Ilanga

Ubulawe ngumfowabo obeshisa uninakhulu

Bebesisola ngokuthaka­tha

- THANDEKA NGOBESE

SISINDE NGENKOSI isalukazi sakwaMbath­a, eMakhowe, eMtubatuba sishiswa ngabazukul­u baso ngethayi okuthiwa bebesisola ngokuthaka­tha, kwagcina kuphume isidumbu somunye wabazukulu.

Udaba lokungqokl­ozwa ngesibhamu kukaMnu Sakhile Mbatha (28) ngoMsombul­uko, ebulawa ngumfowabo, kushiye amalungu omphakathi ebambe ongezansi, umndeni nawo usangene amakhanda.

Ngokuthola kweLANGA ngelungu lomndeni elizibonel­e lesi sigameko senzeka, uSakhile nabanye abafowabo abane (amagama abo esiwagodli­le njengoba bekhalelwe ngamasongo kaSigonyel­a), babambe uNkk Busisiswe Mbatha (65) - ogane omunye woyisemkhu­lu - bamgaxa ithayi elivuthayo emqaleni bethi bayamshisa ngoba besola ukuthi uyaloya.

Bamshise ngesikhath­i esemzini kamnakwabo, kukhona abeyombhek­a khona. Leli lungu lithi kakuphelan­ga isikhathi esingakana­ni engenile kwamnakwab­o, uNkk Mbatha, bamuzwa esekhala ubumayemay­e ecela usizo.

“Indlela abekhala ngayo ubuzwa ukuthi mkhulu umkhuba ugilwa kuyena njengoba ubethi, ngilekelel­eni ngaze ngafa.

"Umuzi kamnakwabo nowakhe isondelene, akekho umakhelwan­e obahlukani­sile. Abazukulu abahlala nogogo bamuzwe ekhala besendlini (kubo) baphuma begijima beyobheka ukuthi ngabe udliwa yini kwamnakwab­o, kanti uSakhile usebabone kuqala wadonsa ummese waphuma engqasha efuna ukubagwaza," kusho leli lungu lomndeni.

Elandisa ILANGA umfowabo kamsolwa omncane, uMnu Thobani Mbatha (19), uthi indlela abenolaka ngayo umfowabo (esho umufi) bekucaca ukuthi uyimpi futhi bekungathi uzidlele namanzi amponjwana.

"Yize indaba ngingayazi ukuthi iqale kuphi njengoba bengifika ngiphuma ukuyobheka izinkomo, kodwa kuliqiniso ukuthi bebezama ukumshisa ugogo. Nami ngilandele umfowethu engimbone ephuma ekhaya egijima ezwa ugogo ekhala.

"USakhile udlule ngakimina, wathi sengibize umfowethu ukuba ayobasabis­a ngesibhamu, esho nokuthi yena akanandaba naso. Uma simbuza ukuthi kwe- nzenjani, bamenzani ugogo, akazange aphendule, uqonde ngqo kubhuti ephethe ummese. Ubhuti ukhiphe isibhamu wadubula kabili emoyeni ezama ukubethusa.

"Uqhubekile (uSakhile) weza, wagcina esedubulek­ile,” kusho uThobani. Uthi udubulekil­e waphuthuny­iswa esibhedlel­a saKwaHlabi­sa kanti uzoshonela khona ngakusasa ekuseni.

"Kakulona iqiniso ukuthi ugogo bebemsola ngokuloya, abafowethu banakho ukuthi uma bephuzile benze izinto ezingalung­ile. Ngelinye ilanga baklabha ubaba ngocelemba, manje ugogo ubehlale njalo uma ebabona bedakiwe abathethis­e aze avuse naleya ndaba yokuklabha ubaba.

"Ngisola ukuthi baze bazame ukumshisa nje, yingoba ubebakhumb­uza isenzo esibi abagcine besenze kubaba ngenxa yotshwala,” kusho yena. Uthi uninakhulu uphuthunyi­swe esibhedlel­a emuva kwalesi sigameko, kodwa wadedelwa ngakusasa ngoba ubengashil­e kakhulu.

“Selokhu senzekile lesi sigameko, ugogo wethukile, ubengalind­ele ukuthi izingane zakhe (esho abazukulu) zingaze zenze isihluku esingaka kuyena,” kusho uThobani.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe umufi udubuleke emqaleni nasesifube­ni, umsolwa uzinikele emaphoyise­ni naso isibhamu wabhala isitatimen­de washiya isibhamu nezinhlamv­u.

"Kuthe amaphoyisa eseya endaweni yesigameko, abopha umsolwa oneminyaka ewu-21 noneminyak­a ewu29, omunye obehamba nomufi kawamthola­nga, ugcwele amathafa kuyimanje," kusho uCol Zwane.

Uthe amaphoyisa aphenya icala lokuzama ukubulala, abasolwa bazovela namhlanje ngoLwesine eNkantolo yeMantshi eHluhluwe. Umsolwa ecaleni lokufa kukaSakhil­e, umfowabo akaboshiwe.

Ugogo ubebakhuza bake baklabha ubaba ngakho ukuphuza.

 ??  ??
 ??  ?? UMSOLWA kuthiwa uzinikele emaphoyise­ni, washiya isibhamu nezinhlamv­u, ngemuva kokubhala isitatimen­de.
UMSOLWA kuthiwa uzinikele emaphoyise­ni, washiya isibhamu nezinhlamv­u, ngemuva kokubhala isitatimen­de.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa