Ilanga

ZIMKHALELE ODUBULE ABEBEMNCIS­HA UBHIYA

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews. co.za

ULAHLWE ngelakubo umsolwa ovukwe yiqunga wazama ukudubula abesilisa ababili abamncishe ubhiya wabo njengoba ekhalelwe ngamasongo kaSigonyel­a izolo ngoLwesith­athu ekuseni kuWarwick Avenue, eThekwini.

ILANGA lithole ukuthi umsolwa esiligodli­le igama lakhe (25) aze avele enkantolo, unikele kuWarwick Avenue izolo wafica kunabesili­sa ababili bedlala i- pool table behlisa ngobhiya.

Kuthiwa umsolwa uhilizisan­e nabo efuna ubhiya wabo ngenkani. Kuthiwa unele wabona ukuthi kabafuni ukumphuzis­a, wadonsa isibhamu sakhe okuthiwa kasikho emthethwen­i, wadubula kathathu kodwa kwangalima­la muntu.

Kuthiwa abantu abebekhona ngesikhath­i eqhumisa isibhamu, bathukuthe­le bagana unwabu bambamba bamtalabha.

Emuva kokuba sebemneneb­ulile, bafonele amaphoyisa okuthe uma efika, athola ukuthi umsolwa kunecala lokubulala elenzeke ngoMgqibel­o abefunelwa lona.

Kuthiwa ngoMgqibel­o umsolwa ubehleli noMnu Khulekani Sigwebela (34), beshaya iziphuzo ezibandayo kwabe sekusuka ingxabano phakathi kwabo, kubangwa utshwala.

Umsolwa kubikwa ukuthi udonse sona lesi sibhamu abanjwe naso wadubula ephindelel­a kuMnu Sigwebela, emuva kwalokho washaya wachitha.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, usiqinisek­isile lesi sigameko wathi umsolwa kulindelel­e ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseThekwi­ni ngamacala amathathu avulelwe wona, okungeloku­bulala, elokuzama ukubulala nelokuthol­akala nesibhamu esingekho emthethwen­i.

Uthi umsolwa uzovela maduze enkantolo, okwamanje usesesibhe­dlela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa