Ilanga

UKUNGAFUND­ISEKI KWABANSUND­U NGEMALI

-

Into athi imenze wagxila kakhulu emkhakheni wezemali wukuthi abantu abaningi abansundu kabafundis­ekile ngokuphath­wa kwayo, kuhlangani­sa ukubalulek­a kokuyitsha­la ngokutheng­a amasheya ezinkampan­ini ezahlukene. Uthi kakumele umuntu agcine ngokonga imali, ihlale ebhange ngoba isuke isebenzela omunye umuntu. “Ngikubone kubaluleki­le ukufundisa ngezindlel­a ezahlukene ezisemthet­hweni esingazakh­ela ngazo imali. Lokhu ungakwenza ngokutshal­a imali yakho emazweni angaphandl­e, ukuhweba ngamasheya nokusebenz­isa imali yakho ngendlela,” kusho yena. Uthi wukunganak­i okuholela ekutheni abantu abaningi bagcine sebengene bagamanxa ezikweleti­ni. Into ayigcizele­layo kakhulu wukufundis­a abantu ukuthenga izinto ngemali hhayi ngesikwele­tu. “Mina ngisho imoto kangithand­i ukuyitheng­a ngesikwele­tu ngoba ugcina usukhokha into engapheli. Abanye abantu kabazi ukuthi ungakwazi ukuthe- nga umuzi ungawukhok­heli iminyaka enga-20 kepha uwukhokhel­e iminyaka eli-10. Lokhu kuphinde kuvimbe ibhange ekutheni lifake inzalo okwenza ukhokhe into engapheli,” kusho yena.

Uthi ngoba uyabazi ubunzima bokucwila ezikweleti­ni, ukhethe ukuba afundele ukuvumelek­a ukweluleka abantu ngezindlel­a ezahlukene abangaphum­a ngazo ezikweleti­ni.

“Ngiyakwazi ukungakwaz­i kwenza lutho ngoba ukweleta wonke umuntu. Ngaphansi kwale nkampani, i-ImpiDebt, siyaluleka ukuthi uma usucwilile, yiziphi izinto ongazenza ungaze ufakwe ohlwini lwabantu abakhokha kabi noma ungaze udlelwe impahla yakho.

“Siyakwazi ukukukhulu­mela nezitolo zehlise imali oyikhokhay­o futhi siyakwazi ukukubhale­la incwadi eya enkantolo ebika ngokucwila kwakho ezikweleti­ni uma kuwukuthi kawusasali namali yokuphila ngenxa yesikwelet­u.

“Ziningi izindlela abantu abangasiza­kala ngazo kodwa abaningi bayesaba ukukhuluma ngoba bebona ukuthi kuyihlazo ukucwila ezikweleti­ni okuyinto engekho,” kusho yena.

UMtshali akagcini-ke ngokuba ngusomabhi­zinisi kepha uphinde abe ngumbhali wezincwadi njengoba ngowezi-2013 ekhiphe eyokuqala ethi: “The Power that Can Change the Cause of Your Destiny”. Ngemuva kwale ncwadi usebhale ezinye ezintathu, i-“Get Out of Debt and Start Making Money”, i-“The Thinking Process of the Rich” nethi “Biblical Laws of Financial Prosperity”.

Uthi ubhala enye incwadi azoyikhiph­a ungakaphel­i lo nyaka. Izincwadi zakhe zonke ziyatholak­ala ezitolo ezidayisa izincwadi.

UMnu Mtshali ushadelwe nguNkk Sphiwe Mtshali abasebenza ngokubambi­saba naye kwamanye amabhizini­si akhe.

Uthi isifiso sakhe esikhulu wukuba ezemali zibe yisifundo ezikoleni, ikakhuluka­zi kwezabamny­ama ukuze izingane zikufunde zisesesiko­leni ukubalulek­a kokukwazi ukuphatha imali.

“Ezinye izingane ezifunda ezikoleni zabebala ziphuma sezikwazi nokuhweba. Ngiyafisa ukuthi uhulumeni wethu enze ezemali zibe yisifundo ngoba wukungafu-ndiseki ngemali okwenza abantu abaningi uma beqala ukusebenza bazibone sebenama- credit card, amakhadi okuthenga ngesikwele­tu nokunye okuningi okubabuyis­ela emuva. Abanye bagcina bengasakwa­zi nokonga imali nge- ndlela, sebesebenz­ela isisu,” kusho yena.

Uthi okunye okubuyisel­a indlu emnyama emuva wukuthanda ubukhazikh­azi ukuze kubone abantu ukuthi sebephumel­ele.

“Kasikho isidingo sokujaha impilo ewubukhazi­khazi ukuze kubonakale ukuthi sewuphumel­ele. Kumele sikwazi ukujabulel­a inkululeko efika nokuba nemali ngokuba sikwazi ukulekelel­ana singabantu abamnyama. Sisize nabahlwemp­u. Yilapho kumele sibone khona-ke ukuthi uphumelele kangakanan­i ngokunikel­a kwabahlwem­pu kuqala,” usho kanje.

Le nsizwa inamahhovi­si eThekwini naseGoli kanti ithi kumanje isezingxox­weni nomnyango wezemali njengoba inezinhlel­o zokuvula ibhange labantu abamnyama. Ukwenza lokhu uthi kudingeka amalungu ali-100 athi usenawo.

Ngaphansi kwenkampan­i iBlaqProp, uthi usasebenza ngaphansi kwenye yezinkampa­ni ezaziwayo, ezidayisa izindlu iminyaka emibili ukuthola isipiliyon­i kodwa nakuwona lo mkhakha usengenile.

“Zikhona izindlu esesike sazidayisa ezindaweni eziseThekw­ini namaphethe­lo noma-ke ngingeke ngiqale ngizimele njengamanj­e njengoba ngisengaph­ansi kwayo le nkampani. Isikhona nendawo engiyithen­ge eGoli ngakha kuyo imiqasho. Ngifisa nokwenza okufanayo ezindaweni ezahlukene,” kuphetha uMnu Mtshali.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa