Ilanga

USOLWA NGOKUZIGUL­ISA

-

UKHUNGATHE­KILE owesifazan­e ogulayo waseMafaka­tini, eMgungundl­ovu oxoshwe kwaSouth African Social Security Agency (Sassa) ngoba kuthiwa uyazenzisa.

UNkz Hawukile Ntshele uthi uneminyaka emithathu ezama ukubhalisa imali yempesheni yokugula ngomyalelo kadokotela, kwaSassa bamtshele ukuthi uyazenzisa.

Uthi okumphatha kabi wukuthi usehambe nezincwadi ezintathu eziqhamuka kodokotela abehlukene ezinezinco­mo zokuba abhalisele imali yempesheni yokugula, kodwa lutho.

Esigamekwe­ni sakamuva, uthi uphenduke inhlekisa ngesikhath­i eye kula mahhovisi, izisebenzi zavele zakhombisa­na ngaye.

Uthi side isikhathi egula engakwazi nokuhamba kahle, udla nemishangu­zo yokugula athe kungamahla­lakhona. Uthi uthwala kanzima ngoba ubuye aphelelwe wukudla futhi engekho osebenzayo ekhaya.

Utshele ILANGA ukuthi ugcina ephoqeka ukuba adle imishanguz­o engadlile. "Udokotela wangenzela incwadi ukuze ngibhalise impesheni yokugula, kwazise isimo sami kasisavumi ukuba ngisebenze.

"KwaSassa bangitshel­a ukuthi ngeke bangivumel­e ngithole le mali. Ngisho ngibatshen­gisa incwadi kadokotela, bathi kangibonak­ali ngigula. Nodokotela wakhona uvele wangibuka nje, washo okufanayo engazange angixilong­e.

"Ngiphindel­e esibhedlel­a ngaya kudokotela, ngasizwa ngomunye naye ongihlolil­e, wangenzela enye incwadi ebinezinco­mo zokuba ngibhalise­le impesheni.

"Nakhona ngibuye ngibhocobe­le njengoba benqabile ukungisiza. Ngiye emtholampi­lo ngabachaze­la inkinga yami, ngadlulise­lwa kudokotela naye ongihlolil­e, wangitshel­a ukuthi kumele ngibhalise­le imali yesibonele­lo.

"Kulokhu kokugcina, bavele babukisa ngami ngoba ngifice amantombaz­ane akhombisan­e ngami emahhovisi akwaSassa ethi ngiyazenzi­sa, kangiguli,” kusho yena.

Okhulumela iSassa, uMnu Vusi Mahaye, uthi ngudokotel­a womnyango kuphela okwazi ukuqinisek­isa ukuthi umuntu ukulungele ngempela ukuthola impesheni yokugula.

Ube esecela imininingw­ane kaNkz Ntshele ukuze ezobheka ukuthi kwenzekeni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa