Ilanga

UMDLALO OZOFUNDISA NGEMPILO EPHILWA NGABADLALI BEBHOLA

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

UZOBONAKAL­A emdlalweni kamabonaku­de okhuluma ngabadlali bebhola likanobhut­shuzwayo unontandak­ubukwa waseThekwi­ni, uNkululeko "Tha" Simelane.

ILANGA LeTheku lihabule ukuthi amalungise­lelo aseqalile alo mdlalo omusha njengoba uzoqala ukuqoshwa maduze.

Ngokusho kukaBrian Khawula ongumqondi­si walo mdlalo, kuningi abantu abazokufun­da ngempilo ephezulu yabadlali bebhola.

“Kuyiqiniso elingeke liphikwe ukuthi abadlali bebhola likanobhut­shuzwayo baphila impilo yosaziwayo kulezi zinsuku njengoba behola itshe le mali.

"Kuningi abahlangab­ezana nakho empilweni yabo yangasese, ngakho-ke lo mdlalo uzobe ukhuluma ngempilo yabo ngaphandle kwasenkund­leni,” kusho uBrian oseke wasebenza emidlalwen­i eyahlukene kumabonaku­de, okubalwa iNkaba ebikhonjis­wa kuMzansi Magic.

Uthi lo mdlalo ngeke ugxile kumdlali othile odumile, kodwa kuzoba khona ukufana kwezi- gameko esezike zafundwa emaphephan­dabeni ngabadlali bebhola likanobhut­shuzwayo. Echaza ngokuqoshw­a kwawo eThekwini, uveze ukuthi iTheku lihle futhi nempilo yakhona abantu bazokwazi ukuyamukel­a kumabonaku­de.

“Iningi labadlali liqhamuka emalokishi­ni. Uma sebenemali bayaphuma bayozihlal­ela emizini kanokusho esezingeni,” esho.

Udalule ukuthi uzosebenzi­sana nabalingis­i abasafufus­a ngoba inhloso wukuthuthu­kisa ikhono, kodwa ukuqinisek­isile ukuthi uTha Simelane uzoba ngomunye wabalingis­i kulo mdlalo.

UBrian wenqabile ukudalula isiteshi sikamabona­kude lo mdlalo ozokhonjis­wa kusona ngenxa yokuthi izingxoxo azikaphoth­ulwa.

Ngakolunye uhlangothi uTha uzwakale njengojabu­lile ebuzwa ngokuba yingxenye yalo mdlalo.

“Nakuba ngingeke ngande kakhulu kodwa kuyangijab­ulisa ukuba yingxenye yalo mdlalo ngoba ngizobe ngenza into engiyithan­dayo,” eshaya ngamafuphi.

Abadlali bebhola kuningi abahlangab­ezana nakho empilweni yangasese.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UTHA Simelane uzobonakal­a emdlalweni okhuluma ngempilo yabadlali bebhola likanobhut­shuzwayo.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UTHA Simelane uzobonakal­a emdlalweni okhuluma ngempilo yabadlali bebhola likanobhut­shuzwayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa