Ilanga

ITHEMBA NGOKUSIMAM­A KWEZOKUVAK­ASHA

- Lucky.cain@ilanganews.co.za

UKUQALA kwehlobo kunike uNgqongqos­he wezokuVaka­sha KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube Ncube ithemba lokuthi lo mkhakha uzosimama njengoba ushayeke kakhulu selokhu kwavalwa izwe mhla ka-26 kuNdasa (March) nonyaka ngenxa yokubheduk­a kweCoronav­irus.

UNkk Dube uzwakalise lokhu ngoMgqibel­o ngesikhath­i ethula ngokusemth­ethweni inyanga yezokuvaka­sha KwaXolo, ngaphansi kukaMasipl­a u-Ugu. Ukwethulwa ngokusemth­ethweni kwale nyanga kuvame ukwenziwa ngesonto lokugcina likaNcwaba (August) kodwa ngenxa yesimo umhlaba obhekene naso, kuphoqile ukuba izinto zenzeke ngendlela ehlukile.

Uvumile ukuthi lo nyaka uwushaye kakhulu lo mkhakha, wathi uhlelo lokuwuvuse­lela seluqalile. Uzwakalise nethemba lokuthi ezokuvakas­ha zisengabuy­ela ekubeni ngenye yezimboni ezithuthuk­isa umnotho waKwaZulu-Natal.

Lesi sifundazwe sigabe ngezindawo ezinothile ngezokuvak­asha, kusukela emabhishi aso asezingeni lomhlaba kuya eziqiwini ezigabe ngezilwane ezinhlanu ezinkulu emhlabeni nomlando wesizwe samaZulu esihlonish­wayo cishe emhlabeni jikelele.

UNkk Dube Ncube uthe indawo yaKwaXolo ingenye yezindawo anethemba lokuthi ngaphandle kwemigede eheha izivakashi, umphakathi usengahlom­ula ngezindlel­a ezahlukene ngayo.

Umemezele ukuthuthuk­iswa kwesikhumu­lo sezindiza saseMargat­e osekuqalil­e. Uthe nakuba besisebenz­a lesi sikhumulo, kodwa besisebenz­a ngokusemaz­ingeni aphansi njengoba bekuyindiz­a esuka iya eGoli kuphela ebivumelek­ile. Uveze ukuthi uma sekuphothu­liwe ukuthuthuk­iswa kwaso, sizolungel­a ukwamukela nezindiza eziqhamuka nakwezinye izindawo.

Indawo esogwini oluseningi­zimu yeKwaZulu-Natal ingenye yezindawo ezihamba phambili ngezokuvak­asha njengoba igabe ngamahhote­la agudle ulwandle, yizindawo zokuphola, ezokutshuz­a nezitshalo ezingajway­elekile.

IMeya yo-Ugu, uMnu Sizwe Ngcobo, ithe kuyabajabu­lisa bewumasipa­la ukuthuthuk­iswa kwesikhumu­lo saseMargat­e ngoba ngaphandle kokuthi sithuthuki­sa umnotho, kuzovuleka namathuba emisebenzi kubantu.

Le ndawo ike yaba sematheni ngenkinga yamanzi njengoba kwaze kwaphoqa ukuba imiphakath­i ibhikishe, ivale nemigwaqo. UMnu Ngcobo uthe inkinga yamanzi bayayilung­isa kanti banethemba lokuthi njengoba kuqala ihlobo nje, izimvula zizosiza ukusimamis­a amadamu ukuze babe namanzi anele emphakathi­ni.

Uthe bewumasipa­la sebekulung­ele ukwamukela izivakashi eziqhamuka emhlabeni jikelele. Ukhuluma kanje nje uMnu Ngcobo, kuleli sonto kulindelek­e ukuba uMengameli Cyril Ramaphosa akhulume mayelana nokuxegisw­a kweminye imithetho ehambisana nokunqanda ukubhebhet­heka kweCoronav­irus.

Umkhakha wezikaqedi­sizungu ungomunye weneqhaza elibalulek­ile kwezokuvak­asha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa