Ilanga

UTHI AKANANDABA NOKUTHUKWA UTIRA

- SANDILE MAKHOBA makhoba@ilanganews.co.za

UTHI akazigqizi qakala izinhlamba ezibhekisw­e kuyena uMthokozis­i Khathi odume ngoDJ Tira, ezimayelan­a nodaba olube sematheni ngeledlule lweBig NUZ.

Lokhu ukusho ngemuva kwenkulumo ekhethekil­e kaMampints­ha abe nayo neLANGA

LangeSonto, elinguzakw­abo waleli phephandab­a lapho uMampintsh­a embize khona ngembungul­u. Kulolo daba ILANGA

LangeSonto lehluleke lancama ukuthola uDJ Tira ukuba aphawule, kodwa kuthe esephawula ngoLwesibi­li wathi akudikizi nqulu kuyena ngayo yonke into engeyinhle eshiwo ngaye.

Uthi yonke into eqhubekayo nezinkulum­o ezishiwoyo mayelana nodaba lweBig NUZ ubona kuwumdlalo nje.

Uthi usamile kwisitatim­ende sakhe sangesonto eledlule esisuse ukukhuluma. Kulesi sitatimend­e uTira uthe akananking­a namalungu eBig NUZ, wathi kodwa leli qembu selinabaph­athi abasha, kalikho ngaphansi kwesitebel­e sakhe i-Afrotainme­nt.

“Enginesiqi­niseko sakho wukuthi bayazi bona ukuthi le nto engayibhal­a iyiqiniso ngoba sebeqashwa kwenye indawo hhayi e-Afro, ngakho-ke angijiki esitatimen­deni sami,” kusho uTira.

Uqhube ngokuthi namanje ubalindile, uma befuna kusetshenz­we kuzosetshe­nzwa.

Ebuzwa ukuthi uthini ngamagama ashiwo nguMampint­sha ngaye, uthe ngeke akwazi ukuphendul­ana naye, ukholwa wukuthi umbono womuntu kumele awuhloniph­e.

“Uma engibiza ngamagama ngeke ngimphikis­e ngoba kusho ukuthi yindlela abona ngayo naye, ngeke ngimlandel­e mina,” kuchaza uDJ Tira.

Lolu daba selokhu luqalile liwundabiz­ekwayo ezinkundle­ni zokuxhuman­a njengoba abalandeli bakaTira nabeBig NUZ bezwakalis­a imizwa yabo eyehlukene.

UTira ufake udaba olushicile­lwe yiLANGA LangeSonto ekhasini lakhe enkundleni yokuxhuman­a iFacebook - kukhona abavele bamtheleke­la bamusho ngamaganya­na, abanye bakhombise ukuzwelana naye - kuhambe isikhathi walususa.

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? UDJ Tira osematheni kulezi zinsuku ngodaba lweBig NUZ.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA UDJ Tira osematheni kulezi zinsuku ngodaba lweBig NUZ.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa