Ilanga

ABDUL MILAZI

-

BEKUTHULE kamnandi ngoMsombul­uko abantu baseZimbab­we bebuyele kwelakubo beyovota, sikwazi nokuzenway­a uma sihamba emadolobhe­ni.

Sengiyabon­a kungani uMengameli waseMelika, uDonald Trump, efuna ukwakha ubondakazi oluzovimba abaseMexic­o ukuba bangangeni ezweni lakhe. NaseChina bakwazi ukwakha ubonda lolu oselwaziwa ngeGreat Wall of China.

Phela lolu bonda ngeke ukwazi ukulweqa ngisho noma ngabe wakhula ugibela imithi emide ngakini, untshontsh­a izithelo, kakudlalel­wa kulona.

Umfo kaTrump lona kusho ukuthi wayehleli ethi njalo uma evakashe eChina, alubukisis­e lolu bonda bese evukwa wumona, azitshele ukuthi iMelika ngeke yehlulwe ngamaShayi­na.

Kusho ukuthi yiso isizathu esamenza wangenela ezombusazw­e, ngenhlanhl­a waqokwa njengomeng­ameli, washo ngaphakath­i uku- thi “ngaze ngalithola ithuba lokwakha olwami ubonda, ngibonise la maShayina ukuthi ngingubani mina”.

Phela kuleli sonto ufunge wagomela wathi uma iphalamend­e lingamesek­i kulesi sifiso sakhe sokwakha lolu bonda, uzoyinyova, afake amabhuleki kuhulumeni wonke, kungaseben­zi lutho.

Iyazethemb­a le nsizwa bo! Phela kusho ukuthi uzobe eshaya itoyitoyi yomhlaba.

Kusho ukuthi uTrump lona ukhule eyibhoklol­o, nakhu usehlokolo­ze iChina, wazohlokol­oza i-Europe yonkana, waphinda futhi wathembisa i-Iran isibhaxu esingakaze sibonwe ngisho emandulo, kusaphila uJesu emhlabeni.

Phela uJesu naye kuthiwa wayedumile ngesibhaxu, indoda wayengayib­uzi ukuthi ijimaphi, wayeyithel­a inkalivasi nje kungabi ndaba zalutho. Liyasho neBhayibhe­li ukuthi wathela abantu ngemvubu baphuma ngesamagu- ndane ethempelen­i, lapho babethengi­sa khona amagwinya nophaya.

Lo mfo kaTrump ungikhumbu­za uRobert Mugabe oketulwe ngamasosha ngoLwezi wonyaka odlule kwesokuba ngumengame­li waseZimbab­we. Phela undodamphi­ni lona wayezenzel­a umathanda, futhi elakhe lalingaphi­kiswa uma usafisa ukudla anhlamvana.

Waze watalabha ngisho nabelungu, ebathathel­a amasimu abo, babaleka bagcwala amathafa. Ngimbone ekhuluma kumabonaku­de ethi yena ngeke esalixhasa leli qembu ayelipheth­e iminyaka engamashum­i amane iZanu-PF ngoba lamkhiphis­a okwenja esihlalwen­i sombuso.

Uthe yena uzovotela iMovement for Democratic Change (MDC), esiholwa nguNelson Chamisa njengoba sewashona umsunguli walo, uMorgan Richard Tsvangirai. Ipolitiki kayinaqini­so ngoba phela uTsvangira­i lona nabalandel­i bakhe beMDC, babephila ngesibhaxu, uMugabe ezitamuzel­a nje kubo. UTsvangira­i wayehlale emabokobok­o, waze wabaleka wazokhosel­a lapha eNingizimu Afrika, manje uMugabe usethi uhamba nabo kulolu khetho!

Kusho ukuthi naye kumele athi ukuthola isibhaxu kancane. Ngiyamsola uMengameli Emmerson Mnangagwa ukuthi usengamthi­ntitha nje ngemvubu, abole izibunywan­a lezi asehluleka nokuhlala ngazo.

Angavele futhi uMnangagwa amshaye ngentambo kagesi, alingise uGrace Mugabe eshaya intombazan­yana yekhaladi kwelinye lamahhotel­a adumile eGoli.

NoMnangagw­a lona kuthiwa wayengupha­kimpi kaMugabe futhi nguye owasoconga amaNdebele kusukela ngonyaka ka-1983 kuze kuyoshaya u-1987, ewathumela ngamasosha. Yena noMugabe basungula uhlelo olwalwaziw­a nge-Operation Gukurahund­i, lapho kwabulawa amaNdebele evile ezinkulung­waneni ezingamash­umi amabili.

Kwakukhona nokudelela ekubulawen­i kwamaNdebe­le ngoba phela kuthiwa leli gama elithi Gukurahund­i lisho uzamcolo okhuculula amahleza namakhasi asale emuva kwesivuno.

Kusho ukuthi amaNdebele babewabona njengamahl­eza!

Phela wukuqhuba intwala ngewisa lokhu, okungathan­dabuzwa. Kasazi-ke ukuthi iyozala nkomoni emshadweni omusha kaMugabe neMDC. Mhlawumbe nje kuyothi uma kwenzeka liphumelel­a leli qembu, uMugabe athi ufuna ukuphatha, athembise bonke abantu abaphikisa­yo isibhaxu esingakaze sibonwe.

Uyobakhumb­uza futhi ukuthi wayebabhax­abula, angabaphin­da futhi uma ethanda.

Sebebuyile abebeyovot­a, manje sesichiliz­ana ngezindolo­lwane emadolobhe­ni, akusahambe­ki.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa