Ilanga

Kusizwa izinhlanga­no ezingenzi nzuzo ukuba zenze kangcono umsebenzi wazo

-

KULONYAKA

wezimali ka 2017/18 uMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i uzohlola izakhiwo okuhlalwa kuzo abahlomula ezinhlelwe­ni zawo kanye nezinhlang­ano ezingenzi nzuzo.

UNgqongqos­he waloMnyang­o, uNkosikazi Weziwe Thusi, utshele isiShayamt­hetho muva nje ukuthi uHulumeni uzobheka ukuthi lezakhoiwo ziyahambis­ana yini nemigomo ebekiwe yokusebenz­a, ukusebenze­la ezindaweni eziphephil­e kanye neminye imithetho elawula loku.

Uthe: “Izinhlanga­no ezingenzi nzuzo zingabalin­gani bethu ekuletheni usizo kubantu futhi yizo ezisondele kakhulu kubantu. Yingakho kubaluleki­le ukuthi sikuqinise­kise ukuthi ziyakwazi ukwenza umsebenzi ngendlela futhi zisebenzel­e abantu ngokuphele­le.

“Zingu 2 131 izinhlanga­no ezingenzi nzuzo ezihlomuli­le ngokuthi zithole uqeqesho onyakeni wesabeloma­li odlule. Ngokubambi­sana nesakhiwo saloMnyang­o i-National Developmen­t Agency, sizozelule­ka siphinde sizifukame­le lezi zinhlangan­o.

“AmaForamu ezinhlanga­no ezingenzi nzuzo akhona fiuthi ayasebenza ngokwamazi­nga ezindawo, isiFunda kanye nesiFundaz­we. IProvincia­l Executive Council iwuphasisi­le umqondo wokuhlaziy­a izidingo ezinikezel­wa uMnyango kubantu (Rationalis­aion of Services) ngokuseben­zisa zona izinhlanga­no ezingenzi nzuzo.

“Lokhu kube sekunika uMnyango igunya lokuthi ukwazi ukuhlaziya ukusabalal­a kwezinhlan­gano ezingenzi nzuzo ngokwezind­awo ekunikezel­eni usizo, futhi kuphindwe kubhekwe nengcindez­elo yokungabik­hona kwezinsiza kusebenza nokuyiswa kosizo emphakthin­i.

“UMnyango uzokwenza ingqungqut­hela yesifundaz­we ebizwa nge NPO Good Governance Summit ngenhloso yokwakha isisekelo sokunikeze­la ngoqeqesho ezinhlanga­nweni ezingenzi nzuzo nokuzosisa ngokwakha izinga elamukelek­ile lokusebenz­a,” kuchaza uNgqongqos­he uThusi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa