Amakhosi asola impi ebhekiswe kuwona
Athi kakukhulunywanga nabathintekayo
ASOLA impi ebhekiswe kuwona amakhosi akhele iKwaZulu-Natal njengoba isigungu iHigh Level Panel, sikhiphe umbiko ophakamisa ukuba kuhlakazwe iNgonyama Trust - okuyisikhwama esibhekelele izindawo zamakhosi.
Lokhu kuvezwe yiNkosi Phathizwe Chiliza, engusihlalo wendlu yabaholi bendabuko futhi engusihlalo weCongress of Traditional Leaders of South Africa (Contralesa) KwaZuluNatal, ithi konke lokhu okwenzekayo kuqondwe ngakho ukulwa nobukhosi baKwaZulu.
Ikusho lokhu kuhlangene amakhosi akhele lesi sifundazwe emhlanganweni obuseNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini, izolo ngoLwesithathu, obekuhloswe ngawo ukubonisana ngezincomo zeHigh Level Panel eholwa nguMnu Kgalema Motlanthe, oke waba ngumengameli.
INkosi Chiliza ithe njengoba lesi sigungu sikhiphe lezi zincomo, kasikaze sixoxe nabathintekayo. “Njengoba sebethatha la manenjana omhlaba esinawo, kabazange bezokhuluma neSilo ngalolu daba, ngakho kuyethusa uma sekukhishwa izincomo.
"Kumele nibone ukuthi lokhu kuyimpi ebhekiswe kithina makhosi uqobo, ngakho kasikwazi ukuhlala sibekezelele umkhonto ogwaza enhliziyweni ngoba udaba lomhlaba lubalulekie kithina,” kusho yena. Inkulumo yeNkosi Chiliza inanelwe nguSolwazi Jabulani Shabalala, ongusomlando, obekhona kulo mhlangano ukucacisa kabanzi ngokuthathwa komhlaba ngabamhlophe. Uveze ukuthi lo mbiko weHigh Level Panel, ukhishwe kungazange kukhulunywe nabathintekayo.
"Udaba lweHigh Level Panel lwakhulunywa emhlanganweni omkhulu owawuseCape Town, ungakashicilelwa umphumela wayo. IDube Institute, ezinze e-University of KwaZulu-Natal, yathi kumele ngiyofunda iphepha kuloyo mhlangano mayelana nokuqolwa komhlaba kodwa ngangaphumelela. Ngathumela uNkz Thandi Ngcobo ongumqondisi omkhulu weDube Institute wayofunda inkulumo yocwaningo lwami mayelana nokuqolwa komhlaba kusukela ngowe-1652.
"Wakwenza lokhu uNkz Ngcobo wakhuluma ekhona uMnu Motlanthe. UMnu Motlanthe nethimba lakhe babengabantu abazogcina befikile kwelikaMthaniya, kwangenzeka lokho. IHigh Level Panel yagcina ishicilele umbiko wayo ingazange iwubeke umcondo wayo lapha. Kakufanele kukhishwe umbiko ovusa uhlevane bengathintwanga bonke abathintekayo odabeni lomhlaba owaqolwa ngabelungu,” kusho uSolwazi Shabalala.
Uthi ngisho ondunankulu abake baphatha iKwaZulu-Natal, akekho noyedwa kubona oke waphakamisa ukuba kuhlakazwe iNgonyama Trust. “INatal yonke inomhlaba obalelwa ezi-12 million hektha. Ngesikhathi kuthathwa umhlaba, amakhosi anikezwa izi-2 millon hektha kuphela nazo ezisemahlathini lapho kungangeneki khona. Kwathi osalayo lapho wathathwa ngabamhlophe. Kuyathusa-ke manje uma sekuzolwiswa amakhosi kule ngcosana yomhlaba. Isizathu esenza bangayi kwabamhlophe, yingoba bayakwazi ukuzilwela, kungakho kuziwa emakhosini nje kuzothathwa lona ongekho,” kusho yena.
UMntwana waKwaPhindangene, iNkosi Mangosuthu Buthelezi - ongundunankulu kaZulu - uthi ukuqokwa kukaDkt Aninka Claassen ukuba yingxenye yalesi sigungu, bekuvele kusolisa ngoba ubengakholelwa ebuholini bendabuko. "Ngaba nokukhathazeka uma ngibona ukuthi uDkt Claassen uqokwe ukuba kuleli thimba njengongoti woguquko kwezomhlaba wase-University of Cape Town.
Ezinyangeni ezimbili ngaphambi kwalokho, ngoMfumfu (October) wezi-2015, ngifunde udaba olulotshwe nguDkt Claassen kwelinye lamaphephandaba esilungu olusihloko sithi “Back to the bad old days" lapho kuvele obala ukuzo-nda kwakhe ubuholi bendabuko. Ubhale ukuthi amakhosi anama-ndla angekho ngaphansi komthethosisekelo. "Ngokwazi ukuthi ungene kuleli thimba enenkolelo yokuthi ubuholi bendabuko mabuqedwe amandla, ngibe nokukhathazeka ngokuthi izinkolelo zakhe zizoba nomthelela emphumeleni noma esinqumeni saleli thimba," kusho iNkosi Buthelezi.