KUBOSHWE ABABILI KWELIKAMUFI
SEKUBOSHWE abanye abasolwa ecaleni lokubulawa kukasomabhizinisi wasoNdini, KwaZulu-Natal, ohlaselwe kwakhe mhla zingama-20 kuZibandlela (December) wangonyaka wezi-2016.
Umndeni kaMnu Sizwe Sithole - oshone eneminyaka engama-37 ubudala - ubulokhu ukhale njalo ngababulali uthi bakhona abantu abasolwayo kodwa kababoshwa.
Umufi kubikwa ukuthi wangenelwa ngabasolwa phakathi kwamabili enomkakhe, wadutshulwa kwathathwa imali elinganiselwa ku-R40 000.
Emuva kokubulawa kwakhe kuboshwe abasolwa abathathu kodwa kwaphela izinsuku ezintathu badedelwa ngoba kuthiwa kabukho ubufakazi obuphathekayo.
INational Prosecuting Authority (NPA) igcine inqume ukulivala idokodo. Nokho kuboshwe abanye abasolwa ababili ngoMgqibelo. UMnu Walter Sithole oyilungu lomndeni kamufi, uthi okubasizile wukuthi bacele kumphathi wesiteshi ukuba kushintshwe umphenyi wecala.
Obekukhalisa kakhulu umndeni wukuthi kabenziwanga ubulungiswa ngoba uthi abasolwa babanjiwe kusanda kwenzeka lesi sigameko, amaphoyisa aye noyedwa wabo kwaSithole, wakhomba lapho bengene khona ngesikhathi behlasela.
Umndeni uthi ukubulawa kukaMnu Sithole kwenzeke emuva kokuba ebe nengxabano nomunye wesilisa wasendaweni, obejwayele ukusebenzisa izimoto zikamufi.
Kuthiwa ngesikhathi abasolwa bagasela kwaSithole, umufi ubone kukhanya ithoshi endlini okuthe uma evuka eyoqalaza kwelinye igumbi kanti uzozithela phezu kwababulali. Ngokuthola kweLA
izigilamkhuba lezi ziphoqe inkosikazi kamufi ukuba izimboze, ingazibheki, ikhiphe yonke imali ekhona endlini.
I-NPA ikhiphe incwadi ethi idokodo livaliwe ngenxa yokuthi kakukho okuyamanisa abasolwa naleli cala okwamanje, okusho ukuthi akekho ozoshushiswa ngalo.
Inxuse umndeni ukuba ukhiphe obunye ubufakazi nezincwadi ezifungelwe ngokulandelwa kwemibandela yomthetho.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uKapt Nqobile Gwala, uthi kuboshwe abasolwa ababili mayelana nokubulawa kukaMnu Sithole.