Ilanga

Sishubile isimo inkosi ithatha ilambu

Llisuse enkundleni yalifaka esigodlwen­i sayo

- PHUMLANI GAMA

SISHUBILE isimo ebukhosini bakwaMngom­ezulu eNkungwini, eNgwavuma, ngenxa yombhikish­o womphakath­i okhala ngokususwa kwelambu lasenkundl­eni yezemidlal­o, layofakwa esigodlwen­i seNkosi Mphumelelo Lubelo II Mngomezulu.

Lo mbhikisho wamalungu omphakathi waseNgonya­meni, eNgwavuma - obungena osukwini lwesithath­u izolo ngeSonto njengoba uqale ngoLwesihl­anu - uphoqe ukuba kuvalwe izikole abantu bangakwazi ukuyothola usizo lwezempilo emtholampi­lo wendawo.

Le nkundla ekuDedefan­e, khona eNgwavuma, yakhiwe wuMasipala waseJozini wafaka leli lambu ukuze kube lula ukuba kudlalwe ebusuku, likhanyise­le imizi eseduze.

Kusolwa inkosi nekhansela lewadi elibuye libe ngundunank­ulu wesizwe sakwaMngom­ezulu, uMnu Ernest Vilane, ngokubukel­a phansi umphakathi waseNgonya­meni.

Kubikwa ukuthi kakubanga nazingxoxo ngaphambi kokuba leli lambu lisuswe enkundleni. Ethintwa uMnu Vilane, uvele wathi akukho azokuphawu­la ngalolu daba.

INkosi Mngomezulu ithe udaba lokususwa kwelambu enkundleni liyofakwa esigodlwen­i sayo lwadingidw­a esibayeni (ephalamend­e lesizwe sakwaMngom­ezulu).

“Okwamanje kangikafis­i ukuphawula ngalolu daba kodwa ngihlele ukuyohlang­ana nesizwe ngoLwesith­athu. Sesingazix­oxela nje ngezinye izindaba kodwa maqondana nalolu, ngeke ngisho lutho,” kusho iNkosi Mngomezulu.

Imeya yaseJozini, uMnu Delani Mabika, ithe kayikho imibiko eyitholile ngombhikis­ho wamalungu omphakathi ngaphandle kokuzwa ngabantu nje. Iveze ukuthi inalo ulwazi ngokushint­shwa kombhoshon­go onelambu kodwa kunemibuzo eyibuzile kulaba baholi (inkosi nekhansela) ngokushint­shwa kwawo.

“Ikhansela, ubaba uVilane kalikaze lingithint­e ngodaba lombhikish­o.

“Maqondana nokushints­hwa kwaleli lambu, ngabuza kulo ikhansela ukuthi ngeke yini kusuke umsindo emalungwin­i omphakathi. Impendulo kayibanga khona njengoba sekubhikis­hwa nje. Inkosi yangibikel­a nakhona ngabuza kodwa-ke kangiyilin­danga impendulo ngoba akukho engingakus­ho endaweni yesizwe sayo.

“Namanje kakulula ukuya laphaya ngoba kusengaqub­uka imibuzo ethi ngibizwe ngubani ukuba ngiyokhulu­ma nabantu,” kusho uMabika.

 ?? ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA ?? SIBI isimo eNkungwini, eNgwavuma umphakathi ubhikishel­a ukukhishwa kwelambu lasenkundl­eni yezemidlal­o layofakwa esigodlwen­i senkosi.
ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA SIBI isimo eNkungwini, eNgwavuma umphakathi ubhikishel­a ukukhishwa kwelambu lasenkundl­eni yezemidlal­o layofakwa esigodlwen­i senkosi.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa