Ungabi budedengu ngokhrikhethi
NJALO nje uma kunemigubho emikhulu emhlabeni ngeke ungabazitholi okhrikhethi imvamisa abaqhunyiswa ebusuku (fireworks).
Bayehlukana ngezindlela eziningi okhrikhethi kanti nendlela abahlobisa ngayo emoyeni lapho beqhunyiswa kayifani. Njengoba sekusondele umhlaka-31 December, abantu abaningi sebebathengile, abanye basabathenga.
Akulona icala ukuqhunyiswa kokhrikhethi kusemthethweni. Nakuba beyingxenye yenjabulo kodwa banobungozi obungadala umonakalo omkhulu.
Kuyaziwa ukuthi minyaka yonke okhrikhethi balimaza abantu abaningi futhi bashisa ngisho izimpahla njengoba ekhafula umlilo. Ngenxa yokuthi abanye abantu basuke begajwe yinjabulo uma bebaphethe baye bangaqapheli indlela ababaqhumisa ngayo bese kudaleka umonakalo.
Ngisho okhrikhethi abancane bayawudala umonakalo, akubona nje kuphela labo abakhulu abayingozi. Izingozi ezingadalwa okhrikhethi zingagwemeka uma nje bengasetshenziswa ngendlela efanele nangokucophelela.
Abavikela izilwane iSociety for the Prevention of Cruelty to Animals (SPCA) minyaka yonke ihlale ikhala ngokuthi okhrikhethi baphazamisa noma bahlukumeza izilwane - baye bagqugquzele ukuba zicatshangelwe nazo lapho beqhunyiswa, zivalelwe endaweni ephephile lapho zingeke ziphazanyiswe wumsindo omkhulu wokhrikhethi
INHLOBO ZOKHRIKHETHI Sparklers
Lolu wuhlobo olujwayeleke kakhulu kanti lukhonzwe yizingane. Bancane ngokosayizi, imvamisa izingane zitholakala zidlala ngabo emigwaqweni zibaqhumisa. Ngenxa yokuthi bancane, abaningi bangacabanga ukuthi akunabungozi kanti akunjalo, nabo bayingozi njengamanye.
Ama- sparklers kuthiwa kulula ukuba anamathele ezimpahleni zishe futhi kulula nokuba aqathakele ezinyaweni umntwana ashe.
Bottle Rockets
Laba bachonywe endukwini okuyiyona ebanjwayo uma beqhu- nyiswa. Bangaba yingozi kakhulu lapho abantu bewuqhumisa budedengu njengoba abanye baye badlale ngawo, bawuqhumise babhekise kwabanye.
Ochwepheshe bezempilo kwesinye sezikhungo zaphesheya kwezilwandle iVanderbilt Eye Institute eseVanderbilt University Medical Center bathi sebebone inqwaba yabantu abalimele emehlweni ngenxa yokhrikhethi kanti benze ucwaningo abakholelwa wukuthi luzosiza ekufundiseni kangcono ngezokuphepha.
UDkt Franco Recchia oyi-Associate Professor of Ophthalmology and Visual Sciences kulesi sikhungo uthi ocwaningweni lwabo bathole iningi lezingane selinenkinga yamehlo ngenxa yama- fireworks yokulimala.
Firecrakers
Lolu hlobo lwakhelwe ukubekwa phansi bese lulayithwa, luqhume isikhashana. Lukhipha umsindo omkhulu kanti futhi lungadala ukusha nokulimala kanzima. Roman Candles
Laba bajwayeleke kakhulu. Bayindukwana eyishubhu (tube) elide, elilayithwa phezulu bese libanjwa ngesandla liqhume lilokhu likhipha ama- shell ngalinye. Nawo ayingozi njengawo lawa amanye.
OKUSEMQOKA UKUBA UKWENZE:
Ungalokothi usebenzise okhrikhethi uma udle amponjwana noma izidakamizwa.
Ungavumeli izingane ezingaphansi kweminyaka ewu-16 ukuba ziqhumise okhrikhethi .
Abantwana asebekhulile kufanele baqashelwe ngabadala uma beqhumisa okhrikhethi. Noma ngubani oqhumisa okhrikhethi kufanele afake izibuko zokuvikela amehlo.
Ungalokothi uqhumise okhrikhethi endlini.
Layitha ukhrikhethi owodwa ngesikhathi, futhi uma usulayithile qhela ngokwanele.
Kuyenzeka uthi uyawuqhumisa uthule ungaqhumi - ungazami ukuphinda uwuqhumise noma uwubambe ngesandla.
Labo abangaqhumanga noma abangasetshenziswanga mabafakwe emanzini amahora ambalwa ngaphambi kokuba alahlwe.
Makube nebhakede lamanzi eduze ukuze kuzocishwa lawo angaqhumanga kahle noma uma kwenzeka kuqubuka umlilo.