Ilanga

UPHELILE UMBUSO KWIZIMEYA?

- THANDEKA NGOBESE

KUPHELILE ngezimeya ezilandelw­a yinqwaba yabaqaphi nezihamba ngezimoto zezigidi njengoba uNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu, uNkk Nomusa Dube-Ncube ememezele ukuvalwa kwalokhu komasipala ukunciphis­a izindleko.

UNkk Dube-Ncube ( osesithomb­eni), uthi kusukela manje kayisekho imeya ezogibela imoto engaphezul­u kukaR700 000, igadwe ngabaqaphi abangaphez­u kwababili njengoba lokhu kumosha imali ebingathut­hukisa imiphakath­i. Usho lokhu ethula isabelomal­i somnyango wakhe sika-R1.679 billion sika-2018/2019.

“Omasipala mabanciphi­se ukusetshen­ziswa kwama- consultant, kunciphe imicimbi okuzodliwa kuyona, omakhalekh­ukhwini, wukupepeny­eka kundizwe ngamabhano­yi abizayo kuyiwe nasemicimb­ini engabazuzi­si ngalutho omasipala. Kasikho isikhulu noma isisebenzi esizondiza ngebhanoyi sihlale egunjini elingeyona i- economy class.

"Lolu hlu engilubali­le lwezinto esizama ngazo ukonga imali, luzoshicil­elwa luphoqelel­we kubo bonke omasipala esifundazw­eni. Ekuqaleni le mithetho ibikhona. Sekushints­hile, futhi kasilindel­e kuphikiswa nga- lesi sinqumo,” kusho uNkk Dube-Ncube. Uthi kusukela manje bakuvala thanqa ukusetshen­ziswa kwama- credit card komasipala.

“Sinezinhle­lo esizozibek­a ukuqinisek­isa ukuthi bonke omasipala bayakwenza lokhu futhi osikhwilip­hambana nobhoko bazothathe­lwa izinyathel­o. Siwumnyang­o sethula uhlelo olusha lwe- mobile app oluzosiza ekuthunyel­weni kwezidingo emphakathi­ni.

"Kule app imiphakath­i izobika ukuvuza kwamanzi, izigodi emigwaqwen­i nokunye okuningi. Imiphakath­i ngeke igcine ngokubika, sizophinde sibheke ukuthi kuthatha isikhathi esingakana­ni ukuba izisebenzi zikamasipa­la zilungise izinkinga ezisuke zibikiwe," kusho uNkk Dube-Ncube.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa