Ukhule ethanda ichiefs owatakulwa ukomphela
AKASOZE amlibala usteve Komphela empilweni yakhe upogiso Sanoka obeyisitobha semaritzburg United edonsa kanzima kule sizini kwidstv Premiership.
Ukomphela osethimbeni labaqeqeshi bemamelodi Sundowns, nguyena onikeze lo mdlali ithuba lokudlala esigabeni esikhulu kuleli.
Lo mdlali uthi uyohleze elitusa njalo iqhaza elibanjwe ngukomphela empilweni yakhe.
Lo mdlali ukhonjwa kwits Galaxy katim Sukazi ngemuva kokuhlukana neteam of Choice ekuqaleni kwaleli sonto.
Usanoka uzalelwe e-amalia enorth-west, wase efudukela eschweizer Reneke, eveereniging.
Ufunde e-obakeng Primary nase-obakeng Secondary aphothule khona umatikuletsheni. Usuke lapho waliba-ngisa e-orbit College okulapho egogode khona izifundo zesports Management ngo-2011.
Uqale ukudlalela iwestern Tigers yama-amesha ne-ac Milan okungamakilabhu amcathulisile.
Ube esedlulela kwi-orbit College ebigijima esigabeni ebesaziwa ngesab League wakwazi ukuyisiza ngesikhathi inyukela kwivodacom League (Motsepe League).
Phakathi kwabanye abaqeqeshi ababamba iqhaza elikhulu empilweni yakhe ngupogiso Makhaye obeqeqesha isikwati sesikole seOrbit.
Ngesikhathi esadlala esikhungweni sase-orbit ube esebonwa ngukomphela esalolonga ifree State Stars ngo-2012 wayozama inhlanhla kuyona nokho izinto zafika zangalunga ngenxa yokuthi ukomphela wakhonjwa indlela. Ngesizini elandelayo wafonelwa nguma-ndla Ncikazi wamyengela kwimaritzburg United.
Ingxoxo YELANGA
Langesonto ( I/ L) nosanoka ngempilo yakhe yangaphandle kweNkundla ihambe kanje:
I/ L:- Awusithi fahla ngempilo yakho yasemgungundlovu njengoba udabuka erustenburg?
Sanoka: Ipmb yindawo enhle kakhulu nakuba incane kunezinye izindawo kodwa impilo yakhona iyashesha. Engikufundile kule ndawo wukuthi kumqoka ukuhlala ekhaya ukuze ungazitholi usuphambuka. Yindawo enabantu abaningi abahlukene abalikhonzile ibhola.
I/ L:- Pho isikhathi sakho usichitha kanjani?
Sanoka: Wukuzivalela endlini ngizihlalele nabangani bami. Ngikhonze ukudlala iplay-station ukuphumuza umqondo. Ngenhlanhla enkulu kukhona abafowethu engihlala nabo, abafundayo.
I/ L:- Usuthathile?
Sanoka:- Cha, kodwa ukhona engiphilisana naye, sibusiswe ngendodakazi.
I/ L:- Basakhona abazali?
Sanoka: Yebo, basaphila ngizalwa ngunelly benofbvoeijangee ubaba. Ngibathanda ukufa bobabili ngendlela efanayo. Emndenini sibawu-5 kukhona unaserame omdala, utebogo, kube yimina, ukelebogile noOnjarabetse. Kuningi engisafisa ukukwenzela abazali bami uma isikhathi sesivuma.
I/ L:- Yikuphi ukudla ozifela ngakho?
Sanoka:
Yi- pasta nelasagne, mhlawumbe ngiyidla kathathu ngelanga nobhanana ne- yoghurt kwazise isikhathi esiningi ngisichitha ejimini.
I/ L:- Ukhulele ekhaya elinjani?
Sanoka: Beyinzima kakhulu impilo ekhaya. Bekuyaye kube khona isikhathi imali ngingenayo kodwa ngenhlanhla enkulu umdali wakwazi ukungihlenga.
I/ L:- Ukhonza kuliphi ibandla?
Sanoka: Ekhaya sikhonza emethodist Church. Uma livela ithuba ngiyaya enkonzweni ngoba sikhuliswe ngalo isonto.
I/ L:- Yiluphi uhlobo lomculo oluthandayo?
Sanoka: Ngiwuthanda ukufa umculo we- hip-hop kabashar Barakah Jackson odume ngelikaPope Smoke.
I/ L:- Uhamba ngamotoni?
Sanoka: Ngihamba nge-audi R3 ingiphatha kahle kakhulu emgwaqweni uma ngilibangise ekhaya.
I/ L:- Usebenzisa hlobo luni lwesiqholo?
Sanoka: Ngithanda inight Oud unisex ingiphatha kahle.
I/ L:- Iyiphi indawo ofisa ukuyivakashela?
Sanoka: Ngikuhalela kabi ukuvakashela eport Elizabeth. Nokho ngizobuye ngikuhlele ukuya khona ngoba isimo sisenzima kuleli ngenxa yecovid-19.
I/ L:- Usebenzisa nhloboni yekhokho?
Sanoka: Yi-adidas X egila izimanga enkundleni ngoba ithambile yenza konke okudingayo.
I/ L:- Ukhule uthanda yiphi ikilabhu kwidstv Premiership?
Sanoka: Yikaizer Chiefs nakuba ngingenalo uzwelo uma ngibhekene nayo kwazise wumsebenzi nami engisuke ngiwenza. Ngikhule ngithanda ucyril
“Skhokho” Nzama osebeke amakhokho ethala.
I/ L:- Ngabe ukhona ezinkundleni zokuxhumana?
Sanoka: Yebo, Ngikhona kwiwhatsapp, i-instagram nakwifacebook.
I/ L: Yikuphi ofisa ukukwenza uma usubeke amakhokho ethala?
Sanoka: Wukuvulela abadlali abasakhula ithuba lokuyodlala kwipremiership. Ngifisa ukwakhela abazali bami umuzi omuhle.
I/ L:- Yiliphi izwe ongakujabulela ukuyodlala kulona?
Sanoka: Yise-england ngoba ibhola lakhona liyashesha futhi lidle ngokugijima ngaso sonke isikhathi.
I/ L: Yimuphi umbala owuthandayo?
Sanoka: Omnyama.
I/ L: Yisiphi isilwane osesabayo?
Sanoka: Ngiyisaba ukufa inyoka.
I/ L: Uthini umbono wakho ngecovid-19?
Sanoka: Sinzima isimo esibhekene naso kodwa okubalulekile wukuthi abantu kumele balandele imithetho ebekiwe yecovid-19.
I/ L: Uthini umlayezo wakho entsheni?
Sanoka: Uma ifuna impumelelo kumele izimisele futhi isebenze kakhulu. Kayikho lula impilo emhlabeni nasebholeni kuyabekezelwa.