Ilanga

UVULE IKHASI ELISHA EMLANDWENI USHENGE

- Madoda Yende EGOLI

MHLELI: Kumele simbonge uMvelingqa­ngi osenze saphila ngesikhath­i esifana nalesi.

Yize ngisengumu­ntu omusha ngokweminy­aka, kepha ngithi uNkulunkul­u ungibusisi­le ukuba nami ngiphile kulesi sikhathi lapho umlando uziphinda, uNdunankul­u kaZulu wonkana, iNkosi (Mangosuthu) Buthelezi, uMengameli we-IFP evula ikhasi elisha lomlando lapho emenywa khona eZambia yisizwe sabeNgoni, noMnu Kenneth Kaunda owayengume­ngameli wakuleliya lizwe.

Ngikhuluma ngokuphind­a kuhlangane izishabash­eki okwakuvele kusemizwen­i nasemthanj­eni yazo ukuba isizwe esimpishol­o sikhululek­e, siphile ngokunethe­zeka. Shenge, kwabanonem­beza oneqiniso kufanele ukuba namhlanje bayakuvuma ngokukhath­alela izwe lakho.

Inkulumo yakho ohlale uyikhuluma kithina igcwalisek­ile, nabebephik­a ngoba befunzwe imfundisoz­e ngendima yakho owayikhath­ula ukuze kukhululek­e iNingizimu Afrika, namhlanje inkukhu inqunywe umlomo kubona.

Mina ngikubiza ngenhlanhl­a kimina ngoba ubaba uCleopas Nsibande (owayengumh­oli kaKhongolo­se), wayeke wayisho sisenkonzw­eni yesikhumbu­zo sikaMfu Celani “CJ” Mthethwa - engathengi amehlo akho Shenge njengoba wawungekho lapho Ndabezitha (sasiseCity Hall, eGoli).

Wayekusho ethi kuhle lo mlando siwazi siyintsha, lapho kwakukhona nabanye abaholi bakaKhongo­lose nabeNkatha. Wayeqhakam­bisa iqhaza lakho elihle elisiholel­e kwiNingizi­mu Afrika ekhululeki­leyo yize kwakungelu­la.

Namhlanje nababenoku­ngabaza ngokusungu­leka kweNkatha yeNkululek­o yeSizwe bazizwele, okanye kukhanye bha ukuthi kayisungul­wanga kuxatshenw­e futhi kungazwenw­e, kepha kungenxa yokulwela isizwe esimpishol­o.

Amazwi akhulunywe/abhalwe owayengume­ngameli waseZambia, ahlale ngqo kohlale ukusho. Shenge sincoma ukugcizele­la kwakho ukuba kuhlonishw­e iphalamend­e lapho sesiphethw­e ngomengame­li abampishol­o. Ngempela Shenge enye yezinto ozibeka phambili, okuwukwamu­kelana sibe munye, sehlukene, zikhanya bha okwenhlamv­u yelanga.

Isimemo saseZambia ositholile akuyona into encane. Ngicela inkulumo ebhalwe phansi kaMnu Kaunda ihunyushwe ngezilimu zonke zaseNingiz­imu Afrika, ifakwe emaphephen­i ngokwehluk­ana kwawo. Shenge, uJehova asigcinele wena, kuningi osazosikha­nyisela kukho siyintsha yaseNingiz­imu Afrika.

 ??  ?? UMFUNDI uncoma izimfundis­o ezinhle zeNkosi Mangosuthu Buthelezi, enguMengam­eli we-IFP, ehlale igcizelela ukuba abantu bahlonipha­ne, babekezele­lane. Lokhu kulandela ukumenywa kwayo ukuba yisikhulum­i esiqavile eZambia
UMFUNDI uncoma izimfundis­o ezinhle zeNkosi Mangosuthu Buthelezi, enguMengam­eli we-IFP, ehlale igcizelela ukuba abantu bahlonipha­ne, babekezele­lane. Lokhu kulandela ukumenywa kwayo ukuba yisikhulum­i esiqavile eZambia

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa