AMACIKO AKHALA "NGOMNYANGO OWACWASAYO"
AKHALA ngoMnyango wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, oholwa nguNkk Bongi SitholeMoloi, amaciko angaphansi kweCreative Worker's Union kulesi sifundazwe. Encwadini, leli phephandaba elinayo ikhophi yayo, la maciko aveze ukungenami kwawo ngendlela lo mnyango owenze ngayo ngesikhathi ebhekene nefu elimnyama ngokudlula emhlabeni kwelinye lamaciko akulesi sifundazwe, uSbusiso "Ankeli" Shangase obengusomahlaya. U-Ankeli udlule emhlabeni emasontweni amabili adlule, wafihlwa ngoMgqibelo emuva kwenkonzo ebiseMbumbulu Coastal College, KwaMakhutha. Kule ncwadi amaciko athi indlela lo mnyango owenze ngayo ngezinsuku zokugcina zika-Ankeli, ukhombise okukhulu ukucwasa.
“Umnyango kawukwazanga nokuvakashela umndeni obusemanzini, futhi kawuzange uzixake nangokuba yingxenye yamalungiselelo enkonzo yesikhumbuzo nomngcwabo.
"Siyakuqonda ukuthi ungqongqoshe umatasa, kodwa besilindele noma yisithunywa ebesizomela umnyango,” kusho le ncwadi okuthiwa ithunyelwe ehhovisi likangqongqoshe.
Le ncwadi iqhubeka iveze ukuthi lo mnyango kawuqali ukukhombisa ukungawahloniphi amaciko nokungazwelani nawo. Ithi kunemihlangano okwavunyelwana ukuthi izoba khona kodwa yagcina ingenzekanga.
Iphetha ngokunxusa ukuthi kube nomhlangano ukuze kuxazululwe izinkinga amaciko anazo nomnyango.
UNks Joy Mbewana, ongunobhala wale nyunyana KwaZulu-Natal, ongomunye wabasayine le ncwadi, uyiqinisekisile, waveza ukuthi bayithumele ngoLwesibili ehhovisi likaNgqongqoshe Sithole-Moloi.
Okhulumela ungqongqoshe, uMnu Mthobisi Makhathini, uthe bebengakayitholi le ncwadi, ngakho ngeke bakwazi ukuphawula ngokubhalwe kuyona.