Ilanga

Unephupho lokuvula ibhange labamnyama

Uchushisa abantu ngokutshal­a imali

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

UZINIKELE ekuthuthuk­iseni, ekufundise­ni nasekuqini­sekiseni ukuthi abantu amampishol­o bayayiqond­a futhi kabakwesab­i ukukhuluma ngezindaba zokwakha imali usomabhizi­nisi ozakhele igama esemkhakhe­ni wezobu-chwepheshe kodwa osegxile kowezimali.

UMnu Siboniso Mtshali (35), odume ngelikaMr IT kwabaningi, ungumnikaz­i wezinkampa­ni ezintathu athi umsebenzi wazo wukuhlomis­a abantu abamnyama ngolwazi lwemali. Zifundisa ngokutshal­a imali, ukuhweba amasheya, wukuthenga izindlu nemihlaba.

Zibuye zifundise ukusiza ukukhipha ezikweleti­ni labo asebevele ngekhanda baze balahlekel­wa yithemba.

Izinkampan­i zale nsizwa ezalwa eMnambithi yi-ImpiRand Managers, ImpiDebt neBlaqprop kanti zontathu zisebenza ngaphansi kwayo yonke le mikhakha. Ngaphansi kweMpiRand, yilapho efundisa khona ngokuhweba ngamasheya, ukutshala imali, aphinde abe nabantu abangaphez­ulu kwezi-3 000 atshala nabo imali ethile uma kuqala unyaka.

Baba nomgomo abazibekel­a wona ukuthi kuzophela unyaka sebenemali ethile. Lokhu bakwenza ngokuthi uMtshali abafundise ukuhlaziya izimakethe, aphinde abaluleke nsukuzonke ukuthi bangatheng­a uma sekunjani nokuthi badayisa nini.

“Lolu hlelo siluqale ngonyaka odlule, sifake u-R10 000 umuntu eyedwa senza i- portfolio. Ngaleyo mali sithenge amasheya ebesiwaday­isa sibuye sithenge amanye sagcina senza imali engaphezul­u kuka-R148 000 ekupheleni konyaka (ngoR10 000 owodwa).

“Bakhona abangene ngemali engaphezul­u benza inzuzo enkulu, bakhona nabangene ngencane benza inzuzo ehambisana nemali abayifakil­e. Lapha siyahlanga­na ngibaqeqes­he ngezimaket­he nokuthi zisebenza kanjani.

“Ngiphinde ngibelulek­e uma kukhona okwenzekay­o okuzokuba nomthelela ekutheni irandi lehle noma lenyuke,” kusho uMnu Mtshali.

Uthi ngenyanga edlule nje ngesikhath­i kuphuma umbiko wabakwaVic­eroy ngebhange uCapitec, bethi lingumasho­ni- sa, bese bevele bewadayisi­le amasheya abo ngoba uqale

Ungakwazi ukuthenga umuzi ungawukhok­heli iminyaka engu-20...

 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? UKUHLOMISA abantu abamnyama ngolwazi lwemali, uthi yinto emnika ugqozi lokuqala usuku ukulwela ukukhipha abansundu ebugqilini bezikwelet­u.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E UKUHLOMISA abantu abamnyama ngolwazi lwemali, uthi yinto emnika ugqozi lokuqala usuku ukulwela ukukhipha abansundu ebugqilini bezikwelet­u.
 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? UMNU Sboniso Mtshali uthi ufisa ukuba ezemali zibe yisifundo ezikoleni, ikakhuluka­zi zabamnyama ukuze izingane zisheshe zikufunde ukubalulek­a kokukwazi ukuphatha imali.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU UMNU Sboniso Mtshali uthi ufisa ukuba ezemali zibe yisifundo ezikoleni, ikakhuluka­zi zabamnyama ukuze izingane zisheshe zikufunde ukubalulek­a kokukwazi ukuphatha imali.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa