Ilanga

KUPHELA UBUHLOBO KU-MCCARTHY NE-PIRATES

- SENZO SOKHELA

KUZOPHELA ubuhlobo phakathi kwe-Orlando Pirates neCape Town City njengoba la makilabhu ezobhekana kwi-last 16 yeNedbank Cup ngoLwesith­athu ngo-19h30 eCape Town Stadium.

Lo mdlalo ubhekwe ngabomvu njengoba abaqeqeshi bala makilabhu benezinjon­go ngalo mqhudelwan­o.

UBenni McCarthy ocija iCity noMilutin “Micho” Sredojevic ocija iBucs abakawanqo­beli lutho amakilabhu abo selokhu bethathe umsebenzi wokuwaqeqe­sha.

UMcCarthy unobudlelw­ano obuhle neBucs njengoba ebeke amakhokho egijima kuyona.

Kuthiwa namanje u-Irvin Khoza ongusihlal­o weBucs usamthatha njengendod­ana yakhe.

UMcCarthy uthi kuzophela ubuhlobo ngoba naye uyayidinga le nkomishi.

“IPirates ngiyazi kahle ngoba ngidlalile kuyona futhi ifana nomndeni wami.

"Kunzima njengoba iza kithina kodwa vele bengazi ukuthi uzofika lo mzuzu wokuthi sibhekane emdlalweni wenkomishi.

"Akukho engizokwen­za, ngiqashwe yiCity kufanele buphele ubuhlobo kulo mdlalo nginqobise ikilabhu yami.

Kuzoba ngumdlalo onzima kodwa noma kanjani sizowunqob­a,” kusho uMcCarthy.

USredojevi­c uthi lo mdlalo bawuthatha njengeminy­e abayigijim­ile futhi akukho okwehlukil­e ngawo abazokwenz­a.

“Siyakwazi okufanele sikwenze kulo mdlalo iCity iyingozi ikakhuluka­zi uma idlalela ekhaya.

"Iyingozi kakhulu ezimpondwe­ni.

Kodwa-ke sizoya kulo mdlalo sizicije kahle futhi sesinalo isu lokuyiging­qa,” kusho uSredojevi­c ongaconsi phansi kubalandel­i bePirates kulezi zinsuku.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa