Bathi izenzo zobudlova ziphoxa abesifazane
Abaholi besifazane bathi mayiphele eyokuthi "eyababili ayingenwa"
SISUKUMISE iMeya yaKwaMhlabuyalingana, uMnu Nkululeko Mthethwa nobuholi bonke balo masipala, isigameko sokubulawa kukaNkz Phindile Myeni (25) waseMahlakwe, eNgwavuma okuthe ngoLwesine baphuma bahambela izindawo ezahlukene bekhuza isihlava sokubulawa kwabesifazane.
ILANGA langomhla ka-27-29 kuNcwaba (August) laloba ngokubu-lawa kukaNkz Myeni okwaboshwa isoka lakhe ngokufa kwakhe.
Ekhuluma neLANGA emuva kwesigameko uyise kamufi, uMnu Johannes Qwabe, wathi isoka lendo-dakazi yakhe, elinguMnu Siyabonga Mbuyazi (38), laqala ukwethusana nayo bephuma endaweni yokucima ukoma, layishaya ngesiqwayi baze bayongena kwaZikhali.
Wathi uzwe kuthiwa uMnu Zikhali wayibamba oqotsheni iqabulana nowesilisa eyayithandana naye phambilini.
ILANGA likhuluma noMnu Mthethwa, uveze ukuthi isigameko sokubulawa ngesihluku kukaNkz
Myeni sivuse izilonda ezindala ebeseziqala ukuphola zokuhlukunyezwa kwabantu besifazane endaweni yabo. Uthi le ndawo beyaziwa kakhulu ngokuthi abebala elimhlophe, ikakhulukazi okungabesifazane bayabulawa noma bahlukunyezwe.
“Yize kungaseyona inyanga yabesifazane, sekungeyamagugu, kodwa sibone kubalulekile ukuba siqhube-ke nomkhankaso wokuxwayisa abesilisa ababulala abesifazane nezinga-ne ukuthi bazophelela ejele.
"Lo mkhankaso kawubhekisiwe kwabesilisa kuphela, kepha ubhekiswe emphakathini jikelele. Sithi umphakathi mawungathuli uma kunesimo esingaqondakali esenzeka phakathi kwabathandanayo,” kusho uMnu Mthethwa.
UNkz Fikile Mlambo oyisekelameya - ongomunye wabesifazane abebehamba phambili kulo mkhankaso - uthe ukudlondlobala kwalesi sihlava kuyaphoxa, ikakhulukazi kubaholi besifazane.
“Iyasiphoxa le nto eyenzeke kule ndawo njengabantu besifazane abangabaholi ngoba uma silandelela, siyathola ukuthi abantu abaningi bebazi ukuthi laba bazogcina bebulalene, kodwa akekho oxhumane nabaholi, osonhlalakahle noma abomthetho ukuze bangenelele ukuthi basizwe kungaze kuphume isidumbu.
"Umyalezo omkhulu esiwuphethe emphakathini wakithi ngowokuthi isikhathi esiphila kusona kasisakwazi ukuthi sihlale sigoqe izandla sithi eyababili kayingenwa, uma kunezi-nsolo nje zokuthi kukhona ohlukumeza omunye, kumele sikhulume,” kusho uNkk Mlambo.
Uthi abesifazane mabafunde ukusheshe bakhulume uma bebona ukuthi bayahlukumezeka ebudlelwaneni ngoba ukuthula kwabo kuba nemiphumela engemihle.
Ngaphambi kokuba ubuholi bukamasipala buhambele umndeni kaNkz Myeni, buqale edolobheni laseMbazwana lapho bebukhuluma namalungu omphakathi ngalesi sihlava.
Kube sekuba nesivimbamgwaqo lapho bekunezinhlaka ezehlukene zezokuphepha, kukhulunywa nabashayeli nabagibeli kukhuzwa wona umkhuba wokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.