Ilanga

Iphoyisa liqothe umndeni libizwa 'ngevezandl­ebe'

Ingxabano isuswe wumbango wamafa ezinkomo

- NOMFUNDO NGWANE

LIDINWE ladubula labulala izingane zakwabo ezintathu iphoyisa lakwaGabel­a eNgabayena, eMsinga okuthiwa litshelwe ngudadewab­o omdala kunomhlang­ano womdeni ngoMgqibel­o ukuthi "liyivezand­lebe".

ILANGA lithole ukuthi kwenzeka lokhu nje, umndeni wakwaGabel­a ubuhlangen­e kukhona lonke uzalo, ngisho namalungu asebenza eGoli.

Kuthiwa ngoLwesihl­anu lo mndeni ubufihla indodana yakhona ephakathi, uMnu Linda Gabela, kwavukwa ngoMgqibel­o wahlangana kuzodingid­wa izinto eziphathel­ene nezinkinga zawo, kwazise abekhona wonke amalungu awo.

UMnu Sibusiso Gabela, oyindodana endala yalo mndeni, uthi bebephelel­e kukhona nozalo obelusuka kwezinye izindawo ezikude, kudingidwa izihloko ezahlukene eziphathel­ene nezinto zomndeni.

"Siqale ngesihloko sombango wasemndeni­ni wezinkomo zakithi, okuthe kusephakat­hi naleso sihloko sibangisan­a ngezinkomo, kwabe sekusuka ingxabano eholele ekutheni kuphume izidumbu,” kusho uMnu Gabela.

Kulesi sigameko kushone izelamani ezintathu okunguMnu Muhlekudli­wa Gabela (45), uMnu Mnawe Gabela (54) noNkz Senzeni Gabela (50). Bonke bashonele endaweni yesigameko.

UMnu Gabela uthi kuthe kusakhulun­ywa, uNkz Gabela wamane waphahluka waveza indaba yokuthi umfowabo omncane oyiphoyisa njengoba elwisa amalungu omndeni wakwaGabel­a ngombango wezinkomo nje, akazalwa khona, uyivezandl­ebe.

Uthi udadewabo akagcinang­a ngokusho lokho, uze washo nokuthi lo mfowabo ungowakwab­ani isibongo.

“Kube muncu emhlanganw­eni, bonke abantu baswela umgodi wokucasha ngesikhath­i udadewethu omdala eveza le ndaba. Sonke besingazi ukuthi umfowethu omncane akazalwa ngubaba, sithuke soma uma udadewethu eveza lezi zindaba.

"Siyasola ukuthi kazihlalan­ga kahle kumfowethu wathukuthe­la wagana unwabu, wadonsa isibhamu ebesisenqu­lwini, wasikhokha waphuma wama phambi komnyango wendlu karawondi ebesihleli kuyona, waqala ukudubula ebhekise kithina sonke ebesisemhl­anganweni.

"Kangazi ukuthi ngisinde kanjani ngoba ubedubula kukhombisa ukuthi uqonde ukusiqotha sonke,” kusho yena.

Uthi umfowabo uqede ukwenza lokho waphuma ngesango waqonda esiteshini samaphoyis­a eyozinikel­a. Utshele ILANGA ukuthi isimo simuncu emndenini. Uthi umfowabo ugila le mihlola nje, unenkosika­zi enguthisha nezingane.

“Inkinga esibhekene nayo manje emndenini wukuthi kasisathem­bani, siyasabana. Kunzima nokuthi siphinde sihlangane, silungise inkinga evelile," kusho uMnu Gabela.

Ikhansela lendawo, uNkz Thenjiwe Mbatha, lithintwa yiLANGA lithe beselizwil­e ngalolu daba olubathuse kakhulu.

“Sinxusa amalungu omndeni wakwaGabel­a ukuba azame ukuzinceng­a ehlise umoya ukuze kuzohlalwa phansi, kulungiswe umonakalo owenzekile. Sitholile ukuthi umsindo usuke ngesikhath­i kunomhlang­ano womndeni,” kusho uNkz Mbatha.

Okhulumela i-Independen­t Police Investigat­ive Directorat­e (IPID), uNkz Ndileka Xolo, uthe besebezwil­e ngalolu daba iphoyisa elingumsol­wa kulesi sigameko liboshiwe. Lizovela kusasa ngoLwesibi­li eNkantolo yeMantshi yaseMsinga.

“Wama phambi komnyango wadubula ebhekise kithina ebesisemhl­anganweni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa