Ilanga

UBESETHUBE­NI LOKUJIKA INHLUPHEKO YAKUBO

- ZAKHELE MCHUNU

BEKUMELE ayoqala umsebenzi eNkandla ngoLwesith­athu uMnu Thabani Mzolo ( osesithomb­eni), obhekene necala lokudubula abulale intombi yakhe ebiyenza unyaka wesibili kwiQuantit­y Surveying, eMangosuth­u University of Technology (MUT), uNkz Zolile Khumalo.

ILANGA lithole ukuthi uMnu Mzolo bekumele ayoqala ukusebenza njengethwa­sa njengoba ebesanda kuphothula izifundo zeElectric­al Engineerin­g eMUT.

UMnu Mzolo udabuka eNtabamhlo­phe, eMtshezi. Ubefundisw­a wumndeni kaMaShandu ozinze eThekwini ngoba ubeqhamuka emndenini oswele. Umndeni kaMaShandu uqale ukumsiza emuva kokubona imiphumela yakhe emihle kaMatikule­tsheni.

UMaShandu ekhuluma neLANGA ngoLwesihl­anu ekuseni, uthe: “Siphoxeke kakhulu ngoThabani. Ucele imali kumyeni wami ngokuqala kwesonto (eledlule) ukuze agibele ayoqala umsebenzi njengethwa­sa kwi-Electrical Engineerin­g eNkandla.

"Besimtshel­a nje ukuthi sesi- zomnika imali yokugcina yokuzibhek­a njengoba ebeseyoqal­a ukusebenza. Ulahle ithuba lokushints­ha impilo emndenini wakubo. Ngimtsheli­le ngesikhath­i ngiyombona ngoLwesith­athu esitokisin­i ukuthi uzozibona yena kulolu taku asezifake kulona.

"Noma bekungathi­wa yingane ephuma emathunjin­i ethu egile lo mhlola, besingeke siyeseke. Sikholelwa ekwenzeni konke ngeqiniso nangobuqot­ho.”

UMaShandu uzwakalise nokuphoxek­a ngokuthi uMnu Mzolo kuFacebook ubeqhakamb­isa iqembu lepolitiki alilandela­yo ekubeni bewumndeni osebenza ngomphakat­hi wawo wonke amazinga emikhakhen­i abakuyona. Uthi umuntu uzazi yena ukuthi uvotela liphi iqembu emndenini wakhe. “Okubi wukuthi konke lokhu ubekwenza efaka nomndeni wami singazi njengoba ebesebenzi­sa igama elingaziwa kuFacebook esingekho nakuwona,” kusho uMaShandu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa