ABDUL MILAZI
BEKUTHULE kamnandi ngoMsombuluko abantu baseZimbabwe bebuyele kwelakubo beyovota, sikwazi nokuzenwaya uma sihamba emadolobheni.
Sengiyabona kungani uMengameli waseMelika, uDonald Trump, efuna ukwakha ubondakazi oluzovimba abaseMexico ukuba bangangeni ezweni lakhe. NaseChina bakwazi ukwakha ubonda lolu oselwaziwa ngeGreat Wall of China.
Phela lolu bonda ngeke ukwazi ukulweqa ngisho noma ngabe wakhula ugibela imithi emide ngakini, untshontsha izithelo, kakudlalelwa kulona.
Umfo kaTrump lona kusho ukuthi wayehleli ethi njalo uma evakashe eChina, alubukisise lolu bonda bese evukwa wumona, azitshele ukuthi iMelika ngeke yehlulwe ngamaShayina.
Kusho ukuthi yiso isizathu esamenza wangenela ezombusazwe, ngenhlanhla waqokwa njengomengameli, washo ngaphakathi uku- thi “ngaze ngalithola ithuba lokwakha olwami ubonda, ngibonise la maShayina ukuthi ngingubani mina”.
Phela kuleli sonto ufunge wagomela wathi uma iphalamende lingameseki kulesi sifiso sakhe sokwakha lolu bonda, uzoyinyova, afake amabhuleki kuhulumeni wonke, kungasebenzi lutho.
Iyazethemba le nsizwa bo! Phela kusho ukuthi uzobe eshaya itoyitoyi yomhlaba.
Kusho ukuthi uTrump lona ukhule eyibhoklolo, nakhu usehlokoloze iChina, wazohlokoloza i-Europe yonkana, waphinda futhi wathembisa i-Iran isibhaxu esingakaze sibonwe ngisho emandulo, kusaphila uJesu emhlabeni.
Phela uJesu naye kuthiwa wayedumile ngesibhaxu, indoda wayengayibuzi ukuthi ijimaphi, wayeyithela inkalivasi nje kungabi ndaba zalutho. Liyasho neBhayibheli ukuthi wathela abantu ngemvubu baphuma ngesamagu- ndane ethempeleni, lapho babethengisa khona amagwinya nophaya.
Lo mfo kaTrump ungikhumbuza uRobert Mugabe oketulwe ngamasosha ngoLwezi wonyaka odlule kwesokuba ngumengameli waseZimbabwe. Phela undodamphini lona wayezenzela umathanda, futhi elakhe lalingaphikiswa uma usafisa ukudla anhlamvana.
Waze watalabha ngisho nabelungu, ebathathela amasimu abo, babaleka bagcwala amathafa. Ngimbone ekhuluma kumabonakude ethi yena ngeke esalixhasa leli qembu ayeliphethe iminyaka engamashumi amane iZanu-PF ngoba lamkhiphisa okwenja esihlalweni sombuso.
Uthe yena uzovotela iMovement for Democratic Change (MDC), esiholwa nguNelson Chamisa njengoba sewashona umsunguli walo, uMorgan Richard Tsvangirai. Ipolitiki kayinaqiniso ngoba phela uTsvangirai lona nabalandeli bakhe beMDC, babephila ngesibhaxu, uMugabe ezitamuzela nje kubo. UTsvangirai wayehlale emabokoboko, waze wabaleka wazokhosela lapha eNingizimu Afrika, manje uMugabe usethi uhamba nabo kulolu khetho!
Kusho ukuthi naye kumele athi ukuthola isibhaxu kancane. Ngiyamsola uMengameli Emmerson Mnangagwa ukuthi usengamthintitha nje ngemvubu, abole izibunywana lezi asehluleka nokuhlala ngazo.
Angavele futhi uMnangagwa amshaye ngentambo kagesi, alingise uGrace Mugabe eshaya intombazanyana yekhaladi kwelinye lamahhotela adumile eGoli.
NoMnangagwa lona kuthiwa wayenguphakimpi kaMugabe futhi nguye owasoconga amaNdebele kusukela ngonyaka ka-1983 kuze kuyoshaya u-1987, ewathumela ngamasosha. Yena noMugabe basungula uhlelo olwalwaziwa nge-Operation Gukurahundi, lapho kwabulawa amaNdebele evile ezinkulungwaneni ezingamashumi amabili.
Kwakukhona nokudelela ekubulaweni kwamaNdebele ngoba phela kuthiwa leli gama elithi Gukurahundi lisho uzamcolo okhuculula amahleza namakhasi asale emuva kwesivuno.
Kusho ukuthi amaNdebele babewabona njengamahleza!
Phela wukuqhuba intwala ngewisa lokhu, okungathandabuzwa. Kasazi-ke ukuthi iyozala nkomoni emshadweni omusha kaMugabe neMDC. Mhlawumbe nje kuyothi uma kwenzeka liphumelela leli qembu, uMugabe athi ufuna ukuphatha, athembise bonke abantu abaphikisayo isibhaxu esingakaze sibonwe.
Uyobakhumbuza futhi ukuthi wayebabhaxabula, angabaphinda futhi uma ethanda.
Sebebuyile abebeyovota, manje sesichilizana ngezindololwane emadolobheni, akusahambeki.