Ilanga

KUBOSHWE ABABILI KWELIKAMUF­I

- MTHOBISI SITHOLE NGA,

SEKUBOSHWE abanye abasolwa ecaleni lokubulawa kukasomabh­izinisi wasoNdini, KwaZulu-Natal, ohlaselwe kwakhe mhla zingama-20 kuZibandle­la (December) wangonyaka wezi-2016.

Umndeni kaMnu Sizwe Sithole - oshone eneminyaka engama-37 ubudala - ubulokhu ukhale njalo ngababulal­i uthi bakhona abantu abasolwayo kodwa kababoshwa.

Umufi kubikwa ukuthi wangenelwa ngabasolwa phakathi kwamabili enomkakhe, wadutshulw­a kwathathwa imali elinganise­lwa ku-R40 000.

Emuva kokubulawa kwakhe kuboshwe abasolwa abathathu kodwa kwaphela izinsuku ezintathu badedelwa ngoba kuthiwa kabukho ubufakazi obuphathek­ayo.

INational Prosecutin­g Authority (NPA) igcine inqume ukulivala idokodo. Nokho kuboshwe abanye abasolwa ababili ngoMgqibel­o. UMnu Walter Sithole oyilungu lomndeni kamufi, uthi okubasizil­e wukuthi bacele kumphathi wesiteshi ukuba kushintshw­e umphenyi wecala.

Obekukhali­sa kakhulu umndeni wukuthi kabenziwan­ga ubulungisw­a ngoba uthi abasolwa babanjiwe kusanda kwenzeka lesi sigameko, amaphoyisa aye noyedwa wabo kwaSithole, wakhomba lapho bengene khona ngesikhath­i behlasela.

Umndeni uthi ukubulawa kukaMnu Sithole kwenzeke emuva kokuba ebe nengxabano nomunye wesilisa wasendawen­i, obejwayele ukusebenzi­sa izimoto zikamufi.

Kuthiwa ngesikhath­i abasolwa bagasela kwaSithole, umufi ubone kukhanya ithoshi endlini okuthe uma evuka eyoqalaza kwelinye igumbi kanti uzozithela phezu kwababulal­i. Ngokuthola kweLA

izigilamkh­uba lezi ziphoqe inkosikazi kamufi ukuba izimboze, ingazibhek­i, ikhiphe yonke imali ekhona endlini.

I-NPA ikhiphe incwadi ethi idokodo livaliwe ngenxa yokuthi kakukho okuyamanis­a abasolwa naleli cala okwamanje, okusho ukuthi akekho ozoshushis­wa ngalo.

Inxuse umndeni ukuba ukhiphe obunye ubufakazi nezincwadi ezifungelw­e ngokulande­lwa kwemibande­la yomthetho.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uKapt Nqobile Gwala, uthi kuboshwe abasolwa ababili mayelana nokubulawa kukaMnu Sithole.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa