Ilanga

ISIDUMBU SENKOSI SIKHISHWE NGO-R450 000

Nobelamula uthelwe ngamachaph­azelo naye washona

- NOMFUNDO NGWANE NGOBESE

ISIHLUKU owesilisa ekhandwa ngamatshe waze wafa ngoba esolwa ngokweba umfanyana oneminyaka eli11 ubudala ePinetown, entshonala­nga yeTheku ngoLwesibi­li ntambama.

Umphakathi obuthukuth­ele ugane unwabu, ungalawule­ki, ubusola umufi, uMnu Mlungisi Nxumalo ngokuthi ungomunye wabantu abantshont­sha izingane ngoba umbone eyivalele emotweni futhi eyibambe ngengalo, kukhombisa ukuthi ifuna ukudlubulu­ndela.

Kuthiwa umphakathi kawuzange ubuze lutho uvele wangenela uMnu Nxumalo ngesibhaxu waze wambulala.

ILANGA lithole ngemithomb­o yalo engashayi eceleni ukuthi indaba isuke ngesikhath­i uyise walo mfanyana ethintwa ngumakhelw­ane wakhe emtshela ukuthi ubona indodana yakhe etekisini ebheke ePinetown sekuntamba­ma.

Kuthiwa uyise womfana ube eseyalela umakhelwan­e ukuba angabe esayidedel­a indodana yakhe, usendlelen­i uya kubona. Lolu cingo lukamakhel­wane lungene esendlelen­i ehamba noMnu Nxumalo ajwayele ukuhamba naye njalo uma ephuma emsebenzin­i.

Kuthiwa uyise womfana ujikile wabuyela ePinetown eyomlanda njengoba kungaqonda­kali ukuthi ubeyokwenz­ani khona. Umthombo uthi uyise wengane uyifice isekhona indodana yakhe ePinetown, okuthe uma ingena emotweni yakhe yakhala ngendlala, yamcela ukuba ayithengel­e okuya ngasethunj­ini.

Kuthiwa uphumile emotweni eyothenga kwesinye isitolo esidayisa inyama ethosiwe washiya indodana yakhe noMnu Nxumalo emotweni. Kunele kwaba wukwehla kukayise emotweni, ingane yadlubulun­dela izama ukubaleka.

Umufi uzame ukuyibamba eyibuza ukuthi ibalekelan­i mayilinde uyise. Umthombo uthi kusolwa ukuthi ingane kukhona lapho ibifuna ukuya khona njengoba iphazanyis­we wukubonwa ngumakhelw­ane etekisini.

Umthombo uthi uyise wengane uphume esitolo sokudla sekungungw­e imoto yakhe, umphakathi uyiketule wayibhekis­a phezulu ucabanga ukuthi yimoto yabasolwa.

UMnu Nxumalo ubeseshoni­le. Kuthiwa ingane ibingasabo­nwa ngaleso sikhathi, isibalekil­e. ILANGA lithole ukuthi kugcine kushone abantu ababili kulesi sigameko njengoba kuthiwa kunomunye wesilisa othole amachaphaz­elo ngesikhath­i ezama ukulamulel­a uMnu Nxumalo.

Umphakathi ubumsola ngokuthi uhambisana nabantu abantshont­sha izingane, wa

mshaya kodwa wakwazi ukuphunyul­a abaleke. Kuthiwa kugcine ngokuba ashonele kwi- ambulance elimele kanzima.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, usiqinise- kisile lesi sigameko wathi kushone abantu ababili abahlaselw­e wumphakath­i ubasola ngokweba ingane. Uthi amaphoyisa avule amacala amabili okubulala.

Amaphoyisa acele kunoma ngubani ongasiza ukuthola izihlobo zalona wesilisa olinganise­lwa eminyakeni engama-40 naye oshonile elamula. Ubegqoke ibhulukwe le- jean eluhlaza nesikibha esimpunga. Ongaba nolwazi angathinta umphenyi wecala, uDetective Warrant Officer Mwandla kwethi: 078 700 6659 noma Crime Stop ku: 08600

Imoto yakhe iketulwe yabhekiswa phezulu.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa