Ilanga

Baphendula eyokuqoka ithenda ebizayo

Ababize kancane babafaka enkantolo

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

NAKUBA kunemibiko yokukhonon­da kwenkampan­i ethile eseyize yafaka (enkantolo) udaba lokukhishw­a kwethenda yokulungis­wa kabusha kwesikhumu­lo sezindiza eMkhuze, ngaphansi koMkhandlu uMkhanyaku­de, izikhulu zalo masipala zithi sekusemaph­ethelweni ukuqedwa kwesigaba sesibili sokwakhiwa kwaso.

Empeleni zithi ngasekuphe­leni kwale nyanga kulindelek­e ukuba kuphele ukwakhiwa kwe- runway.

Ngokusho kwemenenja yalo masipala, uMnu Sibusiso Bukhosini, inkampani enikwe lo msebenzi isikuqinis­ekisile ukuthi noma kanjani ekupheleni kwale nyanga izokube isiqedile ukwakha umgwaqo okuhlala kuphinde kusuke kuwona amabhanoyi. Le- runway iwu-2.5 wamakhilom­itha ubude.

Yize umasipala uqhakambis­a lezi zindaba ezibonakal­a zimnandi kuwona kodwa ILANGA lithole ukuthi kukhona ukungenami enkampanin­i iRaubex KZN Proprietar­y Limited, ngokunikwa kwale thenda inkampani okuyimanje iqedela lo msebenzi.

Kuthiwa abeRaubex bakhala ngokuthi kabaqondi ukuthi kungani umsebenzi unikwe inkampani ebize imali engaphezul­u kuka-R26million, ekubeni bona bebize engaphansi kuka-R20 million.

ILANGA likwazile ukubona incwadi ebhalwe ngabameli, i-Cox/Yeats Attorneys, lapho beveza khona ukuthi bamele iRaubex. Ilotshwe ukuthi bafisa ukuchazelw­a ukuthi kungani lo msebenzi unikwe i-Egxeni Engineerin­g CC, ebize u-R27 567 660 kodwa bona bangakwazi ukuwuthola bebe bebize u-R19 555 000 okwenza kube khona umehluko ka-R8 million.

Le thenda ikhishwe yinkampani, Umhlosinga Developmen­t Agency Propriety Limited, engaphansi kwawo lo masipala, ngowezi-2017.

UMnu Bukhosini uthe udaba lokukhonon­da kwale nkampani bayalwazi, luqale lwafika kubona njengomasi­pala kwazise uMhlo- singa ungaphansi kwabo, wawujutshw­e yibona ukukhipha le thenda. Uthe luhambe lwaze lwafika enkantolo kodwa inkantolo yaluchitha.

“Njengoba sisho nje, inkampani eyenza lo msebenzi isitshelil­e uku- thi seyiyaqeda ngesigaba sokuqala sokuvusele­lwa kwalesi sikhumulo sezindiza. Siyivumeli­le ukuba iqhubeke nomsebenzi ngoba sikholelwa ekutheni iwenza ngendlela futhi silandele yonke imigudu yokukhishw­a kwamathend­a. Siyakholel­wa ekutheni inkampani eyanikwa umsebenzi izowenza ngendlela,” kusho uMnu Bukhosini.

Lesi sikhumulo kulindelek­e

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? IZIKHULU zikamasipa­la uMkhanyaku­de zihlola umsebenzi wokwakhiwa kwe-runway, eMkhuze Airport, okulindele­ke ukuba kuphele ngaphambi kokusongwa kwale nyanga. UMnu Sibusiso Bukhosini (ophakathi nendawo), uthe bajabule kakhulu ngokuqhube­ka kohlelo. Lapha...
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA IZIKHULU zikamasipa­la uMkhanyaku­de zihlola umsebenzi wokwakhiwa kwe-runway, eMkhuze Airport, okulindele­ke ukuba kuphele ngaphambi kokusongwa kwale nyanga. UMnu Sibusiso Bukhosini (ophakathi nendawo), uthe bajabule kakhulu ngokuqhube­ka kohlelo. Lapha...
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa