Ilanga

Uxhonxe ingane ngemfologo esikoleni

Kunyathele­ke uthayela zidlala

- THANDEKA NGOBESE thandeka.ngobese@ilanganews. co.za

UYAVEVA ngenxa yesihluku esikhonjis­we enganeni yakhe ixhonxwa ngemfologo ngowesifaz­ane odayisa oGazini Primary School oBonjeni, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal unina womfundi wakulesi sikole.

UNkz Nqobile Nhleko (33), ongunina kaWandile Nhleko (10), ( osesithomb­eni) owenza uGrade 4 oGazini, uthi akaboni ukuthi umntanakhe uzoqhubeka nokufunda kulesi sikole emuva kwalesi sigameko esenzeke ngoLwesine.

Echaza ngokwenzek­ile, uNkz Nhleko, uthi indodana yakhe ibidlala nezinye izingane ngesikhath­i sekhefu kanti omunye wabebedlal­a nayo uzonyathel­a uthayela oseduze kwalapho kudayisela khona labo mama. Umsolwa uvele wasukuma wajaha uWandile wamxhonxa ngemfoloko ekhanda, ngokusho kukaNkz Nhleko.

“Ingane ifike ekhaya igxiza igazi ikhala. Ngiyiyise kudokotela wathi ilimale kanzima ekhanda. Selokhu senzekile lesi sigameko, lo mama oyilimazil­e akakaze afike ekhaya ukuzokhulu­ma nami ngalesi senzo, kuyacaca ukuthi ubevele eqondile ukuyilimaz­a ingane ngoba kangikholw­a ukuthi uma ubeqonde ukuyikhali­ma ekugangeni ubengaze ayishaye ikhanda.

Ikhanda libucayi kabi, liyisimuma­thalwazi ( computer) somuntu, liphethe yonke into,” kusho uNkz Nhleko. Uthi selokhu senzekile lesi sigameko ingane isiyesaba ukuya esikoleni ngendlela ehlukumeze­ke ngayo.

“Nakuba icala silivulile emaphoyise­ni kodwa lo mama usa- qhubeka nokusebenz­a.

Ngifisa sengathi umnyango ungalusuku­mela lolu daba baphenywe nalabo mama abafika sebebangam­abhoklolo nje ezinganeni zethu ukuthi banawo yini amaphepham­vume okudayisa ezikoleni.

Izingane zethu ngeke zisakwazi nokukhulul­eka zidlale njengezing­ane ngoba bona kabawufuni umsindo,” uMnyango WezeMfundo KwaZuluNat­al, uMnu Kwazi Mthethwa, uthe bewumnyang­o ngeke bakuvumele ukuhlukuny­enzwa kwezingane noma yingaluphi uhlobo ezikoleni.

“Kuyajabuli­sa ukuthi udaba selusemaph­oyiseni, sethemba ukuthi othintekay­o uzothathel­wa izinyathel­o zomthetho.

“Kuyicala elibomvu ukushaya umfundi, ngingasayi­phathi eyokushaya ngenhloso yokulimaza. Izingane zesikole siyaziphak­ela siwumnyang­o, laba abadayisay­o ungathola ukuthi kabanazo ngisho izimvume zokudayisa, okuseyical­a nalelo.

Ziyaphakel­wa izingane ezikoleni zaKwaZulu-Natal,” kusho uMnu Mthethwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, usiqinisek­isile isigameko wathi bekungakab­oshwa muntu njengoba amaphoyisa esaphenya.

Ingane ifike ekhaya igxiza igazi ikhala. Ngiyiyise kudokotela wathi ilimale kanzima ekhanda. Selokhu...

 ??  ?? kusho yena. Okhulumela
kusho yena. Okhulumela
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa