DURBAN GEN
Uthi bahlangabezane nobunzima obukhulu futhi basebenza ngaphansi kwezimo ezibucayi. “Siyajabula ukuthi sikwazile ukugcina isikhathi ebesibekelwe sona sale sizini, nakuba sike saphoqeleka ukuba sime isikhathi eside singaqophi ngenxa yecovid-19.
"Ukubuyela kwethu (emuva kokuma) kusho ukuthi kumele sisebenze ngokuphindiwe futhi sishintshe nendlela ebesijwayele ukwenza ngayo izinto phambilini,” kusho ugugu.
Ubonge ithimba lababhali, abaqondisi, abalingisi nabo bonke abasebenza kulo mdlalo, ngokuzikhandla esikhathini obekungelula ukusebenza ngaphansi kwaso. “Ukusebenza nabantu abazinikele ngalolu hlobo yikhona okwenze sakwazi ukufinyelela la sikhona manje. Kuphoqeleke ukuba senze izinguquko ezinqala ukuze siqikelele ukuphepha kozakwethu kuleli gciwane futhi siqhubeke nokuphakela abantu into abayifunayo,” kusho ugugu othembisa lukhulu ngesizini ezayo yozalo. “Ziningi izinguquko esizoqhamuka nazo njengoba siqala isizini entsha - kusukela endleleni esiwubhala ngayo lo mdlalo, kuya kubalingisi abasha. "Okubalulekile wukubuyisela Uzalo kumnyombo walo kusukela luqala kumabonakude,” kusho yena. Uvumile ukuthi kula masizini adlule bathe ukuphuma emnyombeni womdlalo nangendlela ababewuqale ngayo. “Sifuna ukuwubuyisela lapho sasiqale khona empilweni eyejwayelekile yomndeni, isonto nobugebengu baselokishini lakwamashu.
"Okunye okubalulekile wukuqhubeka nokufundisa ngezinto ezahlukene ezithinta impilo njengoba sike senza ngodaba oluthinta abantu abanebala elimhlophe,” kusho ugugu.
Mayelana nokwehla kwezibalo zababukeli kulo mdlalo, ugugu uthe kuningi okube nomthelela walokhu.
“Okokuqala okumele sikuqaphele wukuthi yonke imidlalo yehlelwe ngababukeli, akulona Uzalo kuphela. Okuhle wukuthi nakuba sehlile isibalo kodwa asizange sigudluke esicongweni njengoba besisalokhu siqhwakele phezulu kwabanye esincintisana nabo,” kusho yena.
Uthe umthelela wokwehla kwezibalo wukuthi njengoba abantu bebehleli emakhaya, bebevuka ekuseni kuthi kushaya isikhathi santambama, sebekhathele wumabonakude, sebenza ezinye izinto.
Akafunanga ukugxila endabeni yabalingisi abasha abajoyina lo mdlalo, kodwa uveze ukuthi kuzoba nomfundisi omusha ongumlingisi oyintandokazi ozojika izinto kulo mdlalo.
Ngaphandle kokuqopha Uzalo, istained Glass iphinde iqophe omunye umdlalo okhombisa ukukhula ngesivinini ngababukeli, idurban Gen, nayo ekhonjiswa phakathi nezinsuku esiteshini esizimele, i-e.tv.
Uchaze lo mdlalo njengosazoveza okuningi okwenzeka ezibhedlela, nempilo abantu abangajwayele ukuyibona kuzona.
Uphinde wacacisa nangesizathu sokushaya indiva udaba lwecovid-19 kulo mdlalo njengoba kungakhulunywa nhlobo ngalo. Uthe kwaba yisinqumo abasidingida ngesikhathi bewuhlela lo mdlalo ukuthi uzoba sesikhathini esingenayo icovid-19.
“Ukuba sithinte indaba yecovid-19 kulo mdlalo, kuningi obekuzoba yinkinga uma sesiqopha njengoba bekuzophoqa ukuba singabi nazo izivakashi esibhedlela nobekuzokwenza ukuba izindaba esifuna ukuziveza kubantu zingaveli ngendlela efanele nebesifuna ngayo.
"Okunye wukuthi bekuzophoqa ukuba odokotela nonesi bazifihle kusukela ekhanda, obekuzokuba yisiphazamiso,” kusho ugugu ekucacisa ukuthi bayayilandela yonke imigomo yokuvikela izisebenzi zabo ngaphambi kokuba baqophe.
Ugugu uthe kuyamjabulisa ukuba nemidlalo emibili ewuchungechunge ehamba phambili emzansi.