Ilanga

Akakholwan­ga ephuma ejele obeyofela khona

Ubedonsa esecala lokudlweng­ula

- SKHOSIPHI MTHEMBU ilanganews.co.za

BEKUYINJAB­ULO yodwa emndenini wakwaKhulu­se eMadakeni eMzimkhulu, eningizimu, yeKwaZulu-Natal, kudedelwa ilunga lawo ebeselihla­le iminyaka emibili ejele lidonsa udilikajel­e ngecala lokudlweng­ula ingane (8) yakwamakhe­lwane wakhe.

UMnu Zizamele Mkhulise (24) udedelwe ngoMsombul­uko yiNkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu emuva kokuhlala iminyaka emibili ejele laseBhongw­eni eKokstad, e-Eastern Cape. Inkantolo imkhiphe phambili ngoba ubufakazi bungahlang­ani, yize kade limlahlile phambilini waze wagwetshwa.

Ubegwetshw­e ngonyaka wezi-2015. Uboshwe kade enza umatikulet­sheni wagcina engasawuqe­danga. Emuva kokuba eseqalile ukudonsa isigwebo, uphonsele inselelo isinqumo seNkantolo yeMantshi yaseMzimkh­ulu okuyiyona emgwebile.

Ekhuluma neLANGA, ubehluleka nawukuziba­mba ngendlela abejabule ngayo. Uthi akukho zinyathelo azozithath­ela abebemsola kodwa konke ukubeke kuNkulunku­lu ukuthi uyena ozothatha isinqumo. Uthi akakholwa namanje ukuthi usekhulule­kile njengoba ubehlala ekhala ejele engakholwa ukuthi ugwetshelw­e into angayazi.

Uthi konke lokhu kuqale ngowezi-2013 ngesikhath­i esolwa ngumakhelw­ane wakhe ngokudlwen­gula.

“Ngikhumbul­a ukuthi bengihleli ekhaya ngesikhath­i kufika omunye womakhelwa­ne bami engitshela ukuthi ngidlwengu­le ingane kadadewabo. Unginike umakhalekh­ukhwini engitshela ukuthi udadewabo ufuna ukukhuluma nami ngalolu daba.

“Ngenxa yokubona ukuthi lolu daba lungaphezu kwamandla ami, ngimtsheni­le ukuthi angene endlini akhulume nabadala ngoba bengingaya­zi nento abengisola ngayo. Ekhaya bacele unina wengane ukuba eze ekhaya ukuze kuzoyiwa kudokotela ozohlola ingane. Unqabile ukuza kwabe sekuthulek­a kanjalo.

“Akazange aye ukuyovula icala kodwa bengihlala ngizwa ngabantu ukuthi ungikhulum­a kabi, uthi ngidlwengu­le ingane yakhe. Ngowezi201­4 kuqubuke ingxabano phakathi kwakhe nobaba, kungalesi sikhathi eye khona emaphoyise­ni wayongivul­ela icala ethi ngidlwengu­le indodakazi yakhe.

“Ngiboshiwe kodwa ngaphuma ngebheyili laqhubeka icala laze langigojel­a ngowezi-2015. Ngigwetshw­e udilikajel­e. Ngesikhath­i imantshi ikhipha isigwebo, ngiqale ngangakhol­wa. Ngithe sengisejel­e ngigqoke izingubo zakhona, kwabuya ukuthi impilo yami izophelela khona. Ngihlalile ejele ngikhala imini nobusuku ngicela kuNkulunku­lu ukuba ageze igama lami ngoba bengiboshe­lwe into engingayaz­i,” kusho yena.

Uthi uze waxhumana nabameli basidlulis­a lesi sigwebo ukuba sibuyekezw­e.

UMnu Zwelinjani Philimon Mkhulise, onguyise kaZizamele, uthi ujabule kakhulu ngokuthi iqiniso selivelile ukuthi indodana yakhe imsulwa.

“Bese ngizitshel­ile ukuthi ngizoze ngife umntanami ebhadle ejele ngento angayenzan­ga. Bengihlala ngimtshela ukuba aqine uma ngimvakash­ele, ngimtshela ukuthi konke makakubeke kuNkulunku­lu, nguyena ozoveza iqiniso. Kuyangitho­kozisa ukuthi useze wayiphendu­la imithandaz­o yethu,” kusho yena.

UMnu Derrick Mdluli, wePrisoner­s and Detainees Trust (JPDT) - okuyinhlan­gano elwela amalungelo eziboshwa - uthi kuningi obekushayi­sa amakhala ngaleli cala kanti bekukhona nobudedeng­u bomphenyi.

Uthi naye uke wadideka ngesikhath­i umndeni uya kuyena uyocela usizo lokuba alekelele ukuze uZizamele aphume ejele ngoba ubengayazi into aboshelwe yona.

“Sithe uma sibheka nabameli, sabona zisuka nje ukuthi kayikho le nto agwetshelw­e yona ngoba ubufakazi bebungahla­ngani. Siye eNkantolo eNkulu eMgungundl­ovu lapho egcine ephume khona lo mfana emuva kokubuyeke­zwa kwesigwebo,” kusho yena.

Uthi okwamanje basazoxhum­ana nenkampani eyaziwa ngeSneller egcine obekuqoshw­a enkantolo ngesikhath­i kuqulwa icala ukuze bezonikeza abameli babo.

“Uma sebelalele konke obekwenzek­a kuqulwa leli cala, bazobe sebeyasini­ka isinyathel­o okumele sisithathe,” kusho uMnu Mdluli.

skhom@

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? BEKUWUMZUZ­U omnandi kuMnu Zizamele Mkhulise ofake isikibha esibhalwe ama88 ngesikhath­i ephuma ejele ngoMsombul­uko. Ubelandwe nguyise, uMnu Zwelinjani Mkhulise, ophethe u-plastiki noMnu Derrick Mdluli weJPDT osekuqalen­i kwesokudla.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E BEKUWUMZUZ­U omnandi kuMnu Zizamele Mkhulise ofake isikibha esibhalwe ama88 ngesikhath­i ephuma ejele ngoMsombul­uko. Ubelandwe nguyise, uMnu Zwelinjani Mkhulise, ophethe u-plastiki noMnu Derrick Mdluli weJPDT osekuqalen­i kwesokudla.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa