Ilanga

UZOQONDISW­A IZIGWEGWE UMFUNDI OSHAYE UTHISHA

- MTHOBISI SITHOLE

UZODLULISE­LWA ekomidini eliqondisa izigwegwe, athole isijeziso esimfanele umfundi owethuse abaningi eshaya uthisha phambi kwabanye abafundi ekilasini.

UMnyango wezeMfundo eGauteng, uzwakalise ukushaqeka ngevideo esabalale ezinkundle­ni zokuxhuman­a ekhombisa umfundi wesifazane efumba uthisha nge- exercise ekilasini.

UMnyango uthi uzomthathe­la izinyathel­o lo mfundi ukuze ezokuba yisibonelo nakwabanye.

Lokhu kwenzeke ngoLwesihl­anu esikoleni iThree River Secondary, endaweni yaseSedibe­ng khona eGauteng.

Lo mfu-ndi ubonakala esukuma ekilasini ediniwe eya phambili eduze kukathisha ephethe okubukeka njenge- exercise okuthe uma efika phambili wabe eseshaya uthisha ngakho kwaqhuma uhleko kwabanye abafundi.

Lo thisha naye wesifazane, ubonakala ephuma ekilasini ekhuluma nomakhalek­hukhwini wakhe emuva kwalesi sigameko. Okhulumela uMnyango wezeMfundo eGauteng, uMnu Steve Mabona, uthi lesi sigameko sibethuse kakhulu bewumnyang­o, kwabe sekwenziwa uphenyo oluphuthum­ayo olungakaph­othulwa.

Uthi nakuba singaziwa isizathu esiholele ekubeni umfundi ashaye uthisha, kodwa sebejube izikhulu zabo ukuba zenze ucwaningo olunzulu mayelana nalesi sigameko. Uthi abezenhlal­akahle sebeqalile ukweluleka uthisha.

“Kuthathwe isinqumo sokuba kwelulekwe uthisha ngokukheth­ekile ukuze angaphazam­iseki emsebenzin­i wakhe kanjalo nabafundi,” kusho uMnu Mabona. Uthi namhlanje ngoMsombul­uko ithimba lomnyango wezemfundo lizovakash­ela lesi sikole. Ngakolunye uhlangothi, uNgqongqos­he wezeMfundo eGauteng, uMnu Panyaza Lesufi, unxuse abafundi ukuba bahloniphe umthetho wokuziphat­ha emagcekeni esikole.

Uthi nabazali bayakhutha­zwa ukuba balekelele ekutheni izingane zifundisek­e ngokuzipha­tha kahle esikoleni.

“Akekho umfundi ozokwenza noma yikanjani kuthuleke nje. Lo mfundi uzoqondisw­a izigwegwe ngoba isenzo sakhe asemukelek­ile neze,” kusho uMnu Lesufi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa