoma ezinhlobonhlobo, zisina zidedelana, zikhishwa ngabaculi abakhulu ababedume cishe umhlaba wonke, kodwa lokhu kwengoma kaMaster KG noNomcebo Zikode, kufakazise inkulumo engiyibone sengithwasile ukuthi kanti impilo nezinto zinje.
Uma ngihlehla ngilalela izinkulumo engazizwa zishiwo kimina ngingamukeli ukuthatha umsebenzi wabadala, belokhu beshilo bethi: “Uyosibona ngamehlo, kuningi ongakwazi nokuthi wathi uma uzalwa wawuphathisweni.”
Babechaza ngalolo lonke lolu hambo bethi ngiyobona sekukudala ngingakholwa. Namhlanje sekulula ukuqhathanisa nesimangaliso sale ngoma esenzeka emhlabeni jikelele.
Kangikholwa ukuthi ukhona umculi othi uma eqamba ingoma angafuni ngelinye ilanga ibe seqophelweni lokuthengisa ibe wundabuzekwayo.
Bonke abaculi nabaqambi bakhipha amangwevu, bagijime emisakazweni beyokhuthaza abasakazi ukuba badlale izingoma zabo.
Ziningi eziphunyeleliswa wukudlalwa kakhulu, ezinye zinganakwa zigcine zithengisa ukwedlula ezinye. Kukhona into othi uma uyenza ilindele isikhathi esithile (ukuze iphumelele).
Kokunye kuba khona umuntu owenza into kanti uyenza ngesikhathi ebesivele sihlelekile, bese sithi “ucilo uzishaye endukwini” kanti bekuvele kuhlelelwe ukuba kwenzeke ngaleso sikhathi.
Ngiyakholwa-ke ukuthi uMaster KG noNomncebo ngesikhathi benza le ngoma, babengazi ukuthi kuyoba nesikhathi lapho iyoduma kangaka, igcine isifana neBhayibheli lezizwe nezinhlanga ezahlukene.
Uma uyilalela le ngoma, akukho simanga emagameni ashiwoyo kuyona ngaphandle kokuphindaphinda amagama “Jerusalema Ngilondoloze”, akukho lutho ongathi luwumyalezo othile esizweni kumbe emhlabeni.
Ngesikhathi iphuma le ngoma mhla ka-12 kuZibandlela (December) 2019, imisakazo eminingi kayizange yayigqiza qakala, yathathwa njengezinye izingoma.
Namhlanje uma uthi uyalandela, isilalelwe ngabantu abawu126, 859, 681 emhlabeni jikelele. Okwenzeke kuyona yile nto okuthiwa yisigubhukane.
Baningi abazothi ukuvela kweCovid-19 mhlawumbe yikhona okwakulinde ukuba kuphakamise le ngoma. Lokhu kungaba wukuqagela okufile ngoba umuntu angazibuza ukuthi bekufanele kube khona iCovid-19 ukuze ingoma idume noma bekufanele kuvele ingoma bese kuba nalesi sifo.
Masilivume, silamukele iqiniso lokuthi kukhulu esingakakuqondi ngempilo nokwenzeka kwezinto. Ukuba kwakungavela umuntu ngesikhathi le ngoma ivela, athi iyokuba yindabizekwayo umhlaba wonke, kwakuyothiwa uyahlanya, umhlaba usazelaphi isiZulu.
Kokunye kube khona othi kuyoba khona isikhathi lapho siyohamba sivale imilomo namakhala, angayiphathi eyesifo, kwakuyothiwa uyahlanya. Ngakho lokhu kokubili kufanele kusifundise ukuthi noma yini emhlabeni ingenzeka yamukelwe kalula ngokwesimo eyobe iqhamuke ngaso.
Namuhla ziningi izinto esikholelwa kuzona, okungelula ngelinye ilanga sivuke kuthiwa kazizange zenzeka. Kufanele namuhla sifunde ngoba kasazi, isayensi esikholelwa kuyona kayazi, esithi sikucwaningile ngelinye ilanga siyokulahla.
Le ngoma yaqhamuka ngo2019, ungaqhamuka umbuzo othi kungani ukuduma kwayo emhlabeni kwenzeka manje. Yini lena ethintiwe yasukumisa okwehlamvu? Impendulo ithi akukho.
Uma uMaster KG noNomcebo bengakhuluma iqiniso nenkampani ekhiphe le ngoma ukuthi yini abayenzile ukuthi isukume kangaka, ngineqiniso lokuthi bangathi akukho.
Yilokhu-ke okuthiwa yonke into inesikhathi sayo. Namuhla emhlabeni le ngoma iseqophelweni lokuqala, kwiTop 40 yeMetro FM, ihleli kunombolo 1, kanjalo nakweminye imisakazo.
Ukuqubuka kwale ngoma kutshengisa izinto eziningi; okokuqala ngingabalula ukwenza into kodwa ungazi ukuthi iyoba yini ngelinye ilanga.
Iveza imfihlo yokubekezela nokulinda kodwa ube ungazi ukuthi ukulinda nakubekezela lokho kuyozala nkomoni.
Baningi abantu abahlulwa wukulinda nokubekezela, omunye one into enhle ngoba ebona ithatha isikhathi eside ukwenzeka ngokufisa kwakhe, agcine esethatha izindlela ezingafanele.
Baningi abantu empilweni abona izinto zabo ngokujaha, bengazi nakhona ukuthi bajaheni.
Ingelinye ilanga liyingelinye ilanga kunanoma ngubani. Lokhu ngingakufakazela empumelelweni yomuntu, esiyijahayo sibe singazi siyijaha nje iza nani.
Kimina lokhu kuyimfihlakalo yokuzalwa notho esandleni, okugcina lolo tho ululahla ngokuqhuba izifiso nezinhloso zakho, kodwa imfihlo yalabo abakuphayo ungayazi.
Ngokungayazi ugcine usungenalutho. Kufana nokuthwasa ogcina ujaha ukusebenza nokuduma nemali bese uyothwala. Kufanele sifunde ngokwenzeke kuMaster KG noNomcebo ngengoma iJerusalem.