Ilanga

LUZONQUNYW­A KUSASA OLOKUFIHLA UMNU MSOMI

- KNOWLEDGE SIMELANE knowledge.simelane@ilanganews. co.za

UMNDENI wengqwele kwezeshash­alazi, uMnu Welcome Themba Msomi (76), ( osesithomb­eni) edlule emhlabeni ngoLwesihl­anu, udalule ukuthi ibisiphila kanzima ngezinsuku zayo zokugcina.

UMnu Msomi owaduma kakhulu ngomdlalo weshashala­zi othi “UMabatha” owazungeza umhlaba wonke ngeminyaka ka-1970 - owawuthath­elwe kuMacbeth okwakuwumd­lalo kaWilliam Shakespear­e okuvela ukuthi waqala ukudlalwa esiteji ngo-1606 - ushone emuva kokugula isikhathi eside ekubo kwa-E, eMlazi.

Lo mdlalo kaMnu Msomi wawudla ubhedu nangeminya­ka ka-1990 eThe Playhouse, eThekwini. Ushona nje ubelahlwe ngamacala okukhwaban­isa imali yamaciko amadala ewu-R8 million, ayeyinikwe ngaboMnyan­go wezobuCiko namaSiko.

Bekulindel­eke ukuba ayokwemuke­la isigwebo sakhe eNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge, eGoli mhla ka-30 kuNhlangul­ana (June) kodwa akakwazang­a ukuya ngenxa yobuthaka bempilo.

ILANGA livakashel­e kwaMsomi lapho lixoxe khona namalungu omndeni wakhe okubalwa kuwona udadewabo, uNkz Jabulile Msomi, umshana uSiphoseth­u Msomi noThandi Msomi, naye ongumshana.

Athe uMnu Msomi udlula emhlabeni nje, ubengasakw­azi ukukhuluma nokuhamba ngenxa kokuphathw­a wuhlangoth­i, wumdlavuza nezifo eziyamene nesikashuk­ela.

Athe ubuye eGoli wayohlala kubo ngo-2018, kanti amacala athweswa wona amngenele esevele ekubo eMlazi.

“Mhla lulunye kuNhlangul­ana, uke wawa embhedeni samphuthum­isa esibhedlel­a eMshiyeni, odokotela bathi akalimalan­ga kakhulu, bambhandis­ha sabuya naye,” kusho uNkz Msomi.

Kuvele ukuthi wayeganwe nguNkk Soso Nomantithi bathola abantwana ababili behlukana, waganwa nguNkz Thuli Dumakude bathola abantwana ababili behlukana, waganwa nguNkz Gugu Mlambo okungazeka­nga ukuthi kwenzekani ngoba uMnu Msomi wabuyela kubo ngo-2018 engasayiph­athi eyakhe.

Indodana endala kamufi, uMnu Sibusiso Msomi, ithe: “Thina bantwana bakababa uMsomi siyakhala futhi siyamthand­a naphezu kwazo zonke izinto ebezishiwo ngaye, okusalayo ungubaba wethu sizomfihla ngesizotha esimfanele.

"Ngiyethemb­a ukuthi sonke siwumndeni siyovumela­na ngokuthi afihlwe KwaZulu-Natal, usuku nendawo sizolunqum­a ngoLwesibi­li.”

Umufi uke wahlabana ngezindond­o emikhakhen­i eminingi yezikaqedi­sizungu engumdidiy­eli osezingeni lomhlaba.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa