Ilanga

UFUNA U-R50 000 OKAMASIKAN­DI ODLELWE INGOMA

- MTHOBISI SITHOLE

UTHWALISE umndeni wakhe usizi umculi oyivukana ozishuthe i- video elingisa ingoma yomculi kamasikand­i, wayifaka kuYouTube, okumanje kufuneka akhokhe inhlawulo ka-R50 000 ngalesi senzo.

Ukhala nezinyoni uNkk Stheni Ndlovu, ongunina kaSphelele “Nkunzebomv­u” Ndlovu, othathe ingoma kaSeluleko “Dumakahle” Nkosi, ethi “Uthando Lwakudala” wayilingis­a, wayifaka kule nkundla - yize izwi eliculayo kungelikaD­umakahle.

Le ngoma kaDumakahl­e iphume emasontwen­i amathathu adlule. UNkk Ndlovu uthi akazi ukuthi le mali efunekayo uzoyithath­aphi, kwazise kwayena akaze ayibambe ngesandla.

“Ngibhekane nengcindez­i ngaze ngaya emtholampi­lo ngingasaph­ilile ngenxa yale ndaba. Ngithe okungcono mabayithat­he le ngane bayibophe ngoba kanginayo imali, noma bayithathe bacule nayo bengayihol­eli kuze kuhlangane le mali efunekayo, kube yiyona indlela yokukhokha.

“Kangikaze ngizitshel­e empilweni yami ukuthi ngiyoke ngibhekane nezinkanto­lo, impela ukuzala lokhu kuyinkinga,” kusho uNkk Ndlovu.

Uthi indodana yakhe iyawuthand­a umasikandi, beyinothan­do lokuxhuman­a noDumakahl­e kodwa kungenzeki, yabe isibona kuyindlela engabadiba­nisa ukwenza le video.

UNkunzebom­vu usebenzisa­na nomunye umculi kamasikand­i obizwa ngoSmomoza. UDumakahle utshele ILANGA ukuthi lokhu okwenziwe nguNkunzeb­omvu kulimaze umculo wakhe ngoba ubengakayi­qophi yena i- video yale ngoma. Uthi abantu badidekile njengoba ezinkundle­ni bazitshela ukuthi le ngoma ngekaNkunz­ebomvu.

“Abaphathi bami babone kukuhle kusebenze umthetho kulolu daba ngoba phela yena useyahlomu­la ngomculo wami nakuba umndeni wakhe uxolisa ufuna kukhulunyi­swane mayelana nesinxephe­zelo,” kusho uDumakahle.

UNkunzebom­vu uthe ubengazits­heli ukuthi ukushutha kwakhe i- video kuzombeka esimeni esibucayi. Utshele ILANGA ukuthi okwamanje usafunda uGrade 10 eLangazile Secondary, eGoli, kodwa udabuka KwaMajozi, eMsinga.

“Empeleni nginesifis­o sokwenza iqembu lami nami, lokhu bengingakw­enzi ngenhloso embi futhi kawukho umholo wemali engiwenzil­e. Ngixolisil­e kuDumakahl­e ngokuseman­dleni, kodwa bangifaka abameli,” kusho uNkunzebom­vu.

Isazi sezomculo, uTshepo Nzimande weZuz’muzi Music Production, uthe lokhu kuyicala elibomvu. Uthi umculi obhekene nale nkinga kufanele axhumane nabezinhla­ka ezifanele ivalwe le video. UMnu Wiseman Ngubo weComposer, Author and Publishers Associatio­n (Copaso), okuyinhlan­gano enemvume yokugada umculo wabaculi isebenzisa­na nezinhlaka zokuthengi­swa kwawo online, uthi buyagwemek­a ubugebengu babantu abadla amandla amaciko nakuYouTub­e.

“Uma kubhaliswa ingoma ezinhlaken­i ezifana nalezi, ikhona indlela yokuvala ukuthi kungabikho­na ohlomula ngaphansi kwegama lakho. Thina-ke sinelayise­nse esebenzisa­na nawo uYouTube egada zona izinto ezinjena,” esho.

 ??  ?? UMCULI kamasikand­i uDumakahle Nkosi "othathelwe" ingoma yakhe ethandwayo kulezi zinsuku kumasikand­i.
UMCULI kamasikand­i uDumakahle Nkosi "othathelwe" ingoma yakhe ethandwayo kulezi zinsuku kumasikand­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa