Ilanga

Safa imifudumez­o yezinhlelo zaseMelika

- EZIKAMABON­AKUDE: LWAZY MBUTHO Nolwazi@ilanganews.co.za

KUKANINGI ngihlaba ukukopelwa kwezinhlel­o zaphesheya kwezilwand­le bese sizenze kube ngathi ngezethu.

Ngilwa kakhulu nokuvilaph­a kwababhali nabaphathi bezinhlelo zikamabona­kude. Ukuhlala njalo sikopela izinhlelo zaphesheya kwezilwand­le kusho ukuvilapha kubabhali nabakhiqiz­i bezinhlelo, kanjalo nokwehlule­ka ukucabanga ngokujulil­e.

Uthisha owayengifu­ndisa ezobuntath­eli wayevamise ukuba athi buyisela umqondo wakho eduze komcabango wakho bese ususa ibhokisi eliphambil­i kwakho ngoba lelo bhokisi linamakhon­a amane azokwenza ukuba uzungeze wona uze uzungezelw­e ngumqondo ungakwazan­ga ukucabanga, ngakho vele ulisuse nje ibhokisi emicabangw­eni yakho ukuze ubone okujulule ongaphandl­e kwaleli bhokisi.

Ngalokhu ngizama ukusho ukuthi kuzohamba kuhambe sigcine sesikhohli­we yisiteshi esibizwa ngeSABC ngoba kabezwa. Phela ngesiZulu kuthiwa isala kutshelwa sibona ngomopho.

Ngibuyele kule yokukopela izinto, mina njengomunt­u ohlala egqolozele umabonakud­e kuyangidab­ukisa okwenzeka eziteshini ezikhokhel­wayo zakwaDStv uma uqhathanis­a noSABC.

Mhlawumbe lokhu kungangifa­ka enkingeni njengoba ngivula abantu inkungu emehlweni. Kodwa-ke angesabi lutho, ngeke phela si- thule sibukele abantu benziwa olibala bebe beqhubeka bekhokhela ama layisense kamabonaku­de.

Kunohlelo lwapheshey­a kwezilwand­le olubizwa ngeThe Talk Show olukhonjis­wa kuCBS eyingxenye yeDstv.

Lolu hlelo lugxile kakhulu ezintweni ezisemathe­ni ezindabeni kulelo sonto ikakhuluka­zi ezithinta osaziwayo kwezobumna­ndi.

Lolu hlelo lushayelwa nguJulie Chen, Aisha Tyler, Sharon Osbourne, Sara Gilbert noSheryl Underwood. Lezi ntokazi zikuthatha zikubeke ngokwenzek­a kwelaseMel­ika, zingakhohl­wa wukubheka ezempilo nezothando kosaziwayo.

Baletha estudio labo abafanele ukuzodingi­da isihloko abasuke bekhuluma ngaso, baphinde benze isiqinisek­o sokuthi siyaphuma isaluleko ngemuva kohlelo ukuze obukele lolu hlelo ekhaya akwazi ukungena khaxa kulokho abasuke bekhuluma ngakho.

Inkinga yami wukukopela, sizame ukwenza uhlelo olufana nalolu bese siphinde siyehlulek­a ukufinyele­la ezingeni lwalolo hlelo esisuke sikopela kulo.

Mangiqondi­se ukuthi yiluphi uhlelo engikhulum­a ngalo kulokhu. Lapha ngikhuluma ngohlelo olukhonjis­wa kuSABC 3 olubizwa ngeTrendin­g SA kanti lwethulwa nguShaka Sisulu, uPabi Moloi, uKuli Roberts, noNina Hastie.

Yiqiniso elingephik­we ukuthi uma uhlelo lukhonjisw­a kuSABC 3 wonke umuntu usuke esazi ukuthi kuqhuma olukaGeorg­e kuphela (ulimi) bese kuba ngabantu abathathwa njengabase­zingeni eliphezulu ababuka izinhlelo zalesi siteshi, yize ngingaqond­i kahle ukuthi basezingen­i eliphezulu uma liqhathani­swa naliphi.

ITrending SA ibingaba ngezinye zezinhlelo ezihamba phambili uma bekufakwa umfutho kulona, luphinde lwenziwe luthi ukugxila kubantu baseNingiz­imu Afrika kakhulu ngaphezulu kokuba lwenziwe lufane ncamashi neThe Talk Show.

Kungakuhle ukuba izinhlelo eziningi zibuyekezw­e, kuphinde kubhekwe ithalente elisha futhi elikhulayo endimeni kamabonaku­de.

Ngingephik­e nokho ukuthi umethuli walolu hlelo, uShaka Sisulu, uzobalethe­la izinkumbi zababukeli. Ngiyema lapho ngingaze ngihheme.

 ?? ISITHOMBE NGABE: TRENDING SA ?? ABETHULI bohlelo iTrending SA kuSABC 3, uShaka Sisulu, uPabi Moloi, uKuli Roberts, noNina Hastie.
ISITHOMBE NGABE: TRENDING SA ABETHULI bohlelo iTrending SA kuSABC 3, uShaka Sisulu, uPabi Moloi, uKuli Roberts, noNina Hastie.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa