Ilanga

UKHATHAZEK­ILE UMQEQESHI OLINYALELW­E NGABADLALI

- MFANAFUTHI NDLOVU

IYAXHUGA iRichards Bay FC ngaphambi komdlalo omqoka noMthatha Bucks ngaphansi kweNationa­l First Division (NFD) ozokuba ngoMgqibel­o ngo-15h00 eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay.

URoger Sikhakhane ocija iBay, utshele ILANGA izolo ngoLwesith­athu ekuseni ukuthi nakuba limsizile ikhefu lamasonto amabili leFederati­on of Internatio­nal Football Associatio­n (Fifa) kodwa uzokuya kulo mdlalo ngaphandle kukaNjabul­o Ngcobo noMati Mekoa abangakalu­lami ngokugcwel­e.

“Okungikhat­hazayo ngalo mdlalo wukuthi sizokuya kuwona ngaphandle kwabadlali ababili abangakalu­lami uNjabulo noMati. OkukaMati kubi kakhulu njengoba engase ahlale amasonto ayisi-5 kuya phezulu esalulama,” kusho lo mqeqeshi okulindele­ke lukhulu kuyena njengoba enomlando omuhle wokunyusel­a esigabeni esikhulu amakilabhu ahlukene.

Nokho uthi uyabathemb­a abadlali bakhe ukuthi bazokwazi ukuyibamba ishisa kulesi sigaba abasiqale ngenothi eliphansi. Unxusa abalandeli bale kilabhu ukufika ngobuningi kulo mdlalo ukuzokhuth­aza abadlali ukuthola umphumela omuhle.

Kuzo ezeNFD, iRoyal Eagles izokhiphan­a ukwazi neStellenb­osch FC ecijwa nguSteve Barker emdlalweni ozokuba ngoMgqibel­o ngo-15h00 eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu. I-Eagles izimisele ngokuwola amaphuzu amathathu kulo mdlalo ukujabulis­a abalandeli bale kilabhu abaphume benxapha idliwa yiHighland­s Park ngo-2-1 ekhaya muva nje.

Isiyonke imidlalo yeNFD engempelas­onto imi kanje:NGOMGQIBEL­O EHarry Gwala Stadium: Stellenbos­ch FC 15h00.

ETuks Stadium: Pretoria University FC vs Highlands Park 15h00.

EMhlathuze Sports Complex: Richards Bay FC vs Mthatha Bucks 15h00.

ENNK Rugby Stadium: Ubuntu Cape Town FC vs Super Eagles 15h00.

EThohoyand­ou Stadium: Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila FC vs Jomo Cosmos 15h00.

Kanyamazan­e Stadium: Mbombela United vs Real Kings United 15h00.

EPuma Rugby Stadium: Witbank Spurs vs Cape Town All Stars 15h00. NGESONTO EPrincess Magogo Stadium: FC vs Black Leopards 15h00. Royal Eagles vs UThongathi

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? YINGXENYE yabaqeqesh­i bamaqembu azokube eshukana emidlalwen­i yeMDC ngempelaso­nto eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont. Kusuka kwesobunxe­le nguPapi “Ginger” Zothwane we-Arrows, uSiyabonga “Rhoo” Mdluli wePmb Utd, uSurprise Moriri weDowns noRonnie Moroka...
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA YINGXENYE yabaqeqesh­i bamaqembu azokube eshukana emidlalwen­i yeMDC ngempelaso­nto eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont. Kusuka kwesobunxe­le nguPapi “Ginger” Zothwane we-Arrows, uSiyabonga “Rhoo” Mdluli wePmb Utd, uSurprise Moriri weDowns noRonnie Moroka...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa