SEBEPHENDUKE INKUKHU NEMPAKA ABAKAMASIKANDI
KUSOLWA ukumonazelana phakathi komasikandi abebengamathe nolimi kodwa okuthiwa kabasezwani. Sezisabalele izindaba zokuthi uSbonelelo “Thwasa Lekhansela” Majola noSbusiso “Bahubhe” Mkhize sebephenduke inkukhu nempaka, osekubeke engcupheni iqembu abayingxenye yalo, aMabhenanyawo.
Umthombo weLANGA uthi okwenza zingabe zisahoshelana kahle lezi zinsizwa, wukuthi uBahubhe ubukeka ekhu- la, okungalithokozisi iThwasa Lekhansela.
Lithintwa iThwasa Lekhansela, lithe sekucacile ukuthi ngeke liphinde libhekane noBahubhe ngenxa yezinto azikhulumayo ngalo. Liveze ukuthi kalinawo umona ngokuvelela kwalo mculi, lona izinto lizenza ngokuzithoba kanti uBahubhe uzenza ngobunsizwa.
“Ngiyakwemukela ukuthi uBahubhe kuseyisikhathi sakhe sokuthandwa ngabantu, mina kangiwini emincintiswaneni kodwa kanginankinga, nguyena onenkinga nami. Engikwaziyo wukuthi siphila impilo engafani, uma ngimbongela ngempumelelo yakhe, yena ukholwa wukuthi nginomona futhi uma ewinile ngaso sonke isikhathi uzibona eshaye mina.
“Kangifuni ukumzonda kodwa kumele ngimqonde ukuthi uwuhlobo luni lomuntu,” kusho iThwasa Lekhansela. UBahubhe uthi ubengafuni le nto iphumele emphakathini kodwa usebonile ukuthi iThwasa selimjikele. Uthi okubaxabanisayo wumona nje kwaphela.
“Sengibonile ukuthi kunokungabambisani kahle phakathi kwethu. Nangesikhathi ngiwina imoto ngabona ukuthi kakuselona iThwasa leli engilaziyo, ngisho bonke abantu abasondelene nalo kabasangifuni. Lokhu kuyizinkomba zokuthi selingikhulume kabi kubona.
“Uma ngilikweleta kumele lingitshele ngilikhokhele ngoba kangilazi icala lami ngaphandle kwempumelelo. Uma sekukhanya izinto zami kalisangifuni, kuyacaca ukuthi belijabula uma ngihlupheka,” kusho uBahubhe.
Ukungaphilelani kwalezi zinsizwa kuqale ukugqama ezinyangeni ezedlule emcimbini obuseJolivet wokubongelwa kukaBahubhe ngokuwina iToyota Fortuner emncintiswaneni wakwaMTN nyakenye njengoba kuthe uma iThwasa Lekhansela, liqeda ukucula bavele baphuma abalandeli balo bahamba engakaculi uBahubhe.